Back to top

Sabbath Bible Lessons

UMGCINIMAFA WEQINISO (1) - Ukubonisana noMdali Wethu

 <<    >> 
Isifundo 3 ISabatha, Masingana 21, 2023

Izinyoka Ezinesihlungu

IVESI LEKHANDA: “Zanini kimi-nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula” (Mathewu 11:28-30).

“Ubuntu bendodana kaNkulunkulu buyinto yonke kithi. Buyiketanga legolide elihlanganisa imiphefumulo yethu kuKristu, futhi ngoKristu kuNkulunkulu. Lokhu kuzoba isifundo sethu.”-Selected Messages, bk.1, p. 244.

Incwadi Enikeziwe:   The Desire of Ages, pp. 48, 49, 114-123. 

NgeSonto Masingana 15

1. INZALO KA-ABRAHAMA

a. Chaza isimo sengqondo esiyingozi esithinta ukuphila kwethu kwesimoya? Johane 8:33.

b. Kuyini okusenza sibe yizigqila zesono? Johane 8:34, 39-44.

“AbaFarisi babezisho ukuthi bangabantwana bakaAbrahama. UJesu wabatshela ukuthi lokuzisho kungenzeka kuphela ngokwenza imisebenzi kaAbrahama. Abantwana beqiniso bakaAbrahama bazophila, njengoba waphila, ukuphila ngokulalela uNkulunkulu. Angeke bazame ukubulala Lowo okhuluma iqiniso elivela kuNkulunkulu. Ekwakheni uzungu bemelene noKristu, orrabi babengenzi imisebenzi kaAbrahama. Ukuba yinzalo nje kaAbrahama kwakungasho lutho. Ngaphandle kokuxhumana kwesimoya naye, okuzobonakala ekubeni nomoya ofanayo, nokwenza imisebenzi efanayo, babengesibo abantwana bakhe.”- The Desire of Ages, pp. 466, 467.

c. Kungenzeka kanjani ukuba ukhululwe kulobu budlova bendaba enonya? Johane 8:32, 36; Galathiya 3:29.


NgoMvulo Masingana 16

2. KUYINI OKUSHIWO “NGOKWAZI”?

a. Yimuphi umbuzo obalulekile uPilatu awubuza kwiholo lokwahlulela? Johane 18:38 (isigaba sokuqala). Iyiphi impendulo engabe wayithola uma ngabe wema okomzuzwana ukulalela impendulo yoMsindisi? Johane 14:6.

“UPilatu wayenesifiso sokwazi iqiniso. Ingqondo yakhe yayididekile. Wawabamba ngokulangazela amazwi oMsindisi, futhi inhliziyo yakhe yashukunyiswa yifisa esikhulu sokuthi laliyini ngempela, nokuthi angalithola kanjani. ‘Liyini iqiniso’ wayefuna ukwazi. Kodwa akalindanga ukuba ezwe impendulo. Isiphithiphithi esingaphandle samkhumbula ngentakazelelo yehora. Ngoba abapristi babevungamela isenzo esisheshayo. Ephumela ngaphandle kubaJuda, washo egcizelela, ‘angifumani icala kulomuntu’.”-The Desire of Ages, p. 727.

b. Chaza ukuthi kuyini okungenzeka uma umuntu efunda Izwi kodwa engamazi uNkulunkulu? Marako 12:24; 2 Thimothi 3:7

“AmaSadusi ayezikhohlisa ngokuthi banamthele kakhulu emiBhalweni kunabo bonke abantu. Kodwa uJesu wabonisa ukuthi babengayazi incazelo yawo ngempela.”-The Desire of Ages, p. 605.

c. Ungadonseleka kanjani koMunye isimo semvelo yethu ewileyo esingasidingi? Johane 12:32; 8:28; Mathewu 11:28-30.

“Uma umthetho ulethwa phambi kwabantu, makuthi uthishela weqiniso ukhomba isihlalo sobukhosi esizungzwe ngothingo lwesithembiso, ukulunga kukaKristu. Inkazimulo yomthetho nguKristu; weza ukuba awugcwalise umthetho, awenze uhlonipheke. Mabenze kucace ukuthi isihe neqiniso kuhlangene ndawonye kuKristu, ukulunga nokuthula kuyangana, kuyilapho ubheke esihlalweni Sakhe sobukhosi, unikela ngokuphenduka ukudumisa nokubonga kuNkulunkulu, lesimo sakha isimilo sobuKrestu esiphelele, futhi simele uKristu emhlabeni. Uhlala kuKristu, noKristu uhlala kuwe; unalokhu kuthula okudlula konke ukuqonda. Siyadinga njalo ukuzindla ngoKristu nangothando Lwakhe oluthathekisayo. Kufanele siqondise izingqondo zethu kuJesu, sizibophele phezu Kwakhe. Kuzozonke izinkulumo hlala phezu kwezimfanelo zaphezulu.”-The Ellen G. White 1888 Materials, p. 730.

“Funda ngokucophelela isimilo esingcwele somuntu, futhi uhlale ubuza, ‘Wayezokwenzani uJesu ukuba ubesendaweni yami?’.”-The Ministry of Healing, p. 491.


Ngolwesibili Masingana 17

3. IZINYOKA EHLANE

a. Ikhambi elinjani uNkulunkulu alinikeza labo abalunywa izinyoka ezinobuthi ehlane? Kuyini okwakudingeka ukuze ukwelapha kuthathe indawo? Numeri 21:6-9.

“Ngoba babevikelwe ngamandla ngcwele [abantwana bakwaIsrayeli] babengaqondi izingezi ezingenakubalwa lezo ezibazungezile njalo. Ngenxa yokungabongi kwabo nokungakholwa babekulindele ukufa, futhi manje iNkosi yavumela ukuba kufike phezu kwabo. Inyoka enobuthi eyayigcwele ihlane lonke yayibizwa ngokuthi izinyoka ezinomlilo, ngenxa yemiphumela esabekayo ebangelwa udosi lwazo, kubangela ukuvuvuka okunamandla nokufa ngokushesha. Njengoba isandla sikaNkulunkulu esivikelayo sisuswa kwaIsrayeli, isibalo esikhulu sabantu sahlaselwa yilezilwane ezinonya.

“UMose wayalwa ngokungcwele ukwenza inyoka yethusi efanekisa ephilayo, nokuthi ayiphakamise phakathi kwabantu. Kulokhu, bonke abathe balunywa kwakufanele bayibheke, ukuze bathola impumuzo. Wakwenza lokhu, nezindaba ezimnandi zazwakaliswa kwikamu lonke ukuthi labo abathe balunywa babheke inyoka yethusi bazophila. Abaningi base befile, futhi lapho uMose ephakamisa inyoka phezu kokhuni, abanye abazange bakholwe ukuthi ngokubheka nje phezu komfanekiso wethusi bazophila; labo bafa ngenxa yokungakholwa kwabo. Kodwa kwakukhona abaningi ababenokukholwa kumalungiselelo uNkulunkulu awenzile….uma labo, noma bequlekile futhi befa, uma bengabheka kanye kuphela, babepholiswa ngokuphelele.

“Abantu bebazi kahle ukuthi kwakungekho mandla kwinyoka yethusi yokubangela inguquko enjalo kulabo abathe bayibheka. Amandla aphilisayo ayevela kuNkulunkulu kuphela. Ngokuhlakanipha Kwakhe wakhetha lendlela yokubonakalisa amandla Akhe. Ngelendlela elula abantu benziwa baqonda ukuthi loluhlupho lulethwe phezu kwabo ngenxa yezono zabo. Baqinisekiswa ukuthi uma belalela uNkulunkulu sasingekho isizathu sokwesaba, ngoba wayezobalondoloza.”-Patriachs and Prophets, pp. 429, 430.

b. Kungayiphi indlela lamava afana kanjani nawalabo abahlushwa yinyoka endala (kaSambulo 12:9) futhi befisa ukuphulukiswa? Johane 3:14, 15; 1:29.

“Isoni esiphendukayo masigxilise amehlo aso phezu’ kweWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe’ (Johane 1:29); futhi ngokubheka, siyaguqulwa. Ukwesaba kwaso kuphenduka injabulo, ukungabaza kwaso ithemba. Ukubonga kuyakhula. Inhliziyo yetshe iyaphulwa. Umsinga wothando ugelezela emphefumulweni. UKristu kuye ngumthombo wamanzi aphuphumayo ayisa ekuphileni okuphakade.”-The Desire of Ages, p. 439.


Ngolwesithathu Masingana 18

4. UNGUBANI UJESU?

a. UJesu waphila ukuphila okuphelele emhlabeni (1 Peter 2:21, 22), kodwa esikhundleni sokudonseleka Kuye nakubalandeli Bakhe abathembekile, ithini impendulo yabantu abaningi? 2 Thimothi 3:12; Johane 3:19, 20.

“AmaKrestu asendulo ngempela ayengabantu abakhethekile. Ukuziphatha kwabo okumsulwa nokholo oluqinile lalingukusola okuqhubekayo okuphazamisa ukuthula kwezoni. Noma ayembalwa ngokwesibalo, bengenayo ingcebo, engenasikhundla, noma igama lokuhlonishwa, babesabeka kubenzi bobubi noma kuphi lapho isimilo sabo nemfundiso yaziwa khona. Kanjalo babezondwa ngababi, njengoba noAbela azondwa nguKayini ongamesabi uNkulunkulu. Ngesizathu esifanayo esenza uKayini abulale uAbela, kwenza labo ababezama ukuchitha isivimbelo sikaMoya Ongcwele, babulale abantu bakaNkulunkulu. Kwakungenxa yesimo esifanayo amaJuda enqaba futhi abethela uMsindisi-ngoba ukuhlanzeka nobungcwele besimilo Sakhe kwakukhuza njalo ubugovu babo nenkohlakalo. Kusukela ezinsukwini zikaKristu kuze kube namuhla, abafundi Bakhe abathembekile babevusa inzondo nokukuphikiswa yilabo abathanda futhi belandela izindlela zesono.”-The great Controversy, p. 46.

b. Yimaphi amandla aphakeme abonakaliswa kuMsindisi welizwe onamadla okudonsa abantu? 1 Thimothi 3:16; Johane 1:1-3; Heberu 1:8.

“Uma uKristu adala izinto zonke, wayekhona ngaphambi kwezinto zonke. Amazwi akhulunywa maqondana nalokhu anquma ngempela ukuthi akukho noyedwa ozoshiywa engabaza. UKristu unguNkulkulunkulu ngokweqiniso, futhi ngomqondo ophakeme kakhulu. WayenoNkulunkulu kusukela phakade, uNkulunkulu ophezu kwakho konke, obusisiwe kuze kube phakade.”-Selected Messages, bk. 1, p. 247.

“Phakathi kobumnyama obunzima, uNkulunkulu wavala usizi lokugcina lomuntu ngeNdodana Yakhe. Bonke ababembonile uKristu ekuhluphekeni Kwakhe balahlwa yicala lobuNkulunkulu Bakhe. Ubuso Bkahe obake babonwa ngumuntu, abuzange bulibalwe. Njengoba ubuso bukaKayini baveza icala lakhe njengombulali, kanjalo ubuso bukaKristu bembula ukungabi nacala, ukuzisola, umusa-umfanekiso kaNkulunkulu. Kodwa labo abambeka icala abazange baqaphele uphawu lwezulu. Ngamahora amade osizi lukaKristu babheka phezu kwesixuku esiklolodelayo wafihlwa ngesihe yingubo kaNkulunkulu .”- The Desire of Ages, p. 754.

“Cabanga ngokuzithoba kukaKristu. Wathathela Kuye ukuwa, imveloyokuhlupheka komuntu, wehliswa futhi wangcoliswa yisono. Wathatha usuzi lwethu, wathwala ukhlupheka kwethu nehlazo. Zonke izilingo eziwela phezu komuntu lapho ekhona. Wahlanganisa Ubuntu nobuNkulunkulu; umoya ongcwele wahlala phezu kwethempeli lenyama.”-The SDA Bible Commentary [E.G.White Comments] vol. 4, p. 1147.


Ngolwesine Masingana 19

5. UNKULUNKULU WABA INYAMA

a. Kuyini Isidalwa Esingcwele esezinga bayikho ukuze sikhulule abantu osizini lwabo olubi kanye nesimo esingenathemba? Johane 1:14; Heberu 2:9.

b. Chaza lokho uJesu akuthabathela ebuntwini Bakhe obungcwele obungenabala? Heberu 2:10, 11, 14, 17.

c. UJesu kwakudingeka azithobe ngezinga elingakanani ukuze kubenamandla adonsela esiphambanweni saseKhalivari? Heberu 2:14; Filiphu 2:6-8; 2 Thimothi 2:8.

“Uma sikucabanga lokhu, ingabe abantu bangaba nentwana eyodwa engaphakanyiswa? Njengoba belandelela ukuphila nokuhlupheka kanye nokuthotshiswa kukaKristu. Bangaphakamisa amakhanda abo aqhoshay njengokungathi ngeke bathwale ukulingwa, ihlazo, kungekho ukuthotshiswa? Ngithi kubalandeli bakaKristu, bhekani eKhalvari, nibe namahloni ngemibono yenu ebalulekile. Konke ukuthotshiswa koMbusi wezulu kwakungenxa yomuntu onecala, olahliwe. Wehla futhi ehla ekuthotshiswa Kwakhe, kwaze kwangabe kusabakhona ukujula ayengafinyelela kukho, ukuze aphakamise umuntu ekungcoleni kwakhe kokuziphatha.”-The SDA Bible Commentary [E.G.White Comments] vol. 5, pp. 1127, 1128.

“Kuyini esiyidelayo, uma sinikela konke? Isono senhliziyo engcolile, ukuba uJesu ayihlanze ngegazi Lakhe, futhi asindiswe ngothando Lwakhe olungenaku-qhathaniswa. Futhi nokho amadodana acabanga kanzima ukuyeka konke. Nginamahloni nokuyizwa kukhunywa ngayo, nginamahloni ukuyibhala.

“UNkulunkulu akafuni ukuthi silahle noma yini okuzuza kakhulu ukuyigcina. Kukho konke akwenzayo ubheka inhlala-kahle yabantwana Bakhe. Kwangathi bonke abangamkhethanga uKristu bangaqonda ukuthi unokubanzi okungcono angabapha kona kunalokho abazifunela kona.”-Steps to Christ, p. 46.


Ngolwesihlanu Masingana 20

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Yiziphi izifundo esingazifunda kumaJuda njengabantwana baka-Abrahama?

2. Kungenzeka kanjani ukuthi uphuthelwe ngokuphelele iphuzu leBhayibheli ngenkathi ulifunda?

3. Zifundo zini engingazifunda ngezinyoka ezinesihlungu ehlane?

4. Yini eyenza kwenzeke ukudonselwa kuMuntu waseKhalvari?

5. Kungani uJesu athabatha isimo semvelo eyonakele?

 <<    >>