Back to top

Sabbath Bible Lessons

UMGCINIMAFA WEQINISO (1) - Ukubonisana noMdali Wethu

 <<    >> 
Isifundo 1 ISabatha, Masingana 7, 2023

Izwi likaNkulunkulu Kubantu Namuhla

IVESI LEKHANDA: “Usho kanje uJehova Sebawothi uthi; Uqalekisiwe umuntu othemba kubantu, ayenze inyama ibe yingalo yakhe, nonhliziyo yakhe isuka kuJehova” (Jeremiya 17:5).

Ngomusa Wakhe nangokwethembeka uNkulunkulu kaningi uvumela labo esibathembayo ukuba behluleke kithi, ukuze sifunde ukwenza ubuwula bokuthembela kumuntu nokuba senze inyama ibe yingalo yethu.”-The Ministry of Healing, p. 486.

Izincwadi Enikeziwe:   Counsels to Parents, Teachers, and Students, pp. 460-463. 
  Fundamentals of Christian Education, pp. 129-137. 

NgeSonto Masingana 1

1. LANIKEZWA KANJANI IBHAYIBHELI?

a. Imibhalo yanikezwa ngayiphi indlela? (Nikeza imininingwane.) 2 Thimothi 3:16; 2 Peter 1:21; Numeri 12:6.

“Akuwona amazwi eBhayibheli aphefumulelwayo, kodwa ngabantu abaphefumulelwa. Ugqozi alusebenzi ngamazwi omuntu noma ukusho kwakhe kodwa kumuntu ngokwakhe, lowo, ngaphansi komfutho woMoya Ongcwele, ugcwaliswa ngemicabango. Kodwa amazwi nemicabango athola umbono womqondo ngamunye. Umqondo ongcwele uyahlakazwa. Ingqondo engcwele nentando zihlanganiswa nengqondo yomuntu nentando; kanjalo amazwi

b. Uma ufuna ukuqondiswa okuvela kuNkulunkulu, kuyini esingakuqonda ngamaphupho nemibono? Duteronomi 13:1-5; Jeremiya 29:8.

c. Yiziphi zinye izizathu ezibangela amaphupho? Umshumayeli 5:3, 7.

d. Singabahlola kanjani abaprofethi? 1 Korinte 14:32; Isaya 8:19, 20.


NgoMvulo Masingana 2

2. INGABE IMIBHALO IYATHEMBAKALA?

a. Singathembela ngezinga elingakanani ukuhlanzeka kwezwi likaNkulunkulu? Amahubo 12:6, 7.

“SineBhayibheli eligcwele iqiniso eliyigigu kakhulu. Liqukethe ulwazi ngoAlfa noOmega.”-Gospel Workers, p. 309.

“EBhayibhelini sinomeluleki kaNkulunkulu ongaphuthi. Izimfundiso zalo, uma kwenziwa, kuzokwenza abantu balungele noma yisiphi isikhundla somsebenzi. Kuyizwi likaNkulunkulu elikhuluma nsukuzonke emphefumulweni. Ngokunakekela omusha ofunda izwi likaNkulunkulu aligcine enhliziyweni, ukuthi izimiso zalo zenzelwe ukulawula ukuziphatha konke.”-Testimonies for the Church, vol. 4, p. 441.

“Ezwini Lakhe, uNkulunkulu unikile abantu ulwazi olubalulekile lwensindiso. Imibhalo Engcwele kumele yamukelwe njengegunya, isambulo esingenakuduka sentando Yakhe. Ziyisilinganiso sesimilo, isambulo semfundiso, nokuvivinywa kwamava.”-The Faith I Live By, p. 13.

“[Abasha] badinga umaluleki ongaphuthi, umholi ongenakuduka. Lokhu bazakuthola Ezwini LikaNkulunkulu. Ngaphandle uma bengabafundi abakhuthele balelozwi, bazokwenza amaphutha amakhulu, azolimaza injabulo yabo neyabanye, kokubili okwamanje kanye nokuphila okuzayo.”-Messages to Young People, p. 443.

b. Zihlala isikhathi esingakanani izimiso ezitholakala emiBhalweni? Mathewu 24:35; Amahubo 119:160; Isaya 40:8.

“[UKristu] wafundisa ukuthi izwi likaNkulunkulu kwakufanele liqondwe yibobonke. Wakhomba imiBhalo njengegunya elingenakuphikiswa, nathi kumele senze kona lokho. IBhayibheli kufanle lilethwe njengezwi likaNkulunkulu ongapheliyo, njengesiphelo sempikiswano yonke nesisekelo sokukholwa konke.”-Christ’s Object Lessons, pp, 39, 40.

“IBhayibheli, uma lamukelwa ngokuphelele futhi lifundwa njengezwi likaNkulunkulu, litshela umkhaya woluntu ukuthi ungafinyelela kanjani kwikhaya lenjabulo engapheli, futhi bavikele ingcebo yasezulwini.”-Fundamentals of Christian Education, p. 444.

“Ingabe imfundo enikelwa ezikolweni zethu ukuba nesimilo esizonika ulwazi olunqumayo lezwi likaNkulunkulu, nelizoletha umphefumulo ekuxhumaneni okudingekayo noNkulunkulu, bagcina uNkulunkulu phambi kwamehlo abo, bevusa wonke umuzwa ongcono womphefumulo? Lolu uhlobo lwemfundo eqinile njengephakade.”-General Conference Daily Bulletin, Ndasa 6, 1899.


Ngolwesibili Masingana 3

3. UKUTHOLA IMIBHALO EPHEFUMULELWE NGUMOYA

a. Kuyini esingakuqonda lapho uNkulunkulu ekhuluma ngabaprofethi Bakhe? Jeremiya 1:4-9; 1 Thesalonike 2:13.

“UKristu wafundisa abafundi Bakhe ukuthi kwakufanele bavule izingqondo zabo kwiziluleko, balungele ukukholwa. Wamemezela isibusiso kubo ngoba babebona futhi bezwa ngamehlo nangezindlebe bakholwa.

“Kuphela lowo owamukela iMibhalo njengezwi likaNkulnkulu likhuluma kuye ungumfundi weqiniso. Uyathuthumela ngezwi; ngoba kuye liyiqiniso eliphilayo.”-Christ’s Object Lessons, p. 59.

“IBhayibheli likhomba uNkulunkulu njengombhali walo; nokho lalotshwa ngezandla zomuntu, futhi nangendlela ehlukahlukene yezincwadi zayo ezahlukene liveza izimpawu zababhali abaningana. Amaqiniso aveza ukuthi ‘yonke imibhalo iphefumulelwa nguNkulunkulu’ (2 Thimothi 3:16) nokho igcizelelwa ngamazwi abantu. Lowo ongapheliyo ngoMoya Wakhe Ongcwele uthe wakhanyisa izingqondo nezinhliziyo zezinceku Zakhe. Uzinikile amaphupho nemibono, imifanekiso nezilinganiso; nakulabo amaqiniso abathe bawembulelwa, bona ngokwabo bahlanganise umcabango ngolwimi lwabantu.”-Selected Messages, bk. 1, p. 25.

b. Kuyini lokho uNkulunkulu avame ukukwembula ngabaprofethi Bakhe ukuze basisize sibenokuqonda ulwazi-lonke nobunjalo bemvelo engunaphakade kaNkulunkulu? Amose 3:7; Isaya 46:9, 10.

“Umlando nesiprofetho kufakazela ukuthi uNkulunkulu welizwe lonke wembula izimfihlakalo kubathwali Bakhe bokukhanya abakhethekile ukuba bakuyise emhlabeni. Izwe elingabazayo, ukukhuluma nokubhala ngemfundo ephakeme, ukubalula ngezinto engaziqondi. Aliboni ukuthi imfundo ngempela ephakeme ingukuqonda ulwazi oluphelele ngoNkulunkulu noJesu Kristu, aMthumileyo. Bambalwa abaqondayo ukuthi yonke isayensi yomuntu ivela kuNkulunkulu wesayensi, nokuthi uNkulunkulu ubonisa umhlaba ukuthi uyiNkosi phezu kwakho konke.”-Bible Training School, Zibandlela 1, 1912.

“Emibhalweni yomlando womuntu ukukhula kwezizwe, ukuvuka nokuwa kwemibuso, kubonakala sengathi kuncike entandweni nasemandleni omuntu; ukwakheka kwezehlakalo kubonakala ngezinga elikhulu, elinqunywa ngamandla akhe, isifiso sokuvelela, noma ukuguquguquka. Kodwa ezwini likaNkulunkulu ikhethini lihlehliselwa eceleni, futhi sibona, phezulu, ngemuva, nakuwo wonke umdlalo nokuphikisana kwezintakazelelo zomuntu namandla kanye nentshiseko, izithunywa zaLowo onesihawu sonke, ngokuthula, esebenza ngesineke sokuqondisa kwentando Yakhe.”-Prophets and Kings, pp. 499, 500.


Ngolwesithathu Masingana 4

4. KUYINI OKUDINGEKA OHLANGOTHINI LWETHU

a. Uhlobo olunjani lwesimo okufanele sibenaso uma sifunda iBhayibheli? Isaya 66:1, 2; Johane 7:17; Izenzo 17:10, 11.

“Lapho umphefumulo uzinikela kuKristu, amandla amasha athatha indawo enhliziyweni entsha. Inguquko iyalethwa leyo umuntu angeke ayifeza ngokwakhe. Kungumsebenzi ongaphezu kwemvelo, oletha isici esingaphezu kwemvelo yomuntu. Umphefumulo ozinikela kuKristu uba yinqaba Yakhe, ayibambe ezweni elihlubukayo, futhi uhlose ukuthi kungabi namandla azokwaziwa kuwo ngaphandle kwaWakhe. Ngakho-ke umphefumulo ugcinwa izithunywa zasezulwini ungenakunqotshwa ukuhlasela kukaSathane. Kodwa ngaphandle kokuthi sizinikele ekulawuleni kukaKristu, siyobuswa ngomubi.”-The Desire of Ages, p. 324.

“Ukuphikisa, ukubuza, ukugxeka, ukubhuqa, kuyimfundo abaningi abayitholile nezithelo abazithelayo. Ukwenqaba ukwamukela ubufakazi. Inhliziyo yemvelo isempini yokumelana nokukhanya, iqiniso, kanye nolwazi. UJesu Kristu ubelokhu ekuwo wonke amakamelo okulala lapho bethokoziswa khona. Mingakhi imikhuleko enyukela ezulwini isuka kulawo makamelo.”-The Ellen G. White 1888 Material, p. 140.

“Asikho isiqiniseko sokuthi imfundiso yethu ilungile futhi ayinawo wonke amakhoba namaphutha ngaphandle uma senza intando kaNkulunkulu nsuku zonke. Uma senza intando Yakhe, sizokwazi nemfundiso. Sizobona iqiniso ebuhleni balo obungcwele. Sizolamukela ngenhlonipho nangokumesaba uNkulunkulu, futhi lokho esikwaziyo ukuthi kuyiqiniso singakwethula kwabanye. Akufanele kubekhona umuzwa wokuphakama noma ukuziphakamisa kulomsebenzi onesizotha.”-Ibid., p. 46.

b. Iyiphi inxenye yeBhayibheli ebaluleke ngaphezu kwazo zonke ezinye? Roma 15:4; Luka 24:27; Isaya 28:10.

“Yonke inxenye yeBhayibheli iphefumulelwa uNkulunkulu futhi inenzuzo. ITestamende Elidala, elingengaphansi kweLisha, kufanele linakwe. Njengoba sifunda iTestamende Elidala sizothola imithombo ephilayo egelezayo lapho ofunda ngokunganaki ebona kuphela ugwadule.

“ITestamende Elidala linikeza ukukhanya phezu kweLisha, neLisha phezu kweliDala. Ngalinye liyisambulo senkazimulo kaNkulunkulu kuKristu.”-Counsels to Parents, Teachers, and Students, p. 462.


Ngolwesine Masingana 5

5. AKWANELE UKUFUNDA NJE NOKUPHONONONGA

a. Kuyini okumele sikwenze ngezinto esizifundayo uma sifunda uMbhalo Ongcwele? Izaga 2:1-5; Amahubo 119:11, 16.

“UMoya Ongcwele uthanda ukukhuluma nabasha, nokubembulela ingcebo kanye nobuhle bezwi likaNkulunkulu. Izithembiso ezakhulunywa nguThishela omkhulu zizothumba imizwa futhi zenze umphefumulo uphile ngamandla angcwele. Bazokhula engqondweni bathele izithelo ezijwayelene nezinto zaphezulu eziyoba uthango lokuvikela izilingo.

“Amazwi eqiniso azokhula ebalulekile, futhi sithathe ububanzi nokugcwala kwencazelo esingakaze siyiphuphe. Ubuhle kanye nokufinyelela kwegama kunomfutho oguqulayo engqondweni nasesimilweni. Ukukhanya kothando lwasezulwini kuzowela enhliziyweni ephefumulelwe.”-Christ’s Object Lessons, p. 132.

b. Uma singenisa lezizinto enhliziyweni, sifaniswa nani? Luka 6:46-49.

“Inhliziyo egcinwe ngeqiniso eliyigugu Lezwi likaNkulunkulu iyaqiniswa ukuze imelane nezilingo zikaSathane, ukumelana imicabango engcolile nezenzo ezimbi.”-My Life Today, p. 28.

c. Kuyini okufanele sikucele eNkosini ukuba isenzele kona, futhi kungani? Amahubo 119:133.

“Ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kuzoqondisa amanyathelo alabo abathembela kuJehova. Uthando olungcwele luzobahaqa, futhi bazoqonda ukubakhona koMduduzi, uMoya Ongcwele.”-Our High Calling, p. 324.


Ngolwesihlanu Masingana 6

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Kungayiphi indlela ukuphefumulelwa okungcwele kwanikezwa umuntu?

2. Singalithemba ngezinga elingakanani iBhayibheli, futhi kungani?

3. Iyini inhloso yokunikeza imiBhalo ngokwesiprofethi, nokuthi yonke imibhalo ephefumulelwe iza ngagunya liphi?

4. Isimo sengqondo sithinta kanjani ukufunda iBhayibheli?

5. Sakha kanjani ukuphila kwethu phezu kwesisekelo esiqinisekile?

 <<    >>