Back to top

Sabbath Bible Lessons

UMGCINIMAFA WEQINISO (1) - Ukubonisana noMdali Wethu

 <<    >> 
Isifundo 2 ISabatha, Masingana 14, 2023

Izwi likaNkulunkulu Elinamandla

“IVESI LEKHANDA: “Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo; uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami” (Amahubo 51:10).

“Izilingo zibonakala kaningi zingenakuvinjelwa ngoba, yokunganaki kwethu ukukhuleka nokufunda iBhayibheli, lowo olingwayo angeke akhumbula masinyane izithembiso zikaNkulunkulu nokuhlangabezane noSathane ngezikhali zeMibhalo.”-The Great Controversy, p. 600.

Incwadi Enikeziwe:   Fundamentals of Christian Education, pp.123-128. 

NgeSonto Masingana 8

1. AMABUTHO ESIPHAMBANO

a. Kuyini okufanele sikuqaphele njalo ekuhambeni kwethu emhlabeni? 1 Peter 5:8. Ngakho-ke uPawule uqhathanisa kanjani ukuphila komKrestu? 2 Thimothi 2:3.

“Akukho lutho olungenakuzisiza, akukho okungancika ngokwedlulele, kunomphefumulo ozizwa ungelutho futhi othembele ngokuphelele ebuhleni begazi loMsindisi owabethelwa wabuye wavuka. Ukuphila koMkrestu ukuphila kwempi, yokungqubuzana okuqhubekayo. Kuyimpi kanye nohambo. Kodwa zonke izenzo zokulalela uKristu, zonke izenzo zokuzidela ngenxa Yakhe, konke ukulingwa okubekezelelwe, konke ukunqoba okuzuzwa phezu kwesilingo, kuyinyathelo lohambo oluya enkazimulweni yokunqoba kokugcina.”-That I May Know Him, p. 253.

b. Singaba ngabanqobi kuphela kanjani ekugcineni? Efesu 6:11-17.

“Labo abazohloma ngazo zonke izikhali zikaNkulunkulu futhi banikele isikhathi esithile nsuku zonke ekuzindleni nokukhuleka nokufunda Imibhalo bazoxhunyaniswa nezulu futhi, babenomfutho osindisayo noguqulayo kulabo ababazungezile. Imicabango emikhulu, izifiso ezihle, imibono ecacile, yeqiniso nomsebenzi kuNkulunkulu, kuzoba ngeyabo…Lelixuku lizoba nesibindi esingcwelisiwe sokusondela ebukhoneni baLowo Ongapheliyo. Bazozwa ukuthi ukukhanya nenkazimulo yezulu kungokwabo…futhi bazocwengeka, baphakanyiswe, bakhuliswe ngenxa yokuxhumana okuseduze noNkulunkulu. Kanjalo kuyilungelo loMkrestu weqiniso.”-Testimonies for the Church, vol. 5, pp. 112, 113.


NgoMvulo Masingana 9

2. AMANDLA EZWINI

a. Linamandla kanjani iZwi uma lamukelwa ngempela emphefumulweni? Heberu 4:12.

“Amazwi aphefumulelwe, acatshangwa enhliziyweni, azofana nemithombo esuka emfuleni wamanzi okuphila. UMsindisi wethu wakhulekela ukuthi izingqondo zabafundi zingavuleka ekuqondeni Imibhalo. Futhi njalo uma sifunda iBhayibheli ngenhliziyo enxusayo, uMoya Ongcwele useduze ukusivulela incazelo yamazwi esiwafundayo.”-Our High Calling, p. 205.

“Iqiniso elisebenzayo kufanele lifakwe ekuphileni, futhi iZwi, njengenkemba ebukhali, esika nhlangothi zombili, kufanele lisuse amanyela omina akhona ezimilweni zethu.

“Izwi lenza lowo ozidlayo azithobe, ongathobekile abe ngothobekile, ongalaleli abe ngolalelayo. Lemikhuba yesono engokwemvelo yokona komuntu ihlanganiswa nenqubo yansuku zonke. Kodwa Izwi lisusa inkanuko yenyama. Lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo. Lahlukanisa umsipha nomkatsha, lisusele kude inkanuko yenyama, lenze ukuba abantu bazimisele ukuhlupheka ngenxa yeNkosi yabo.”-The SDA Bible Commentary [E.G.White Comments] vol. 7, p. 928.

b. Ekuqaleni, iZwi ladala ngokushesha kangakanani izulu nomhlaba? Genesis 1:1; Amahubo 33:6, 9.

c. UNkulunkulu wadala ngani ebonakalayo imihlaba esebenzisa izwi Lakhe? Heberu 11:3. Ngemva kokudala imihlaba, ingabe uNkulunkulu wayiyeka indalo ukuba izinakekele ngokwayo? Heberu 1:3

“Amandla afanayo okudala enza umhlaba wabakhona asetshenziswa ekusekeleni indawo yonke futhi aqhubekisele phambili ukusebenza kwemvelo. Isandla sikaNkulunkulu siqondisa imihlaba ekuhambeni kwawo okuhlelekile emazulwini. Akuwona amandla emvelo ukuthi unyaka nonyaka umhlaba uqhubekele phambili kuhambo lokujikeleza kwawo ilanga nokukhiqiza ubuhle bawo. Izwi likaNkulunkulu lilawula izinto zonke. ‘Osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni,’ Amahubo 147:8. Kungenxa yamandla Akhe ukuthi okuluhlaza kuchume, ukuthi amaqabunga avele nezimbali ziqhakaze.”-Counsels to Parents, Teachers, and Students, pp. 185, 186.


Ngolwesibili Masingana 10

3. UKUBONA ISONO

a. Sabayini isifiso sikaDavide ngemva kokuba enze isono kuNkulunkulu nakuBatsheba? Amahubo 51:1-4.

b. Lapho sifunda amazwi kaDavide okuphenduka alondolozwe emlandweni waphezulu, okwakumkhathaza kakhulu-imiphumela ayezobhekana nayo-noma ukubuyisela ubuhlobo noNkulunkulu? Amahubo 51:5-10.

“Unyaka wonke emva kokuwa kwakhe uDavide wahlala evikelekile; babungekho ubufakazi bangaphandle bokucasuka kukaNkulunkulu. Kepha isigwebo sasilenga phezu kwakhe. Ngokushesha futhi ngokuqinisekile usuku lokwahlulela nokujeziswa lwalusondela, okungekho ukuphenduka okungagwenywa, kanye nobuhlungu namahloni okwakuyokwenza kubemnyama yonke impilo yasemhlabeni. Labo abathi, ngokukhomba isibonelo sikaDavide, bazame ukunciphisa icala lezono zabo, kufanele bafunde emlandweni weBhayibheli ukuthi indlela yokweqa inzima. Noma uDavide waphenduka endleleni yakhe embi, umphumela wesono, kwalokhu kuphila kutholakala umunyu futhi okunzima ukubekezelelwa.”-Patriachs and Prophets, pp. 723, 724.

“Ukuphenduka kukaDavide kwakuqotho futhi kujulile. Kwakungekho umzamo wokwemboza icala lakhe. Sasingekho isifiso sokubalekela isijeziso esisongelwe, yikona okwachukumisa umkhuleko wakhe. Kodwa wabona ubukhulu besiphambeko sakhe kuNkulunkulu; wabona ukungcola komphefumulo wakhe; futhi wenyanya isono sakhe. Kwakungekona ukuthethelelwa kuphela ayekuthandazela, kodwa ukuhlanzeka kwenhliziyo. UDavide azange aphelelwe yithemba azinikele emzabalazweni. Ngezithembiso zikaNkulunkulu kwisoni esiphendukayo wabona ubufakazi bokuthethelelwa nokwamukelwa kwakhe.”-Ibid., p. 275.

“UDavide wathethelelwa isiphambeko sakhe ngoba wathobisa inhliziyo yakhe phambi kukaNkulunkulu ngokuphenduka nokusola umphefumulo, wakholwa ukuthi izithembiso zikaNkulunkulu zokuthethelela zizogcwaliseka. Wavuma isono sakhe, waphenduka, wazalwa kabusha. Ngokuthokozela ithemba lokuxolelwa, uthi, ‘Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sisibekelwe. Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko, kungekho nkohliso emoyeni wakhe.’ Amahubo 32:1, 2. Izibusiso ziza ngenxa yokuthethelelwa; ukuthethelelwa kuza ngenxa yokukholwa ukuthi isono, esivunyiwe nokuguqukwe kuso, sithwele nguMthwali weSono. Kanjalo kuKristu kuvela zonke izibusiso zethu. Ukufa Kwakhe ngumhlatshelo ohlangula izono zethu. UnguMxhumanisi omkhulu kuyena sithola isihawu nomusa kaNkulunkulu.”-Our High Calling, p. 83.


Ngolwesithathu Masingana 11

4. AMANDLA AGUQULA INHLIZIYO YOMUNTU

a. Kuyini okunikeza ithemba lokuthi kungenzeka uguqule ukuphila okungcolile, okunesono kube ngokuhlanzekile? Jobe 14:4; Jeremiya 13:23; Hezekeli 36:26, 27.

“Kuyiqiniso ukuthi kungabakhona ukulunga kwangaphandle kokuziphatha ngaphandle kwamandla kaKristu avuselelayo. Uthando lomfutho nesifiso sokuhlonishwa kwabanye kungaveza ukuphila okuhlelekile. Ukuzihlonipha kungase kusiholele ekugwemeni ukubonakala kobubi. Ukuzwa ngobugovu kungase kwenze izenzo zokuphana sizonquma ngaziphi izindlela-ke ukuthi singasohlangothini lukabani.”-Steps to Christ, p. 58.

“UNkulunkulu unikile izindlela eziningi zokulwa ngempumelelo nobubi obusemhlabeni. IBhayibheli liyinqolobane yezikhali lapho singahlomela khona umzabalazo.”-The Acts of the Apostles, p. 502.

b. Iyiphi indlela kuphela inhliziyo yomuntu eyonakele engaguqulwa ngayo ibeyileyo ezothokozela ukulunga? Johane 3:3

“Izinto ngaphambili ezazizondwa manje ziyathandwa, nezinto ngaphambili ebezithandwa manje ziyazondwa. Abazidlayo baba mnene futhi bazithobe ngenhliziyo. Abayize nabanolaka bangagudluzwa. Odakwayo abe ngophapheme, noziphatha kabi ahlanzeke.”-Steps to Christ, p. 58.

c. Buyini ubufakazi balenguquko? Galathiya 5:22, 23.

“Imvelo yakudala, ezelwe ngegazi nangentando yenyama, angeke yalidla ifa lombuso wezulu. Izindlela zakudala, imikhuba yozalo, imikhuba yakudala, kumele ziyekwe; ngoba umusa awutholwa. Ukuzalwa kabusha kugcwaliswa ngezinhloso ezintsha, unambitho olusha, nemikhuba emisha. Labo abazalelwe ekuphileni okusha ngoMoya Ongcwele, sebengabahlanganyeli bemvelo yobuNkulunkulu, futhi yonke imikhuba nezenzo bazonikeza ubufakazi bobudlelwano babo noKristu. Lapho abantu abazishoyo ukuthi bangamaKristu begcina bonke ubuthakathaka bemvelo yesimilo nokuhlelwa, ingabe isimo sabo sehluke kanjani kwesomhlaba? Abalithokozeli iqiniso njengomngcwelisi, nomcwengi. Abazalwanga kabusha.”-The SDA Bible Commentary [E.G.White Comments] vol. 6, p. 1101.


Ngolwesine Masingana 12

5. UKUZALWA NGEZWI LIKANKULUNKULU

a. Kuyini okunamandla okwenza inguquko ngempela enhliziyweni eyonakele, yomuntu omubi? Roma 1:16; Johane 1:1; 15:3; 1 Peter 1:23.

“IBhayibheli lingumlando omangalisayo kunayo yonke, ngoba lingumkhiqizo kaNkulunkulu, akusilo lengqondo efayo. Lisibuyisela emuva iminyaka eyizinkulungwane ekuqaleni kwezinto zonke, liletha umlando wezikhathi nezehlakalo ngesinye isikhathi engabe asizazanga. Lembula inkazimulo kaNkulunkulu ekusebenzeni kokuhlinzekela Kwakhe ukusindisa umhlaba owileyo. Liveza ngendlela yolwimi olulula amandla amakhulu evangeli, lelo, uma lamukelwa, lizonqamula amaketanga abophela abantu enqoleni kaSathane.”-Fundamentals of Christian Education, p. 377.

b. Izwi lisebenza kanjani kithi, futhi kungani lokhu kudingeka ukuze siphile ngokunqoba? Roma 10:17; 1 Johane 5:4. Silugcina kanjani loluhlobo lokunqoba ekuphileni kwethu konke? Kolose 2:6.

“Njengoba ukukholwa kwamukelwa kanjalo futhi kuhlanganise izimiso zeqiniso, zibe inxenye yomzimba namandla enhloso yokuphila. Izwi likaNkulunkulu, uma lamukelwa emphefumulweni, libumba imicabango, futhi lingene ekuthuthukiseni isimilo.

“Ngokubheka njalo kuJesu ngeso lokukholwa, sizoqiniswa. UNkulunkulu uzokwenza izambulo eziyigugu kubantu Bakhe, abalambile, nabomile. Bazothola ukuthi uKristu nguMsindisi wabo. Njengoba bezondla ngezwi Lakhe, bazothola ukuthi lingumoya lingukuphila. Izwi libulala imvelo, imvelo yomhlaba, futhi linikeza ukuphila okusha kuKristu Jesu. UMoya Ongcwele uza emphefumulweni njengoMduduzi. Ngesithunywa esiguqulayo somusa Wakhe, umfanekiso kaNkulunkulu ubonakala kumfundi; uba ysidalwa esisha. Uthando luthatha indawo yenzondo, nenhliziyo yamukela ukufana okungcwele.”-The Desire of Ages, p. 391.


Ngolwesihlanu Masingana 13

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Inzima kangakanani impi yoMrestu nobubi?

2. Ngeyiphi indawo ebalulekile Izwi elinayo kulempi-na?

3. Kungenzeka kanjani ukuba sizwisise ukujula kwemvelo ebulalayo yesono?

4. Ukuguqulwa komphefumulo kwenzeka kanjani?

5. Sigcina kanjani ubuhlobo bethu noKristu?

 <<    >>