Back to top

Sabbath Bible Lessons

UMGCINIMAFA WEQINISO (1) - Ukubonisana noMdali Wethu

 <<    >> 

Isingeniso

Kuyindalo emangalisayo ngempela nebabazeka kakhulu ukuthi Umninimandla Onke akubumbayo wakusekela lapha emhlabeni iminyaka engaphezu kwe 6000. Futhi isiqongo esingumqhele wendalo Yakhe enkulu uhlanga lomuntu olwenziwe ngomfanekiso Wakhe! Lolu hlanga lwabantu olwadalelwa ukuhlala kulomhlaba futhi lusebenzise amandla phezu kwawo. Ngenxa yokuhlakanipha namandla omcabango othe wabekwa phezu komuntu, kanjalo izinhlobo-homo sapience-ziphathiswe lelilungelo-kodwa ngaphezu kwakho konke, nguyena kuphela emhlabeni onikezwe ithuba lokuphila ingunaphakade ebukhoneni obujabulisayo boMdali omkhulu kuze kube phakade. .

Njenganoma yiliphi ilungelo nokuziphendulela, lokhu kuhambisana nemibandela. UMdali olungile nonesihe welizwe lonke ubekile lemibandela ngokukhanyayo phambi kwethu futhi usimema ukuba sibonisane Naye ukuze siqonde amalungiselelo esivumelwano Sakhe.

Ngakho-ke, izinyanga ezintathu ngokulandelana kwazo, abafundi besikolo seSabatha emhlabeni wonke bazofunda ngesihloko esibalulekile “Ukubonisana noMdali wethu,” Lena inxenye yokuqala yonyaka yochungechunge olunesihloko esithi “Umgcinimafa Weqiniso,” zinikeza ukuqonda okubalulekile namagugu amangalisayo eqiniso anenani elikhulu elizowahlomisela ingunaphakade. Bonke abazosindiswa kufanele babe, nokholo olujulile nolweqiniso kuNkulnkulu kanye namava obuKrestu anqobayo ozokhuthazela ngisho nezivivinyo zehora lokugcina omlando walomhlaba.

“Inkolo eqondiswe kwizidalwa ezihlakaniphile izoveza ubufakazi obuzwakalayo beqiniso layo. Ngoba kuzoba nemiphumela ephawulekayo enhliziyweni nasesimilweni. Umusa kaKristu uzobonakala ekuziphatheni kwabo nsukuzonke. Singabuza labo ngokuphepha abazishoyo ukuthi bangcwelisiwe, ingabe izithelo zikaMoya ziyabonakala ekuphileni Kwakho? Ingabe ubonakalisa ubumnene nokuthobeka kukaKristu, wembulo umcabango wokuthi uyafunda imihla yonke esikolweni sikaKristu, ekulolongeni ukuphila kwakho kulandele isibonelo sokuphila Kwakhe kokuzidela?

“Ubufakazi obungcono kakhulu kwanoma ubani angabanabo obokuxhumana kwethu noNkulunkulu wezulu ukuthi sigcine imiyalo Yakhe. Ubufakazi obuhle kakhulu bokukholwa kuKristu ukuba singazithembi sencike kuNkulunkulu. Ubufakazi kuphela obuthembekile boku hlala kwethu kuKristu ukuboakalisa umfanekiso Wakhe. Uma sikwenza lokhu sinikeza ubufakazi bokuthi singcwelisiwe ngeqiniso, ngoba iqiniso libonakala ekuphileni kwethu nsuku zonke.”-Ye Shall Receive Power, p. 121.

“Kukhona abaningi labo, noma bezama ukulalela imiyalo kaNkulunkulu, abanokuthula okuncane noma injabulo. Ukuswela kwabo amava ngumphumela wokwehluleka ukusebenzisa ukholo. Bahamba kungathi basesihlabathini sosawoti, ihlane elomile. Babiza okuncane, lapho kumele babize kakhulu; ngoba akukho mkhawulo ezithembisweni zikaNkulunkulu.”-The Acts of the Apostles, p. 563.

Ngumkhuleko wethu ukuthi sonke singanothiswa izifundo zesikolo seSabatha kulekota, nokholo lwethu lungaqiniswa kakhulu ngokubonisana nalowo Owazi Konke!

Igatsha leSikolo seSabatha kwiGeneral Conference

 <<    >>