Back to top

Sabbath Bible Lessons

UMGCINIMAFA WEQINISO (1) - Ukubonisana noMdali Wethu

 <<    >> 
Isifundo 12 ISabatha, Ndasa 25, 2023

Wozani-ke Sithethe Indaba

IVESI LEKHANDA: “Wozani-ke sithethe indaba,” usho uJehova; “noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengobubende, ziyakuba njengoboya bezimvu” (Isaya 1:18).

“Umthetho kaNkulunkulu ubuyisisekelo sesivumelwano [esisha], uhlelo olulula lokubuyisela abantu ekuvumelaneni nentando engcwele, sibabeke lapho bengakwazi ukulalela khona umthetho kaNkulunkulu.”-Patriachs and Prophets, p. 371. [Kuyagcizelelwa]

Incwadi Enikeziwe:   Thoughts from the Blessings, pp. 45-77. 

NgeSonto Ndasa 19

1. IZIVUMELWANO EZIMBILI

a. Ukuze kuthiwe ulungisisiwe phambi kukaNkulunkulu, hlobo luni lwesivumelwano oludingekayo ohlangothini lwethu? Amahubo 50:5.

b. Ukuze senze isivumelwano esinjalo, yisiphi isimo sengqondo okufanele sibenaso? Isaya 1:18.

c. Uhlobo olunjani lwesivumelwano esinekezwa lona? Heberu 8:6-13.

“Igama elithi ‘isivumelwano esidala’lichaza ukuthi, lalela futhi uphile: ‘Uma umuntu ezenza, uyakuphila ngazo’ (Hezekeli 20:11; Levi 18:5); kodwa ‘makaqalekiswe ongawaqinisi amazwi alomthetho ukuba awenze.’ Duteronomi 27:26. ‘Isivumelwano esisha’ sasekelwa phezu ‘kwezithembiso ezingcono’-isithembiso sokuthethelelwa kwezono nomusa kaNkulunkulu ukwenza busha inhliziyo nokuyiletha ekuvumelaleni nezimiso zomthetho kaNkulunkulu. ‘Kepha yilesi isivumelwano engiyakusenza nendlu kaIsrayeli emva kwalezi zinsuku: ngiyakufaka umthetho wami ezibilini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo….Ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayi-kusikhumbula.’ Jeremiya 31:33, 34.”-Patriachs and Prophets, p. 372. [Ukugcizelela kombhali.]


NgoMvulo Ndasa 20

2. KUNGANI ISIVUMELWANO SIDINGEKA

a. Kuyini okusehlukanisa ekubeni nobudlelwano noMdali wethu? Isaya 59:2. Kuyini okusifanele? Genesis 2:17; Roma 6:23.

“Ngokushesha uAdamu wawela esilingweni sikaSathane, wenza kona lokho uNkulunkulu athi angakwenzi, uKristu, iNdodana kaNkulunkulu, wema phakathi kophilayo nofileyo, ethi: ‘Isijeziso masiwele phezu Kwami. Ngizokuma endaweni yomuntu. Munike esinye isilingo.’ Ukweqiwa komthetho kwabeka umhlaba wonke ngaphansi kwesigwebo sokufa. Kodwa ezulwini kwezwakala izwi lithi, ‘Ngitholile inhlawulelo.’ Lowo ongasazanga isono wenziwa onesono ngomuntu owileyo. ‘UNkulunkulu walithanda izwe kangaka, wanikela ngeNdodana Yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade.’ UKristu wakhumula ingubo Yakhe yobukhosi nomqhele wobukhosi, walahla ukubusa Kwakhe kwalo lonke izulu. Wembathisa ubungcwele Bakhe ngobuntu, ukuze athwale bonke ubuthakathaka wabekezelela zonke izilingo zomuntu. Ubengumuntu wosizi, futhi ejwayelene nobuhlungu. Yebo yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu. Isijeziso sasiphezu Kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo Yayo siphilisiwe thina. Ngenxa yethu waba ngompofu, nangenxa yobumpofu Bakhe ukuba senziwe abanothile. Ngenxa yethu Washiya ukukhonzwa yizingelosi ukuba athukwe ajeziswe isixuku esihlanyiswa ngabapristi nababusi.”-The Signs of the Times, Nhlangulana 27, 1900.

b. Malungiselelo-mani uNkulunkulu awenza kusukela ekuqaleni ukuze agweme isigwebo sokufa? Jobe 33:24; qhathanisa 1 Johane 4:19; Isambulo 13:8.

“Icebo lensindiso yethu alizange libe ngumcabango wamuva, icebo elakhiwe emva kokuwa kukaAdamu. Bekuyisambulo ‘semfihlakalo ebifihliwe ngezikhathi zaphakade.’ Roma 16:25.R.V. bekungukwembulwa kwezimiso kusukela ezikhathini zaphakade bezilokhu ziyisisekelo sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Kusukela ekuqaleni, uNkulunkulu noKristu bebazi ngokuhlubuka kukaSathane, nokuwa komuntu ngenxa yokukhohliswa ngamandla ohlubuko. UNkulunkulu akazange abeke umthetho wokuthi isono sibekhona, kodwa wabonela phambili ukubakhona kwaso, wenza amalungiselelo okuhlangabezana nesimo esibi esiphuthumayo. Lwalukhulu uthando Lwakhe ngomhlaba, futhi Wathembisa ukunikela ngeNdodana Yakhe ezelwe yodwa, ‘ukuthi yilowo nalowo okholwayo Yiyo angabhubhi kodwa abe-nokuphila okuphakade.’ Johane 3:16.”-The Desire of Ages, p. 22.


Ngolwesibili Ndasa 21

3. INZALO YOWESIFAZANE

a. Lapho Inyoka endala, uSathane, ikhohlisa abazali bethu bokuqala e-Edeni, isiphi isithembiso siuNkulunkulu asenza esinikeza ithemba kwisizwe soluntu? Genesis 3:15.

“Imikhuba yethu yemvelo, ngaphandle kokuthi ilungiswe nguMoya Ongcwele, inembewu yokuziphatha okufileyo. Ngaphandle kokuthi sixhumane kakhulu noNkulunkulu, asikwazi ukumelana nomphumela ongagcweliswanga wokuzithanda, ukuzitika, kanye nesilingo sokona.”-Testimonies for the Church, vol. 8, pp. 315, 316.

b. Ingubani lenzalo yowesifazane? Genesis 22:18; Galathiya 3:8, 16; Heberu 2:14.

“Selokhu kwashunyayelo ivangeli lokuqala, lapho e-Edeni kumenyezelwa ukuthi inzalo yowesifazane iyakuchoboza ikhanda lenyoka, uKristu waphakanyiswa njengendlela, neqiniso, nokuphila. Ubeyindlela uma uAdamu ephila, lapho uAbela eletha kuNkulunkulu igazi lewundlu elihlatshiwe, elimele igazi loMhlengi. UKristu ubeyindlela leyo okhokho nabaprofethi abasindiswa ngayo. Uyindlela thina kuphela esingasondela ngayo kuNkulunkulu.”-The Desire of Ages, p. 663.

c. Njengoba uAbrahama wayengathembelanga komunye ukuthi nguKristu kuphela othethelela izono (Galathiya 3:6-8), yabayini imiphumela yalolo hlobo lokholo? Genesis 26:5.

“Ukufa kukaKristu esiphambanweni kwaqinisekisa ukubhujiswa kwalowo onamandla okufa, ongumqambi wesono. Uma uSathane ebhujiswa, akukho umuntu ozolingelwa ebubini; isihlengo asidingi ukuphindwa; angeke kwabakhona ingozi yolunye uhlubuko emhlabeni kaNkulunkulu. Yikona kuphela okungavimbela isono kulomhlaba omnyama, kuzovimbela isono ezulwini. Ukubaluleka kokufa kukaKristu kuzobonwa ngabangcwele nezingelosi. Abantu abawileyo angeke babe-nekhaya eparadesi likaNkulunkulu ngaphandle kweWundlu elahlatshwayo kusukela ekusekelweni komhlaba. Asingeke yini saphakamisa isiphambano sikaKristu-na? Izingelosi zinika uKristu udumo nenkazimulo, ngokuba nazo azivikelekile ngaphandle kokubheka ukuhlupheka kweNdodana kaNkulunkulu. Kungenxa yokuphumelela kwesiphambano ukuthi izingelosi zezulu zivikelwe ekuhlubukeni. Ngaphandle kwesiphambano babengeke bavikeleke ebubini njengoba kwakunjalo kwizingelosi ngaphambi kokuwa kukaSathane. Ukuphelela kwezingelosi kwehluleka ezulwini. Ukuphelela komuntu kwehluleka e-Edeni, iparadesi lenjabulo. Bonke abafisa ukulondeka emhlabeni noma ezulwini kumele babheke iWundlu likaNkulunkulu.”-The SDA Bible Commentary [E.G.White Comments] vol. 5, p. 1132.


Ngolwesithathu Ndasa 22

4. UKUQINISWA KWESIVUMELWANO

a. Noma lesivumelwano senziwa noAdamu senziwa kabusha kuAbrahama, futhi sizoqinisekiswa nini-futhi sabizwa ngesivumelwano esisha noma esesibili? Heberu 9:16.

“Noma lesivumelwano senziwa noAdamu savuselelwa kuAbraham, besingeke sagunyazwa kuze-kube sekufeni kukaKristu. Besikhona ngesithembiso sikaNkulunkulu kusukela ekufikeni kokwaziswa kokuhlengwa; besamukelwa ngokukholwa; kodwa lapho siqinisekiswa nguKristu, sibizwa ngokuthi isivumelwano esisha.”-Patriachs and Prophets, pp. 370, 371. [Ukugcizelela kombhali]

b. Uma sasingazange saqiniswa kwaze kwaba sekufeni kukaJesu, sisebenza kanjani kulabo bantwana beNkosi yasezulwini ngaphambi kwesiphambano? Heberu 6:13-18.

“Isivumelwano sikaAbrahama saqiniswa ngegazi likaKristu, futhi sibizwa ngokuthi isivumelwano ‘sesibili,’ noma ‘esisha,’ngoba igazi elabekwa uphawu ngalo lachithwa emva kwegazi lesivumelwano sokuqala. Ukuthi isivumelwano sasebenza ezinsukwini zikaAbrahama singubufakazi bokuthi saqiniswa ngesithembiso nangesifungo sikaNkulunkulu-ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo.’ Heberu 6:18.”-Patriachs and Prophets, p. 371.

“Izwi Lakhe liyisithembiso. Izintaba zizokwehlukana, namathafa azakususwa, kodwa umusa Wakhe angeke usuke kubantu Bakhe, futhi izwi Lakhe lizwakala lithi ’Ngikuthandile ngothando oluphakade; (Jeremiya 31:3). ‘Kepha ngomusa ongapheliyo ngiyakukuhawukela’ (Isaya 54:8). Luyamangalisa lothando, ukuthi uNkulunkulu uyehlisa ukuze asuse yonke imbangela yokungabaza ekwesabeni komuntu kanye nokuba buthakathaka futhi abambe isandla esiqhaqhazelayo esifinyelela Kuye ngokukholwa; futhi uSisiza ukuba simethembe ngeziqiniseko eziningi nokuvikeleka. Usenzele isivumelwano esobophayo phezu kwemibandela yokulalela kwethu, futhi uyeza ukusihlangabeza ekuqondeni kwethu izinto. Sicabanga ukuthi isibambiso noma isithembiso kubazalwane bethu, uma zibhaliwe, kusadinga isiqiniseko. UJesu wahlangana nokwesaba okungajwayelekile, futhi waqinisekisa isithembiso Sakhe ngesifungo: Lapho kuNkulunkulu, ethanda kakhulu ukubonisa izindlalifa zesithembiso ukungaguquki kwecebo Lakhe, wakuqinisa ngesifungo….’Kuyini iNkosi yethu engakwenza ukuqinisa ukholo lwethu ezithembiswe Zayo-na?”-That I May Know Him, p. 262.


Ngolwesine Ndasa 23

5. IZIBHEBHE ZENHLIZIYO

a. Ngenxa yomhlatshelo kaKristu esiphambanweni, yiliphi ithuba esilitholayo? Heberu 9:15.

b. Yisiphi isicelo uNkulunkulu asenza komunye nomunye wethu mathupha njengoba sihlola ukuziphendulela kwethu phambi kukaNkulunkulu? 2 Korinte 6:2.

“Umthetho ofanayo owabhalwa phezu kwezibhebhe zamatshe ubhalwe nguMoya Ongcwele phezu kwezibhebhe zenhliziyo. Esikhundleni sokumisa ukulunga okungokwethu masamukele ukulunga kukaKristu. Igazi Lakhe lihlawula izono zethu. Ukulalela Kwakhe kuyamukelwa ngenxa yethu. Bese inhliziyo ivuselelwa nguMoya Ongcwele ukuveza ‘izithelo zikaMoya.’ Ngomusa kaKristu sizophila ngokulalela umthetho kaNkulunkulu obhalwe ezinhliziyweni zethu. Uma sinoMoya kaKristu, sizohamba njengoba wahamba Yena. Ngeziprofetho uthi Ngaye,’Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami: nomthetho Wakho usenhliziyweni yami.’Amahubo 40:8. Futhi uma ephakathi kwabantu Uthi, ‘UBaba-unami kangishiyanga ngedwa; ngokuba ngenza njalo okuthandeka Kuye.’ Johane 8:29.

“Umpostoli uPawule ngokusobala uletha ubudlelwano phakathi kokukholwa nomthetho ngaphansi kwesivumelwano esisha. Uthi: ’Ngokulungisiswa ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu.’ ‘Ngakho-ke umthetho siwenza ize ngenxa yokukholwa-na? Qha nakanye: kodwa siyawuqinisa umthetho.’ ‘Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama.’-ngokuba ungakwazi ukulungisisa umuntu, ngoba ngemvelo yokona kwakhe engakwazi ukugcina umthetho-‘UNkulunkulu wathumela indodana Yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni; ukuthi ukulunga komthetho ukuze umyalo womthetho ugcwaliseke kithina, esingahambi ngokwenyama, kepha ngokukaMoya.’ Roma 5:1; 3:31; 8:3, 4.”-Patriachs and Prophets, pp. 372, 373. [Ukugcizelela kombhali.]


Ngolwesihlanu Ndasa 24

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Mava-mani onawo mayelana nokwenza izivumelwano noNkulunkulu?

2. Kungani uNkulunkulu wayekulungele lapho uAdamu ona-na?

3. Imiphi imifanekiso uNkulunkulu ayisebenzisayo ukuze sihlale sikhumbula uMesiya ozayo?

4. Sazi kanjani ukuthi uAbrahama wayengaphansi kwesivumelwano esisha-na?

5. Hlobo-luni lwesivumelwano noma ukuvumelana ozimisele ukusenza noMdali wakho?

Ukucabanga Ngenguquko

 <<    >>