Back to top

Sabbath Bible Lessons

UMGCINIMAFA WEQINISO (1) - Ukubonisana noMdali Wethu

 <<    >> 
Isifundo 6 ISabatha, Nhlolanja 11, 2023

Umthetho kaNkulunkulu Umi Phakade

IVESI LEKHANDA: “Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima” (1 Johane 5:3).

“[UKristu] usibizile ukuba sithandane njengoba esithandile Yena. Inkolo isekelwe othandweni lukaNkulunkulu, olubuye lusiholele ukuba sithandane. Lugcwele ukubonga, ukuthobeka, ukubheka-kade. Luyazidela, luyabekezela, lunomusa, futhi luyathethelela. Lungcwelisa ukuphila konke futhi lwelulele umfutho walo kwabanye.”-Testimonies for the Church, vol. 4, p. 223.

Incwadi Ezinikeziwe:   Patriachs and Prophets, pp. 303-314. 

NgeSonto Nhlolanja 5

1. UMDALI ONGAGUQUKI

a. Kuyini esingakuqonda ngoKristu maqondana nomthetho kaNkulunkulu wokuziphatha ngesikhathi ephila lapha emhlabeni njengeNdodana yomuntu? Mathewu 5:17, 18.

b. Babekhetheke kanjani abaholi bakwaJuda maqondana nokugcinwa komthetho kwangaphandle? Mathewu 23:23; Filiphu 3:4.

“[Abaholi bamaJuda] babeshisekela ukugcina ukubonakala kobungcwele, kodwa kabanakanga ubungcwele benhliziyo. Lapho abanamatheli bencwadi yomthetho, babelokhu bephula umoya wayo. Isidingo sabo esikhulu esenguquko abayidingayo yileyo uKristu ayichazela uNikodemu-ukuzalwa kabusha kokuziphatha, ukuhlanzwa esonweni, kanye nokuvuselelwa kolwazi nobungcwele.”-The Desire of Ages, p, 174.

c. Kuyini esingakubona ngecala likaJesu elibonisa ukuthi wayenge-Yena oweqa umthetho? Mathewu 26:59, 60.

“UMsindisi noma abalandeli Bakhe abawephulanga umthetho weSabatha. UKristu wayengummeli ophilayo womthetho. Akukho ukwephulwa kwemithetho yawo ezingcwele okwatholakala ekuphileni Kwakhe. Uma ebheka isizwe sofakazi ababefuna ithuba lokumlahla ngecala, wayengasho ngokungangabazi, ‘Ngumuphi kini ongangilahla ngesono-na?’ Johane 8:46.”-Ibid., p. 287.


NgoMvulo Nhlolanja 6

2. UMTHETHO ENHLIZIYWENI KAJESU

a. Kuyini okwalungiselelwa uJesu lapho efika emhlabeni-na? Heberu 10:5-10.

“Kwakungelona ithuba, kodwa icebo lokuthi uMhlengi womhlaba kufanele ethule umqhele Wakhe, abekele eceleni ingubo Yakhe yobukhosi, eze emhlabeni wethu njengomuntu. Wembathisa ubungcwele Bakhe ngengubo yomuntu, ukuze eme njengenhloko yomkhaya woluntu, Ubuntu Bakhe bahlangana nobuntu besizwe esiwileyo ngenxa yokungalaleli kukaAdam.”-The Southern Work, p. 85.

b. Uma sifunda isigaba esifanayo kwiTestamende Elidala ngoKristu, kuyini okwaprofethwa obekufanele kube senhliziyweni Yakhe? Amahubo 40:6-8.

“Kwakungenxa yokwephula umthetho okwaholela esonweni, usizi, nokufa. USathani wathi uzofakazela emhlabeni wonke uNkulunkulu awudalile, nakuzo izihlakaniphi zezulu, ukuthi angeke kwenzeka ukugcina umthetho kaNkulunkulu. Ngesikhathi uAdamu ezinikela esilingweni sesitha, futhi wawa endaweni yakhe ephakeme nengcwele, uSathane nezingelosi zakhe bajabula. Kodwa kwezwakala izwi livela esihlalweni sikaNkulunkulu likhuluma amazwi angaqondakaliyo. [Amahubo 40:6-8 ngokuphindwa] Lapho umuntu ewa, uKristu wamemezela inhloso Yakhe yokuba nguMbambeli nesiqiniseko somuntu.”-The Review and Herald, Mandulo 3, 1901.

c. Uma samukela uKristu ezinhliziyweni zethu, kuyini esikwamukelayo okungeke kwasehlukanisa Naye? Amahubo 119:70, 72, 77, 174.

“Ijoka elisihlanganisa emsebenzini ngumthetho kaNkulunkulu. Umthetho omkhulu wothando wembulwa eEdeni, wamenyezelwa eSinayi, futhi ngesivumelwano esisha esibhalwa enhliziyweni, yilokhu okuhlanganisa isisebenzi somuntu nentando kaNkulunkulu. Uma siyekelwa ukuba silandele izinkanuko zethu, siye lapho nje intando yethu isiholela khona, sizowela emzileni kaSathane sibe ngaphakathi kwezimfanelo zakhe. Kanjalo uNkulunkulu usivalela entandweni Yakhe, ephakeme, nehloniphekile, nephakemeyo. Ufisa ukuthi siyenze ngokubekezela nangokuhlakanipha imisebenzi yenkonzo. Ijoka lenkonzo uKristu ngoKwakhe alithwalela umuntu.”-The Desire of Ages, p. 329.

“Ukulunga kuwubungcwele, ukufana noNkulunkulu, ‘uNkulunkulu uluthando.’ 1 Johane 4:16. Kungukuvumelana nomthetho kaNkulunkulu, ngokuba imiyalo Yakho yonke ilungile’ (Amahubo 119:172), Ngakho-ke ‘uthando lungukugcwaliseka komthetho’ (Roma 13:10). Ukulunga kuluthando, nothando ukukhanya nokuphila kukaNkulunkulu. Ukulunga kukaNkulunkulu kuhlanganiswe kuKristu. Sithola ukulunga ngokwamukela Yena.”-Thoughts from the Mount of Blessing, p. 18.


Ngolwesibili Nhlolanja 7

3. EMTHETHWENI-KE NAKUBAPROFETHI

a. Lapho uJesu echazela abafundi ukuthi ukuphila Kwakhe kwakungubufakazi obuphilayo bokuthi unguMesiya, wasebenzisa muphi umbhalo-na? Luka 24:27, 44.

“Bekuyinhloso Yakhe ukukhanyisa ukuqonda kwabo futhi aqinise okholweni lwabo phezu ‘kwezwi lesiprofetho esiqinisekile.’ Wayefisa ukuba iqiniso ligxile ezingqondweni zabo, hayi ngenxa yokuthi lalisekelwa ubufakazi Bakhe uqobo, kodwa ngenxa yobufakazi obungenakungatshazwa obethulwa yizimpawu nezithunzi zomthetho ojwayelekile, nangeziprofetho zobufakazi beTestamende Elidala. Kwakudingeka kubalandeli bakaKrstu ukuba babenokholo oluhlakaniphile, kungesikho ngenxa yabo kuphela, kodwa ukuze bathwale ulwazi ngoKristu emhlabeni. Futhi inyathelo lokuqala ngqa lokudlulisela lolu lwazi, uJesu waqondisa abafundi ‘kuMose nakubaprofethi.’ Lokho kwakungubufakazi obanikezwa uMsindisi ovukile ngenani lokubaluleka kweMibhalo yeTestamende Elidala.”-The Great Controversy, p. 349.

b. Abafundi, njengoba babeshumayela isigijimi sevangeli, bafakazela kanjani ukuthi uJesu wayengoThenjisiwe? Izenzo 28:23.

“UMoya kaNkulunkulu wawuhambisana namazwi akhulunywayo, nezinhliziyo zathinteka. Umpostoli unxusa iziprofetho zeTestamende Elidala, nesimemezelo sakhe sokuthi sezigcwalisekile emsebenzini kaJesu waseNazaretha, waqiniseka emiphefumulweni eminingi elangazelela ukubonakala kukaMesiya othenjisiwe. Namazwi esiqinisekiso sokuthi izindaba ezimnandi’ lensindiso kwakungeyamaJuda nabezizwe ngokufanayo, kwaletha ithemba nenjabulo kulabo abangabalwanga phakathi kwabantwana bakaAbrahama ngokuya ngokwenyama.”-The Acts of the Apostles, pp. 172, 173.

“Ngokushumayela kwakhe kwabaseThesalonike, uPawule wanxusa isiprofetho seTestsmende Elidala maqondana noMesiya. UKristu emsebenzini Wakhe wavula izingqondo zabafundi Bakhe maqondana neziprofetho; wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasise eMibhalwe okuqondene Naye.’ Luka 24:27. UPeter ekushumayeleni kwakhe ngoKristu waveza ubufakazi Bakhe kusukela kwiTestamnde Elidala. NoStefani walandela indlela efanayo. NoPawule naye emsebenzini wakhe waveza imibhalo ekhuluma ngokuzalwa, ukuhlupheka, ukufa nokuvuka, nokunyuka kukaKristu. Ngobufakazi obuphefumulelwe bukaMose nabaprofethi wabonalalisa isimilo sikaJesu waseNazaretha noMesiya wababonisa ukuthi kusukela ezinsukwini zikaAdamu bekuyilizwi likaKristu elalikhuluma nokhokho nabaprofethi.”-Ibid., pp. 221, 222.


Ngolwesithathu Nhlolanja 8

4. UMTHETHO NOKUKHOLWA

a. Ingabe ukubeka ukholo kwethu kuJesu njengoMsindisi wethu ingabe siyawuqedq umthetho-na? Roma 3:31.

b. Sibusiso sini esimenyezelwa kulabo abagcina umthetho? Isambulo 22:14.

“Ngokwephula umthetho kaNkulunkulu isiqalekiso sehlela uAdamu noEva, ngakho-ke balahlekelwa ilungelo lonke lomuthi wokuphila. UKristu wafela ukusindisa umuntu, futhi walondoloza ukuhlonipha umthetho kaNkulunkulu. Uthi ‘Babusisiwe abagcina umthetho Wakhe ukuze babe nelungelo lokungena emzini ngamasango.’ INdodana kaNkulunkulu lapha ibonisa ukugcinwa komthetho kaNkulunkulu njengombandela welungelo lomuthi wokuphila. Ukwephulwa komthetho kaNkulunkulu kuvimbela umuntu ilungelo lomuthi wokuphila. UKristu wafa, ukuze ngamandla egazi Lakhe, ukulalela umthetho kaNkulunkulu kungenza umuntu afanele isibusiso sezulu, amuphe ilungelo futhi lomuthi wokuphila.”-Spiritual Gifts, vol. 3, p. 88.

“Izingelosi zisizungezile uma sihamba phezu kolwandle lwesibuko ukungena emasangweni omuzi. UJesu waphakamise isandla Sakhe esinamandla, nesikhazimulayo, wasibeke phezu kwamasango eParele, wabuyisela emuva imigoxo yawo ecwazimulayo, wayesethi kithi, ‘nigezile izingubo zenu egazini Lami, nema niqinile ngenxa yeqiniso Lami, ngenani.’ Sonke sangena sazizwa ukuthi sinelungelo eliphelele emzini.”-Early Writings, p. 17.

c. Lokhu kubonisa kanjani ukuthi uNkulunkulu akaguquki? Heberu 13:8.

“UJesu uzosenzela izinto ezinkulu, uma senza umsebenzi wethu ngokuthembeka. Kufanele sinikele intando yethu entandweni kaNkulunkulu. Kufanele sihloniphe iNkosi ngokulalela yonke imthetho Yakhe, ngisho nasezintweni esithi zincane. Iqiniso yileli, njengoMqambi walo engcwele, akaguquki ezimfunweni zazo, bezinjalo izolo, namuhla, naphakade. Akavumelani nemikhuba yabantu, futhi akathobeli imicabango yabo. Iqiniso njalo lihlukanisa phakathi kwabantu bakaNkulunkulu kanye nomhlaba. Kodwa uma isimo seminyaka edlule, njengabantu abakhethekile, abavunywe uNkulunkulu, ingabe usibheka kanjani isimo sethu namuhla? Ingabe sizuzile ngokwesimoya njengoba sisukile kubulula bethu bokuqala?”-The Signs of the Times, Nhlaba 25, 1882.


Ngolwesine Nhlolanja 9

5. UBHALIWE ENHLIZIYWENI

a. Kungenzeka kanjani ukuba nomthetho kaNkulunkulu ekuphileni kwethu ngendlela uJesu ayenawo-na? Heberu 10:16; 8:10.

“UNkulunkulu unikile izimiso Zakhe ezingcwele, ngoba uyamthanda umuntu. Ukusivikela kumphumela wokwephula umthetho, wembula izimiso zokulunga. Umthetho ungumcabango kaNkulunkulu; uma siwamukela kuKristu, uba ngumcabango wethu. Usiphakamisela ngaphezu kwezifiso zenyama nemikhuba, ngaphezu kwezilingo ezisiholela esonweni.”-The Desire of Ages, p. 308.

b. UNkulunkulu usibonisani ngaphambi kokuba siqale uhambo lwasezulwini-na? 1 Johane 4:19, 8.

“Umhlaba wabamnyama ngenxa yokungaqondi kahle uNkulunkulu. Ukuze amathunzi amnyama angakhanyiswa, ukuthi umhlaba ungabuyiselwa kuNkulunkulu, amandla adukisayo kaSathane kufanele anqanyulwe. Lokhu kungenzeka ngamandla. Ukusetshenziswa kwamandla kuphambene nezimiso zomthetho kaNkulunkulu; angeke zazuzwa ngamandla noma igunya. Ufisa kuphela inkonzo yothando; nothando alucindezeli; alusoze lwazuzwa ngamandla noma ngegunya. Uthando luvuswa kuphela ngothando. Ukumazi uNkulunkulu kusho ukumthanda Yena. Isimilo Sakhe kufanele sivezwe siphambene nesimilo sikaSathane. Lomsebenzi ungenziwa isiDalwa esisodwa emhlabeni wonke. Nguye kuphela owazi ukuphakama nokujula kothando lukaNkulunkulu lungakwenza kwaziwe.”-Ibid., p. 22.

c. Kuyini okungenzeka kuphela emva kokuba uthando lukaNkulunkulu lusezinhliziyweni zethu? Johane 14:15-17.


Ngolwesihlanu Nhlolanja 10

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. UJesu wasigcina kanjani isimilo sikaNkulunkulu ngesikhathi ephila ebuntwini?

2. Isimilo esifanayo sikaKristu sibonakaliswa kanjani kumakholwa eqiniso?

3. Ukuze sikholwe ngempela ukuthi uJesu unguMesiya, yiziphi iziprofetho okufanele sizazi ngempela?

4. Kungenzeka kanjani ukuthi abantu abayizoni babe nelungelo lomuthi wokuphila lowo isoni esanqatshelwa kuwo?

5. Ngeyiphi indlela kuphela esingabanamava ngayo okulalela ngempela?

 <<    >>