Back to top

Sabbath Bible Lessons

UMGCINIMAFA WEQINISO (1) - Ukubonisana noMdali Wethu

 <<    >> 
Isifundo 7 ISabatha, Nhlolanja 18, 2023

Imfihlakalo Yevangeli

IVESI LEKHANDA: “Okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yalemfihlakalo phakathi kwabezizwe; enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo” (Kolose 1:27).

“Singaqonda kuze kube manje ukusebenza Kwakhe nathi, kanye nemisuka aqhutshwa yiyo, ukuze sikwazi ukubona uthando olungenamkhawulo nesihe esihlanganiswe namandla angapheliyo. Singaziqonda izinjongo Zakhe njengoba zingubuhle bethu ukuzazi; nangaphezu kwalokho kufanele siqhubeke ukuthembela kumfutho woMninimandla Onke, uthando nokuhlakanipha kukaBaba noMbusi wakho konke.”- Testimonies for the Church, vol. 5, p. 699.

Incwadi Enikeziwe:   Education, pp. 169-172. 

NgeSonto Nhlolanja 12

1. IMIBHALO OKUNZIMA UKUYIQONDA

a. Kuyini uPetro akubona ngeminye imibhalo kaPawule? 2 Peter 3:14-17. Kuyini okumele sikuqaphele ngezinye izinto eziseMbhalweni-na? Duteronomi 29:29.

“Abantu abanekhono banikela isikhathi sonke befunda futhi bekhuleka uma behlolisisa iMibhalo, kodwa kukhona izinxenye eziningi zeBhayibheli ezingazange zahlolisiswa ngokugcwele. Ezinye izahluko zeMibhalo azisoze zaswisiswa ngokuphelele kuze kufinyelele ekuphileni kwesikhathi esizayo uKristu azoyichaza. Kukhona izimfihlakalo okumele zimbulwe, amazwi lawo izingqondo zabantu ezingenakuvumelana. Nesitha sizofuna ukuvusa ukuphikisana phezu kwalemicijo, okufanele kuhlale kungakhulunywa ngazo.”-Gospel Workers, p. 312.

b. Yisiphi isimo sengqondo okumele sisondele ngaso emiBhalweni? Johane 7:17.

“Umoya osondela ngawo ukuhlola imiBhalo uzonquma isimilo salowo okusizayo ohlangothini lwakho. Izingelosi ezivela emhlabeni wokukhanya zizoba nalabo ngokuzithoba kwenhliziyo befuna ukuholwa okungcwele. Kodwa uma iBhayibheli livulwa ngaphandle kwenhlonipho, ngomuzwa wokweneliseka, uma inhliziyo igcwele ukuzenzisa, uSathane useduze kwakho, uzobeka amazwi alula kaNkulunkulu ngokukhanya okuphendukezelwe.”-Testimonies to Ministers, p. 108.


NgoMvulo Nhlolanja 13

2. UKUQONDA IZINTO EZIFIHLAKELE

a. Yiziphi izinto ezikhethekile uNkulunkulu azembulela uPawule ngenhloso yokwabelana nomhlaba wonke? Roma 16:25, 26; Kolose 1:27.

“KuPawule isiphambano bekuyisihloko sentakazelelo ephakeme. Njengoba eke waboshwa esemsebenzini wokushushisa abalandeli boMnazari owabethelwa akazange ayeke ukuletha inkazimulo yesiphambano. Ngalesikhathi wanikezwa isambulo sothando olungapheli lukaNkulunkulu, njengoba lembuliwe ekufeni kukaKristu; nenguquko emangalisayo ethe yalethwa ekuphileni kwakhe, ngokuletha wonke amacebo nezinhloso zakhe zivumelane nezulu. Kusukela ngalelohora waba ngumuntu omusha kuKristu. Ngamava akhe wakwazi ukuthi lapho isoni sibheka uthando lukaBaba, olubonakele kumhlatshelo weNdodana Yakhe, wazinikela ngaphansi komfutho ongcwele, inguquko yenhliziyo yabonakala ithatha indawo, futhi kusukela lapho ukuya phambili uKristu ubeyikho konke futhi ekubo bonke.”-The Acts of the Apostles, p. 245.

b. Uma kukhona okuthile okunzima eMibhalweni ukuyiqonda, kungani kufanele sizame ukuhlolisisa ngalendaba? 2 Thimothi 3:16, 17.

“Isiphambano sikaKristu sembozwe isihlamba nokucwaswa, nokho kuyithemba lokuphila nokuphakanyiswa komuntu. Akukho muntu ongaqonda imfihlakalo yokwesaba uNkulunkulu uma enamahloni okuthwala isiphambano sikaKristu. Akukho noyedwa ozokwazi ukuhlukanisa ukuthokozela izibusiso lezo uKristu azithengile enzela umuntu ngenani elingapheli Kuye, ngaphandle kokuthi bathanda ngokujabula ukunikela yonke ingcebo yomhlaba bangaba ngabalandeli Bakhe. Konke ukuzidela nomhlatshelo owenziwe nguKristu unothisa lowo ophana ngawo, nakho konke ukuhlupheka nokusolwa akubekezelela ngenxa yegama Lakhe elithandekayo kwakhulisa injabulo yakhe nomvuzo ongapheliyo embusweni wenkazimulo.”- Confrontation, p. 93.

c. Chaza lokhu esikudingayo ukuze sifinyelele ezinqumeni ezifanele? Johane 16:13.

“Ngaphandle kokuholwa nguMoya Ongcwele siyohlala sinecala lokuhlanekezela iMibhalo noma ukuyihumusha ngokungeyikho. Kukhona ukufunda okukhulu iBhayibheli okungenanzuzo futhi izikhathi eziningi okulimaza lowo ofundayo. Uma izwi likaNkulunkulu livulwa ngaphandle kwenhlonipho nagaphandle kokukhuleka; uma imicabango nokunaka kungagxiliswanga kuNkulunkulu noma ekuvumelaneni nentando Yakhe, ingqondo igcwala ukungabaza; futhi ekufundeni iBhayibheli, ukungakholwa kuyaqina. Isitha silawula inqondo, futhi siphakamisa izincazelo ezingalungile.”-Testimonies for the Church, vol. 5, pp. 704, 705.


Ngolwesibili Nhlolanja 14

3. UMTHETHO WOKUZIPHATHA KAHLE WASEBUKHOSINI

a. Ngokuphambene nenkolo evamile, sazi kanjani ukuthi umyalo wemiThetho Elishumi awuqedwanga esiphambanweni? Jakobe 2:8, 9.

“Othishela abaningi bezenkolo babesho ukuthi uKristu ngokufa Kwakhe wachitha umthetho, nokuthi kusukela lapho abantu bakhululekile kwizimfuno zawo. Kukhona abanye bawufakazela njengejoka elinzima, futhi ngokuphambene nobugqila bomthetho banikeza inkululeko yokuba ithokozelwe ngaphansi kwevangeli.

“Kodwa abaprofethi nabapostoli abakwenzanga lokho maqondana nomthetho ongcwele kaNkulunkulu. Kusho uDavide: ‘Ngiyakuhamba endaweni ebanzi, ngokuba iziyalezo zakho ngiyazifuna.’ Amahubo 119:45. Umpostoli uJakobe, owabhala emva kokufa kukaKristu, uqondisa eMthethweni, ‘njengomthetho wobukhosi’ futhi ‘umthetho ophelele wenkululeko.’ Jakobe 2:8; 1:25. UMambuleli, inxenye yekhulu leminyaka emva kokubethelwa, umemezela isibusiso phezu kwabo, ‘abagcina imiyalo, ukuba bathole ilungelo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.’ Isambulo 22:14.”-The Great Controversy, p. 466.

“Uma oyedwa ezinikela kuKristu, ingqondo ilethwa ngaphansi kolawulo lomthetho; kodwa ngumthetho wobukhosi, omemezela inkululeko kubobonke ubugqila. Ngokuba munye noKristu, umuntu wenziwa okhululekile. Bazithobe entandweni kaKristu kusho ukubuyiselwa ebudodeni obuphelele.”-The Ministry of Healing, p. 131.

b. Yimuphi umthetho ochaza ukuthanda umakhelwane wethu njengoba sizithanda thina? Roma 13:9; umqhathanise noExodusi 20:1-17.

“IMithetho emine yokuqala eMithethweni Elishumi yabekwa yaba ngumthetho owodwa omkhulu, ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke.’ Imithetho eyisithupha yokugcina yafakwa komunye. ‘Wothanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.”Yomibili lemithetho igcizelela isimiso sothando. Owokuqala awukwazi ukuba ungagcinwa bese owesibili uyaphulwa, noma kugcinwe owesibili kuphulwe owokuqala. Uma uNkulunkulu enendawo Yakhe emfanele esihlalweni senhliziyo, indawo efanele izonikezwa umakhelwane. Sizomthanda njengoba sizithanda thina. Kuphela uma sithanda uNkulunkulu ngokuphakeme kungenzeka ukuba sithande umakhelwane ngokungakhethi.

“UKristu wafundisa abalaleli Bakhe ukuthi umthetho kaNkulunkulu awuzona izimiso eziningi ezihlukene, ezinye zazo zibaluleke kakhulu, kuyilapho ezinye zibalulekile kancane futhi zingashaywa indiva ngaphandle kwesijeziso. INkosi yethu iletha emine yokuqala neyisithupha yokugcina njengokuphelele okungcwele, ifundisa ukuthi uthando lukaNkulunkulu luzobonakaliswa ngokulalela yonke imithetho Yakhe.”-The Desire of Ages, p. 607.


Ngolwesithathu Nhlolanja 15

4. UKWAHLULELWA NGOMTHETHO

a. Chaza izinga elifinyelela kude lokwahlulelwa kwabantu? Umshumayeli 11:9; Roma 14:10; 2 Korinte 5:10; Heberu 9:27.

“Sonke sizokwahlulela ngokuya ngokukhanya esithe sanikwa kona. INkosi yathumela ngaphambili amanxusa nesigijimi sensindiso, nalabo abezwayo uzobabeka icala ngendlela leyo abaphatha ngayo amazwi ezinceku Zakhe. Labo abafuna ngempela iqiniso bazolifunisisa ngokunakekela, ukukhanya kwezwi likaNkulunkulu, nezimfundiso ezilethwe kubo.”-The Acts of the Apostles, p. 232.

b. Yiliphi izinga elizosetshenziswa ekwahluleleni? Jakobe 2:12.

c. Yimuphi lomthetho? Jakobe 2:11; umqhathanise no Eksodusi 20.

“Ezimfundisweni Zakhe, uKristu wabonisa ukuthi zifinyelela kude kangakanani izimiso zomthetho owakhulunywa eSinayi. Wenza ngendlela ephilayo zomthetho ozimiso zawo zihlala phakade ziyisilinganiso esikhulu sokulunga-isilinganiso leso bonke bazohlulelwa ngaso ngosuku olukhulu lapho ukwahlulela kwenzeka, nezincwadi zizovulwa.”-Selected Messages, bk. 1, p. 211.

“Umthetho kaNkulunkulu uyisilinganiso leso izimilo nokuphila kwabantu kuzovivinywa ekwahlulelweni. Kusho indoda ehlakaniphile: ‘Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokhu kungokwabantu bonke. Ngokuba uNkulunkulu uyakuletha yonke imisebenzi ekwahluleleni.’Umshumayeli 12:13, 14. Umpostoli uJakobe exwayisa abazalwane bakhe: ‘Khulumani kanjalo, nenze kanjalo, njengokufanele abayakwahlulela ngomthetho wenkululeko.’Jakobe 2:12.”-The Great Controversy, p. 482.

“Uma ukwahlulelwa kuthatha indawo, nezincwadi zivulwa, wonke umuntu uzakwahlulelwa ngokuya ngezinto ezibhalwe ezincwadini, bese izibhebhe zamatshe, ezifihliwe nguNkulunkuliu kuze kufike lolosuku, zizolethwa phambi komhlaba njengesilinganiso sokulunga. Besekuthi abesilisa nabesifazane bazobona imfuneko yensindiso yabo ukulalela umthetho kaNkulunkulu ophelele. Akekho ozothethelela isono sakhe. Ngenxa yezimiso zokulunga zalowomthetho, abantu bazothola isigwebo sokuphila noma ukufa.”-Selected Messages, bk. 1, p. 225.


Ngolwesine Nhlolanja 16

5. UMTHETHO NJENGO-THISHELA

a. Iyini inhloso yokuqonda umthetho noma ukwazi iqiniso? Johane 3:18-21; Roma 7:7.

“Inyathelo lokuqala lokubuyisana noNkulunkulu kungukulahlwa kwesono. Ngokuba isono singukweqa umthetho.’Ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.’ 1 Johane 3:4; Roma 3:20. Ukuze sibone icala lakhe, izoni kufanele zihlole isimo sakhe ngesilinganiso esikhulu sokulunga kukaNkulunkulu. Siyisibuko esibonisa ukuphelela kwesimilo sokulunga futhi simsize akwazi ukubona amaphutha angawakhe.”-The Great Controversy, p. 467.

b. Ngokudalula isimo sethu sangempela, kuyini umthetho okwenzayo ngalesambulo? Galathiya 3:24.

“Ngabuzwa maqondana nomthetho ngabaseGalathiya. Yimuphi umthetho omkhulu wokusiyisa kuKristu. Ngaphendula yomibili imithetho eyishumi nezimiso zokuziphatha.

“UKristu ubeyisisekolo somnotho wamaJuda onke. Ukufa kukaAbela kwakungumphumela kaKayini wokwenqaba ukwamukela icebo likaNkulunkulu esikolweni sokulalela, nokusindiswa ngegazi likaJesu Kristu, elalifanekiswa ngomnikelo womhlatshelo owawukhomba kuKristu. UKayini wenqaba ukuchitheka kwegazi, elifanekisa igazi likaKristu elizochithekela umhlaba wonke. Lenkonzo yonke yalungiswa nguNkulunkulu, noKristu waba yisisekelo sohlelo lonke. Lesi isiqalo somsebenzi njengomphathi wesikole wokuletha izithunywa zabantu ezinesono ukuba zicabange ngoKristu.”-The SDA Bible Comments [E.G. White Comments], vol. 6, p. 1109.


Ngolwesihlanu Nhlolanja 17

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Kubaluleke kanjani ukulungiselela inhliziyo yomuntu ekufundeni iBhayibheli?

2. Kungenzeka kanjani ukuqonda kahle into engaqondakali njengevangeli lensindiso?

3. Yiziphi izizathu zokuqonda ukuthi emva kwesiphambano, umthetho kaNkulunkulu usasebenza?

4. Liyini izinga elikhulu lesimilo eliyimfuneko yokuphila okuphakade?

5. Kungani kubalulekile ukuba umthetho, uyiphoyisa elingaphuthi, elisiletha kuKristu?

 <<    >>