Back to top

Sabbath Bible Lessons

UMGCINIMAFA WEQINISO (1) - Ukubonisana noMdali Wethu

 <<    >> 
Isifundo 5 ISabatha, Nhlolanja 4, 2023

Ivangeli leTestamende Elidala

IVESI LEKHANDA: “Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe-nethemba” (Roma 15:4).

“UJesu weza kulomhlaba ukusindisa abantu ezonweni zabo. Akasoze asisindise ezonweni zethu, ngoba akasona isikhonzi sesono. Kufanele sisabele ekudonseni kukaKristu okungcwele, siphenduke ezonweni zethu, futhi sizihlanganise noKristu njengegatsha elihlanganiswe emvinini.”-The Signs of the Times, Nhlolanja 15, 1892.

Incwadi Enikeziwe:   Patriachs and Prophets, pp. 63-70. 

NgeSonto Masingana 29

1. IZIFUNDO EZIVELA EMLANDWENI

a. Yisiphi isizathu esikhulu esisidingayo sokufunda umlando, kakhulu umlando ongcwele? Umshumayeli 3:15.

“Umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni uveza, kusukela eminyakeni ukuya kweminye, ukufana okumangalisayo kuyoyonke inguquko enkulu noma inhlangano yezenkolo. Izinhlangano ezibalulekile zanamuhla zihambisana nalezo zesikhathi esedlule, namava ebandla ezikhathini ezidlule anezifundo zenani elikhulu zesikhathi sethu.”-The Great Controversy, p. 343.

b. Njengoba ukufunda umlando kusinika ithemba levangeli (Roma 15:4), lethemba linikeza ini emphefumulweni ogula ngenxa yesono? Roma 1:16; Luka 19:10.

“Yonke inxenye yeBhayibheli ilethwe ngokuphefumulelwa uNkulunkulu futhi inenzuzo yayo. IThestamende Elidala alingengaphansi kw-Elisha kufanele linakwe. Uma sifunda iTestamende Elidala sizothola imithombo ephilayo iphuphuma lapho ofunda ngokunganaki ebona kuphela ugwadule.”-Education, p. 191.


NgoMvulo Masingana 30

2. UKUPHELELISWA KWENDALO

a. Yisimilo esinjani owesilisa wokuqala nowesifazane ababenaso uma bephuma bebasha esandleni soMdali wabo-na? Genesis 1:31; Umshumayeli 7:29.

“Umuntu kwakufanele athwale umfanekiso kaNkulunkulu, kokubili ukubonakala kwangaphandle nakuso isimilo. UKristu kuphela ongumfanekiso kaBaba; kodwa umuntu wadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu. Imvelo yakhe yayivumelana nentando kaNkulunkulu. Ingqondo yakhe yayikwazi ukubamba izinto ezingcwele. Ukuthanda kwakhe kwakuhlanzekile; unambitho lwakhe nenkanuko kwakungaphansi kokulawulwa umcabango. Wayengcwele futhi ejabulele ukuthwala umfanekiso kaNkulunkulu nokulalela okuphelele intando Yakhe.”-Patriachs and Prophets, p. 45.

b. Kuyini okwakudingeka ukuze isizwe soluntu sigcineke sikulesimo esiphelele nokuthi siphile ingunaphakade-na? Genesis 2:16, 17 (umphetho)

“UKristu akanciphisi izimfuno zomthetho. Ngamazwi angenakuphikiswa uletha ukulalelwa kwawo njengombandela wokuphila okuphakade-isimo esifanayo sasidingeka kuAdamu ngaphambi kokuwa kwakhe. INkosi ayilindelanga okungaphansi komphefumulo manje kunalokho abekulindele kumuntu eParadesi, ukulalela okuphelele, ukulunga okungenasici. Izimfuno ngaphansi kwesivumelwano somusa zibanzi kakhulu njengezimfuno ezenziwa eEdeni-ukuvumelana nomthetho kaNkulunkulu, ongcwele, olungile, nomuhle.”-Christ’s Object Lesson, p. 391.

c. Njengoba umuntu ehluleka/ futhi wona (Genesis 3), yaba yini imiphumela kungesikho kubazali bethu bokuqala kuphela, kodwa eyesizwe sonke ngokuphelele-na? Roma 5:12; 6:23.

“Ngokulalela umthetho kaNkulunkulu, umuntu uzungezwe ngothango wavikelwa ebubini. Lowo obhidlizela phansi lobonda olungcwele olwakhiwe ngomunye ucekela phansi amandla okumvikela; ngoba uvule indlela leyo isitha esingangena ngayo ukonakalisa nokuchitha.

“Ngokuzama ukungayinaki intando kaNkulunkulu kumcijo owodwa, abazali bethu bokuqala bavula izikhukhula zobubi emhlabeni. Nomuntu ngamunye olandela isibonelo sakhe bazovuna umphumela ofanayo. Uthando lukaNkulunkulu lukhuthaza sonke isimiso somthetho Wakhe, lowo osuka emthethweni usebenzela ukungathokozi nokonakala.”-Thoughts from the Mount of Blessings, p. 52.


Ngolwesibili Masingana 31

3. UKUCHAZWA KWESONO

a. Sazi kanjani ukuthi isiphambeko sikaAdamu sihlanganiswa nokwephula umthetho kaNkulunkulu-na? Roma 7:7; qhathanisa noExodusi 20:17; 1 Johane 3:4.

“Abaningi abafundisa ukuthi umthetho kaNkulunkulu awubophekile kumuntu, bakhuthaza ukuthi akwenzeki ukuba ulalele izimiso zawo. Kodwa uma lokhu kuyiqiniso, kungani uAdamu wahlupheka ngesijeziso sokweqa umthetho-na? Isono sabazali bethu bokuqala saletha icala nosizi emhlabeni, futhi uma bekungebona ubuhle nomusa kaNkulunkulu, ngabe wafinyelela ekuphelelweni yithemba. Makungabikho ozikhohlisayo. Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa.’ Roma 6:23. Umthetho kaNkulunkulu ungeke useqiwa ngaphandle kwesijeziso kunaleso sikhathi kumenyezelwa isigwebo phezu kukayise woluntu.”-Patriachs and Prophets, p. 61.

“Ngaphandle komthetho, abantu abanawo umcabango nje wokuhlanzeka nobungcwele bukaNkulunkulu noma okwecala labo nokungcola kwabo. Abanakho ukuvuma icala ngempela abanaso isidingo sokuphenduka. Ababoni isimo sokulahleka kwabo njengokulwisana nomthetho kaNkulunkulu, abaqondi isidingo sabo segazi likaKristu elihlangulayo. Ithemba lensindiso lamukelwa ngaphandle kwenguquko yangempela yenhliziyo noma imvuselelo yokuphila. Kanjalo inguquko yamanga yandile, futhi iningi labantu lizihlanganisa nebandla lingazange lazihlanganisa noKristu.”-The Great Controversy, p. 468.

b. Uma sifunda imibhalo, iBhayibheli libonisa kanjani ukuthi uJesu ngempela weza ukuze asisindise ekwephuleni umthetho-na? Mathewu 1:21.

“UJesu wafa ukusindisa abantu Bakhe ezonweni zabo, futhi ukuhlengwa kuKristu kusho ukuthi kuKristu siyeka ukweqa umthetho kaNkulunkulu sikhululeke kuzo zonke izono; ayikho inhliziyo eshukunyiswa ngenzondo yokumelana nomthetho kaNkulunkulu evumelana noKristu, owahlupheka eKhalvari ukuze aqinisekise futhi aphakamise umthetho phambi kwelizwe lonke.”-Faith and Works, p. 95.

“Sinomngane omangalisayo onguJesu, oweza ukusindisa abantu Bakhe ekwephuleni umthetho. Siyini isono-na? Incazelo kuphela yesono ukuthi singukweqa umthetho. Manje uJesu Kristu lapha, oweza ngqo futhi wasinika ukulunga okungoKwakhe; angeke sasinqoba ngamandla ethu, kodwa ngokukholwa Kuye. Uma ukholwa kuJesu Kristu, uzakuba Naye namuhla. Kufanele ukholwe ukuthi unguMsindisi wakho manje, nokuthi ubeka kuwe ukulunga Kwakhe ngoba uthe Wafa, futhi njengoba alalela zonke izimfuno zomthetho owaphulwayo kaNkulunkulu. Uma ukwenza lokhu, uzoba nolwazi olusindisayo lukaJesu Kristu. UAdamu noEva balahlekelwa iEdeni ngoba bephula umthetho, kodwa uzolahlekelwa izulu uma wena uwephula.”-The Ellen G. White 1888 Materials, p. 128.


Ngolwesithathu Nhlolanja 1

4. UYISE WABATHEMBEKILE

a. Kungani ukhokho weTestamende Elidala uAbrahama aziwa ngokuthi unguyise wabathembekile-na? Galathiya 3:6-9.

“Isilingo sikaAbrahama sasinzima kakhulu esike seza kusidalwa somuntu. Uma ngabe wehluleka kuso, ngabe akabhalwanga njengoyise wamakholwa. Uma waphambuka emthethweni kaNkulunkulu, umhlaba ubuzolahlekelwa isibonelo esikhuthazayo sokholo olungabuzi nolulalelayo. Isifundo sanikezwa ukuba sikhazimule izikhathi zonke, ukuze sifunde ukuthi akukho okuyigugu kakhulu okunganikezwa uNkulunkulu. Kuyilapho uma singabheka isibusiso ngasinye njengesivela eNkosini, ukuba sisetshenziswe enkonzweni Yakhe, ukuze sithole isibusiso sasezulwini. Buyisela kuNkulunkulu impahla yakho, umethembe futhi uzokuphathisa okwengeziwe. Zigcinele impahla yakho kuwe, awusoze wathola umvuzo kulokuphila, futhi uzolahlekelwa ngumvuzo wokuphila okuzayo.”-The SDA Bible Commentary [E.G.White Comments] vol. 1, p. 1094.

“Indawo lapho ithempeli lalakhiwe khona kudala lalibhekwa njengendawo engcwele. Kulapho uAbrahama, uyise wabathembekile, abonakalisa khona ukuvuma kwakhe ukunikela ngendodana yakhe ngokulalela umyalo kaJehova. Kulapho uNkulunkulu avuselela khona isivumelwano sesisibusiso, okwakuhlanganisa isithembiso esikhazimulayo sikaMesiya kwisizwe soluntu sokukhululwa ngomhlatshelo weNdodana Yophezukonke.”-Prophets and Kings, p. 37.

b. Kungayiphi indlela isithembiso senzalo sibonisa ukuthi ukushunyayelwa kwevangeli kwakukhona nasesikhathini sikaAbrahama? Genesis 22:15-18; Galathiya 3:16.

“Isivumelwano esifanayo savuselelwa kuAbrahama ngesithembiso, ‘Nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke.’ Genesis 22:18. Lesithembiso sasikhomba kuKristu. Kanjalo uAbrahama wasizwisisa (bheka kwabaseGalathiya 3:8, 16), wamethemba uKristu ngokuthethelelwa kwezono. Kungenxa yalolukholo kwabalelwa kuye ukulunga. Isivumelwano esenziwa kuAbrahama sagcina igunya lomthetho kaNkulunkulu.”-Patriachs and Prophets, p. 370.

c. Kungani uAbrahama aqokwa njengowamukele ivangeli, futhi abanye abaningi esikhathini sakhe bengazange-na? Genesis 26:5; Jakobe 2:19-24.

“UAbrahama wayekholelwa kuNkulunkulu. Sazi kanjani ukuthi wakholwa-na? Imisebenzi yakhe yafakazela isimilo sokukholwa kwakhe, nokukholwa kwakhe kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga.”-The SDA Bible Commentary [E.G.White Comments] vol. 7, p. 936.


Ngolwesine Nhlolanja 2

5. “UMTHETHO KULONKE ITHESTAMENDE ELIDALA

a. Yiziphi ezinye izibonelo esinazo zokuthi umthetho wawukhona ngaphambi kokuba uNkulunkulu awumemezele uqobo Lwakhe eNtabeni yaseSinayi-na (Dutoronomi 5:22-26)? Eksodus 15:26; 16:28.

“Iviki neviki ohambweni lwabo olude ehlane uIsrayeli wafakazela izimangaliso eziphindwe kantathu, ezenzelwa ukucindezela ezingqondweni zabo ubungcwele beSabatha: imana ephindwe kabili yayibakhona ngosuku lwesithupha kwakungekho lutho ngosuku lwesikhombisa, nenxenye eyayidingeka ngosuku lweSabatha yagcinwa imnandi futhi icwebile, kodwa uma inxenye yayigcinwa phakathi kwezinsuku yayingafanele ukudliwa.

“Kwizimo eziphathelene nokunikezwa kwemana, sinobufakazi obunqumayo bokuthi iSabatha alisungulwanga ngalesosikhathi, njengokusho kwabaningi, ngesikathi umthetho unikezwa eNtabeni yaseSinayi. Ngaphambi kokuba uIsrayeli afike eSinayi wayelizwisisa iSabatha ukuthi liyisibopho phezu kwabo. Ukuthi babephoqeleka ukubutha njalo ngolwesihlanu inxenye ephindwe kabili yemana ukuze kulungiselelwe iSabatha, lapho kungatholakali lutho ngalolosuku, ubungcwele bosuku lokuphumula babulokhu bugcizelelwa kubo. Futhi ngesikhathi abanye bephuma ngeSabatha ukubutha imana, uJehova wabuza uMose wathi, ‘Niyakwala kuze kubenini ukugcina imiyalo Yami nemithetho Yami-na?”-Patriachs and Prophets, pp. 296, 297.

b. UNkulunkulu wayehlose ukwenzani ngo-Israyeli ngomthetho wokuziphatha okhulunyiwe nolotshiwe weMithetho Eyishumi-na? Duteronomi 6:1-9.

c. Sazi-kanjani ukuthi uJehova wasigcina lesikhundla kwaze kwaba sekugcineni kweTestamende Elidala-na? Malaki 4:4; 3:6.


Ngolwesihlanu Nhlolanja 3

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Zisebenza kanjani izimiso zomlando weBhayibheli esikhathini sethu-na?

2. Yiziphi izimfuno kusukela eEdeni ezibonisa ukuthi uNkulunkulu akaguquki-na?

3. Iyini inhloso yokuza kukaJesu kulomhlaba maqondana nenkinga yesono-na?

4. Ukholo lukaAbrahama lwabonakaliswa kanjani ngemisebenzi yakhe-na?

5. Kufanele bubenjani ubudlelwano bethu nomthetho kaNkulunkulu-na?

 <<    >>