Back to top

Sabbath Bible Lessons

UMGCINIMAFA WEQINISO (1) - Ukubonisana noMdali Wethu

 <<    >> 
Isifundo 9 ISabatha, Ndasa 4, 2023

Uma Sizivuma

IVESI LEKHANDA: “Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi“(1 Johane 1:9).

“Vuma izono zakho kuNkulunkulu, oNguye kuphela ongazithethelela, neziphambeko zenu omunye komunye.”-Steps to Christ, p. 37.

Izincwadi Ezinikeziwe:   Steps to Christ, pp. 23-35, 37-41; 
  Testimonies for the Church, vol. pp. 635-650. 

NgeSonto Nhlolanja 26

1. INDLELA EFANAYO KOKUSHA NOKUDALA

a. Njengoba uNkulunkulu engagquki (Malaki 3:6, Heberu 13:8), kuyini esingakuqonda ngesifiso Sakhe maqondana nokusindiswa kwayo yonke imiphefumulo ayidalileyo? Amahubo 78:38; Hezekeli 18:32; 2 Peter 3:9.

“[UNkulunkulu] akafuni kubhubhe namunye, kodwa ulangazela ukubona bonke beza ekuphendukeni….Inkemba yokulunga yahlela [kuJesu] ukuze bahambe bekhululekile. Wafa ukuze baphile.”-God’s Amazing Grace, p. 326.

b. Ekunikezelweni kwethempeli elakhiwa nguSolomoni, iyiphi inxenye enkulu yeTestamende Elidala amemezela ukuzimisela kukaNkulunkulu ukuthethelela? 2 Izikronike 7:12-14. Lokhu kuzwakala kanjani kwiTestamende Elisha? 1 Johane 1:9; 2:1.

“Isono somuntu asenze ngasese kumele sivunywe kuKristu, oNguye kuphela umlamuli phakathi kukaNkulunkulu nomuntu….Sonke isono siyenyanyeka kuNkulunkulu, futhi kumele sivunywe Kuye ngoKristu. Zonke izono ezisobala kufanele zivunywe obala. Ububi obenziwe komunye umuntu kufanele bulungiswe nalowo owoniwe. Uma kukhona ofuna impilo ngenxa yecala lokukhuluma kabi, uma athe wadala ingxabano endlini, komakhelwane, noma ebandleni, othe wabhebhethekisa ukwehlukana, hleze ngomkhuba omubi uye wafaka abanye esonweni, lezinto kumele zivunywe phambi kukaNkulunkulu naphambi kwalabo abezwe ubuhlungu.”-Gospel Workers, pp. 216, 217.


NgoMvulo Nhlalanja 27

2. INYATHELO LOKUQALA EKUZUZENI UKUTHETHELELWA

a. Njengoba umsebenzi kaMoya Ongcwele ungukuletha ukuqiniseka enhliziyweni (Johane 16:8), kufanele ibeyini impndulo yethu yokuqala? Amahubo 86:5.

“Ukuboniswa isono kubamba ingqondo nenhliziyo. Isoni sinomqondo wokulunga kukaJehova sizwa ukwesaba kokubonwa, ngesono sakhe kanye nokungcola, siphambi kwalowo oHlola izinhliziyo. Sibona uthando lukaNkulunkulu, ubuhle bobungcwele, injabulo yokuhlanzeka; silangazela ukuhlanzwa nokubuyiselwa ebudlelwaneni neZulu.”-Steps to Christ, p. 24.

“Ukuthi inguquko eza ngenxa yomfutho womusa ongcwele phezu kwenhliziyo iholelwa ukuba ivume futhi ishiye isono. Zazinjalo izithelo zabapostoli abazimemezela futhi zabonwa ekuphileni kwamakholwa aseKorinte.”-The Acts of the Apostles, p. 324.

b. Uma sibheka isibonelo ngosuku lwePentekoste, kuyini okwenzeka ngenxa yokuvuka kukanembeza ekugwetshweni kwesono? Izenzo 2:36, 37.

“Kwakungenxa yokuvuma nokushiya isono, ngomkhuleko ophikelelayo nangokuzinikela kuNkulunkulu, nokuthi abafundi bokuqala balungiselela ukuthululwa koMoya Ongcwele ngosuku lwePentekoste. Umsebenzi ofanayo, kuphela ngezinga eliphakeme, kumele wenziwe.”-Testimonies to Ministers, p. 507.

c. Singawuchaza kanjani umphumela wokuqiniseka okuholela kwinguquko yokuphila? Izenzo 2:38.

“Ngaphambi kokuba [uIsrayeli] athole ukuthula kweqiniso kwakumele aholelwe ukuba abone futhi avume sona kanye isono anecala ngaso.”- Patriachs and Prophets, p. 614.

“Ukuvuma kweqiniso njalo kungokwesimilo esikhethekile, nokuvuma izono ezithize. Lokhu kungaba okwemvelo futhi kulethwe phambi kukaNkulunkulu, kungaba khona iziphambeko okumele zivunywe kumuntu ngamunye ozwe ubuhlungu ngenxa yabo, noma babe ngolunye uhlobo okumele lwaziwe lapho kuhlangene abantu. Kodwa konke ukuvuma kumele kuqiniseke futhi kuqonde, ngokuvuma izono onecala kuzo.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 639.


Ngolwesibili Nhlolanja 28

3. ISIBONELO SOKUPHENDUKA KWAMANGA

a. Ingabe uJudasi waphenduka ekukhapheleni uKristu kumpristi omkhulu (Mathewu 26:14-16, 47-49)? Kungani noma kungani kungenjalo? Mathewu 27:3, 4.

“UJudasi manje uzilahla ezinyaweni zikaJesu, evuma Kuye ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu, emncenga ukuba aZikhulule. UMsindisi akazange amsole lowo owamkhaphelayo. Ubazi ukuthi uJudasi akaphendukanga ngokweqiniso; ukuvuma kwakhe kwaphoqeleka ukuba kusuke emphefumulweni wakhe onecala ngomqondo omubi wokulahlwa kanye nokufuna ukwahlulelwa, kodwa akazange abenosizi olujulile oludabukisayo lokuthi wakhaphela iNdodana kaNkulunkulu engenacala, wenqaba uMoya Ongcwele kaIsrayeli. Nokho uJesu akakhulumanga izwi lokulahlwa. Wabheka uJudasi wamhawukela, wathi, ngokuba ngalesi sikhathi ngiZile emhlabeni.”-The Desire of Ages, p. 722.

“Uma isono sesibulele umbono wokuziphatha, owenza okubi akahlukanisi ubuthakathaka besimilo sakhe noma abone ububi besono asenzile; ngaphandle kokuthi azinikele kumandla alahlayo oMoya Ongcwele uhlala ephuphuthekile inxenye esonweni sakhe. Ukuvuma kwakhe akuqinisekanga futhi akukho qotho. Konke ukuvuma kwesono sakhe sinezela ukuxolisa sithethelela indlela yaso, sithi ukuba bekungengenxa yezimo ezithile ubengeke enza lokhu noma lokhu asolwa ngakho.”-Steps to Christ, p. 40.

“Ngokukholwa nokukhuleka bonke bangafinyelela kwizimfuno zevangeli. Akukho muntu ozocindezelwa ukuba one. Kumele kutholwe imvumo yakhe kuqala; umphefumulo kumele ubenehloso ngesenzo esibi ngaphambi kokuba inkanuko ibuse phezu kwengqondo noma ububi bunqobe unembeza. Isilingo, noma sinamandla kangakanani, angeke saba izaba zokona.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 177.

b. Chaza ukuthi lokhu kwakuluhlobo lokuphenduka okuholela ekuphileni okuphakade noma cha. Mathewu 27:5; 2 Korinte 7:8-11.

“Abaningi bayazikhohlisa, futhi bangena kumacebo lawo iNkosi engenamsabenzi ngawo. Kodwa indlela kuphela ephephile engalandelwa ukulalela izwi leNkosi. Esikhundleni sokwenza lokhu, abaningi bahlosa ukwenza izinto ezimangalisayo. Bathola kulula ukuceba into enkulu kwisikhathi esizayo kunokuba badele umina, banikele inhliziyo kuNkulunkulu, ngengqondo, ngentando, bazinikele ukuba babunjwe ngamandla lawo angadala noma abulale. Abasha mabahlole ngokujulile izenzo zabo ngomthandazo nangokuphenya iMibhalo, futhi babone ukuthi intando nokuthambekela kwayo akusuki yini kwizimfuno zikaNkulunkulu.”-The Youth Instructor, Ndasa 23, 1893.


Ngolwesithathu Ndasa 1

4. ISIBONELO SOKUGUQUKA KWEQINISO (AMAHUBO 51)

a. Kuyini okwenzekayo uma singazivumi izono zethu phambi kukaNkulunkulu futhi kulokho sithule ngakho? Amahubo 32:3, 4.

b. Ngemva kokuba umprofethi uNathani aveze ngokuqondile ekwembuleni izono zikaDavide (2 Samuweli 12:1-12), inkosi yaphendula yathini? 2 Samuweli 12:13.

“Ukukhuza komprofethi kwathinta inhliziyo kaDavide; unembeza wavuswa; isono sakhe sabonakala ubukhulu baso bonke. Umphefumulo wakhe wakhothamela ukuphenduka phambi kukaNkulunkulu.”-Patriachs and Prophets, p. 722.

“Ukuphenduka kukaDavide kwakuqotho futhi kujulile. Wawungekho umzamo wokufihla isono sakhe. Kungekho nesifiso sokubalekela isijeziso esisongelwayo, kwakhuthaza umkhuleko wakhe. Kodwa wabona ububi bokwephula kwakhe umthetho kaNkulunkulu; wabona ukungcola komphefumulo wakhe; wasenyanya isono sakhe. Kungesikho ukuthethelelwa kuphela ayekukhulekela, kodwa ukuba ahlanzwe nenhliziyo. UDavide akazange aphelelwe yithemba ngenxa yalomshikashika. Ezithembisweni zikaNkulunkulu izoni eziphendukayo zibona ubufakazi bokuthethelelwa nokwamukelwa kwakhe.”-Ibid., p. 725.

c. Lokhu kwenzeka kanjani futhi enhliziyweni kaSimon waseBethaniya? Luka 7:40-48. Ngeyiphi indlela kuphela ukuthula nokubuyisana okungatholakala ngayo? Amahubo 32:5; Jeremiya 3:13; 1 Johane 1:9.

“Njengoba enza uNathani kuDavide, uKristu wafihla umuzi Wakhe waphonswa ngaphansi kweveyili lemifanekiso. Waphonsa phezu kwebutho Lakhe umthwalo wokumemezela isigwebo phezu kwakhe. USimoni waholela esonweni owesifazane owayedelelekile kuye manje. Woniwe kakhulu nguye. Abakweletayo ababili kulomfanekiso, USimoni nowesifazane babemelwe. UJesu akazange ahlele ukufundisa ukuthi amazinga ahlukene esibopho kufanele atholwe yilabantu ababili, ngoba omunye unecala lokubonga esingeke sakhokhwa futhi. Kodwa uSimoni wazizwa elungile kakhulu ukudlula uMariya, uJesu walangazela ukuba abone ukuthi likhulu kangakanani ngempela icala lakhe. Uzombonisa ukuthi isono sakhe sasisikhulu kunesakhe, sikhulu kakhulu sedlula isikwekeletu sodenariyo abangamakhulu amahlanu sedlula isikweletu sodenariyo abangamashumi amahlanu .

“USimoni waqala ukuzibona ngokukhanya okusha….Amahloni ambamba, wabona ukuthi uphambi koMkhulu kunaye.

“USimoni wathintwa umusa kaJesu ngokungamkhuzi phambi kwezihambi….Iseluleko sesineke saqinisekisa iphutha lakhe. Wabona ubukhulu besikweletu asikweleta iNkosi yakhe. Ukuqhosha kwakhe kwathotshiswa, waphenduka, futhi uMfarisi ozikhukhumezayo waba umfundi ophansi, ozidelayo.”-The Desire of Ages, pp. 566-568.


Ngolwesine Ndasa 2

5. ISIPHO SOKUTHETHELELA

a. Uma singene ngokujulile esonweni, singaholelwa kanjani osizini olujulile lwezono zethu? Izenzo 5:30, 31; Isaya 55:6, 7; Heberu 4:16.

“Inguquko efana nalena, ingaphezu kwamandla ethu ukuba singayifeza; itholakala kuphela kuKristu, owenyukela phezulu futhi wanika abantu izipho.”-Steps to Christ, p. 25.

“Uma ubona ukona kwakho, ungalindi ukuba uzenze ngcono. Bangakhi abacabanga ukuthi abalungile ngokwanele ukuza kuKristu. Ingabe ulindele ukubangcono ngemizamo yakho? ‘UMkhushe angasiguqula isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo-na? Khona ningenza okuhle nina-enifundisiwe ukwenza okubi,’ Jeremiya 13:23. Lukhona usizo lwethu kuphela kuNkulunkulu. Masingalindeli ukuncenga okunamandla, noma amathuba angcono, noma ukuphatha okungcwele. Angeke sazenzela lutho ngokwethu. Kufanele size kuKristu njengoba sinjalo.”-Ibid., p. 31.

b. Singalindela ngokugcwele kangakanani ukuthi lomsebenzi kaNkulunkulu wenzelwe thina nakithi? Heberu 12:12; Filiphu 1:6.

“Ukuphenduka, kanye nokuthethelela, kuyisipho sikaNkulunkulu ngoKristu. Kungenxa yomfutho kaMoya Ongcwele esilahlwa ngesono, sizizwe sinesidingo sokuxolelwa. Akukho ngaphandle kwabazisolayo abathola ukuthethelelwa; kodwa kungumusa kaNkulunkulu owenza inhliziyo idabuke. Ujwayelene nobuthakathaka bonke bethu nokugula kwethu, futhi uZosisiza.”-Selected Messages, bk. 1, p. 353.

c. Uzoba yini umphumela waloluhlobo lokuvuma kwangempela? Roma 8:1.


Ngolwesihlanu Ndasa 3

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Kuyini esingakufunda kumkhuleko kaSolomoni ekunikelweni kwethempeli?

2. Yimaphi amanyathelo esiwadingayo ngempela uma sifuna ukuhlanganyela ekuqedeni umsebenzi kaNkulunkulu ngaphansi kwamandla Emvula Yamuva?

3. Kungani kunesidingo sokuvuma izono zethu kuNkulunkulu? Sinokuziphendulela okungakanani ngesenzo sokona?

4. Sidinga ukucophelela kangakanani ekuboniseni umuntu ukuthi unecala?

5. Kungenzeka kanjani ukuba isoni siphenduke-na?

 <<    >>