Back to top

Sabbath Bible Lessons

UMGCINIMAFA WEQINISO (1) - Ukubonisana noMdali Wethu

 <<    >> 
Isifundo 8 ISabatha, Nhlolanja 25, 2023

Kubethelwe Esiphambanweni Sakhe

IVESI LEKHANDA: “Esehlangule incwadi yecala lethu, emelene nethi ngemiyalo yalo, wayeyisusa ngokuyibethela esiphambanwe.’” (Kolose 2:14).

“Imithetho Elishumi iyaphila futhi izophila ingunaphakade. Isidingo senkonzo yemihlatshelo neminikelo yaphela lapho okuyisithunzi kuhlangana nokoqobo ekufeni kukaKristu. Ngaye isithunzi safinyelela kokoqobo. IWundlu likaNkulunkulu lalingumnikelo ogcwele nophelele.”- The SDA Bible Comments [E.G. White Comments], vol. 6, p. 1116.

Incwadi Enikeziwe:   Selected Messages, bk. 1, pp. 229-235. 

NgeSonto Nhlolanja 19

1. OMUNYE UMTHETHO

a. IBhayibheli liwuchaza kanjani umthetho owawuphambene nathi futhi wabethelwa esiphambanweni? Kolose 2:14; Efesu 2:15. Njengoba izimiso zomthetho olushumi zazikhona ekuphelelisweni kwaseEdeni, sazi kanjani ukuthi lencazelo ngeke ibhekiswe kulowomthetho? Genesis 1:31.

b. Yiziphi ezinye zezinto eziqondile eziqukethwe kulomthetho wezimiso? Kolose 2:16, 21. Ingabe lamasabatha neminye imithetho ehlobene nomthetho wokuziphatha wasendulo owanikezwa endalweni-noma ngabe ayisithunzi sesehlakalo esizokwenzeka esikhathini esizayo ngemva kokuba isinikiwe? Kolose 2:17.

“Ensimini yaseEdeni, uNkulunkulu wamisa isikhumbuzo somsebenzi Wakhe wokudala, ngokubeka isibusiso Sakhe phezu kosuku lwesikhombisa. ISabatha lanikezwa uAdamu, ubaba ofanekisa wonke umkhaya woluntu. Ukugcinwa kwalo kwakuzoba isenzo sokubonga kubo bonke abazokwakha emhlabeni, ukuthi uNkulunkulu unguMdali nombusi ofanelekile nokuthi bangumsebenzi wezandla Zakhe nezikhonzi zegunya Lakhe. Kanjalo lesikhungo siyisikhumbuzo esiphelele, futhi sanikezwa uluntu lonke. Kwakungekho kuwo okuyisithunzi noma okulinganiselwe noma yibaphi abantu.”-Patriachs and Prophets, p. 48.


NgoMvulo Nhlolanja 20

2. IZIMISO ZOMTHETHO

a. Ingabe lezizinto ezaziyisithunzi zesehlakalo sakamuva ngempela okubhekiswe kuzo njengomthetho-futhi uma kunjalo, hlobo luni lomthetho? Heberu 10:1.

“Abantu bakaNkulunkulu, labo ababiza ngengcebo Yakhe ekhethekile, babe-nenhlanhla yohlelo lomthetho oluphindwe kabili; owokuziphatha nowemikhosi. Omunye, ukhomba emuva endalweni ukugcina engqondweni uNkulunkulu ophilayo owenzile umhlaba, ozimfuno Zakhe ziyisibopho phezu kwabantu bonke ezikhathini zonke, nesizoba khona zonke izikhathi zokufika ekupheleni. Omunye, owanikezwa ngenxa yokwephula komuntu umthetho wokuziphatha, ukulalelwa okwakhiwa ngemihlatshelo neminikelo owawukhomba ukuhlengwa okuzayo. Ngamunye usobala futhi wahlukile komunye.”-The SDA Bible Comments [E.G. White Comments], vol. 6, p. 1094.

b. Lapho imihlatshelo yezilwane ifundiswa amaHeberu asendulo ukufanekisa (okuyisithunzi) komhlatshelo weWundlu likaNkulunkulu elalizofika, yiliphi iphuzu okwakudingeka liqondwe? Heberu 10:2-4, 6.

“UKristu uQobo ubengumsunguli wohlelo lwamaJuda lokukhonza, lelo, ngezimpawu nemifanekiso, lwaluyisithunzi nesimoya sezinto zasezulwini. Abaningi bakhohlwa ukubaluleka ngempela kwaleminikelo; neqiniso elikhulu lokuthi ngoKristu kukhona ukuthethelelwa kwesono, kwabalahlekela bona. Ukwanda kweminikelo yomhlatshelo, igazi lezinkunzi nelezimbuzi, lalingenakho ukususa isono.”-Ibid., vol. 7, p. 933.

c. Yikuphi kuphela okunamandla okuhlanza icala lesono? 1 Johane 1:7.

“Isifundo sasihlanganiswa nomhlatshelo ngamunye, sigcizelelwa kumkhosi ngamunye…. Ngegazi likaKristu kuphela kukhona ukuthethelelwa kwezono.”-Ibid.

“Ukufa kukaJesu Kristu ngenxa yokuhlengwa komuntu kuphakamisa iveyili kubonise isikhukhula sokukhanya emuva iminyaka eyikhulu, phezu kwaso sonke isimiso sohlelo lwenkolo yamaJuda. Ngaphandle kokufa kukaKristu lonke loluhlelo lwalungasho lutho. AmaJuda amenqaba uKristu, ngakho-ke uhlelo lonke lwenkolo kubona alupheli, akuchazeki, futhi akunasiqiniseko. Bahlanganisa kakhulu ukubaluleka kwimikhosi yesithunzi semifanekiso ethe yahlangana nokoqobo njengoba benza kumyalo wemithetho elishumi, obungesona isithunzi, kodwa okoqobo okumi njalo njengesihlalo sobukhosi sikaJehova.”- Ibid., vol. 6, p. 1097.


Ngolwesibili Nhlolanja 21

3. UHLELO LWEMIHLATSHELO

a. Ngubani owayephakathi kwabokuqala ukwenza imihlatshelo yezilwane ngalendlela? Genesis 3:21, 24; 4:2-4; Heberu 11:4.

“Umnikelo wemihlatshelo wagcotshwa nguNkulunkulu ukuba ubeyikhumbuzo esimiyo somuntu sokuqonda isono sakhe nokuvuma ukholo lwakhe kuMhlengi othenjisiwe. Kwakufanele ugcizelelwe phezu koluntu oluwileyo iqiniso elizothile lokuthi isono esabangela ukufa. KuAdamu, umnikelo womhlatshelo wokuqala waba yinkonzo ebuhlungu kunazozonke. Isandla sakhe kwakumele sithathe ukuphila kwesilwane, okunguNkulunkulu kuphela ongakunikeza. Kwakungokokuqala efakazela ukufa, futhi ubazi ukuthi uma ngabe walalela uNkulunkulu, ngabe ukufa komuntu nokwesilwane akukho. Lapho ebulala isilwane esingenacala, wathuthumela uma ecabanga ukuthi bekuyisono sakhe esibangela ukuchitheka kwegazi leWundlu elimsulwa likaNkulunkulu. Lesehlakalo samnika omcabango ojulile nosobala wobukhulu bokweqa kwakhe umthetho, okungekho lutho ngaphandle kweNdodana kaNkulunkulu engakuqeda. Futhi wamangala ngobuhle obungapheli obunganikeza inhlengo esinjalo sokusindisa onecala. Njengenkanyezi yethemba elikhanyisa ubumnyama nekusasa elisabekayo kanye nokukhululwa ekubhujisweni kwayo ngokuphelele.”-Patriachs and Prophets, p. 68.

b. Yisiphi isimiso esathuthukiswa emva kokuba abantu bengaliqondi icebo lensindiso eNtabeni yaseSinayi? Exodus 25:8.

c. Kungani ukuchitheka kwegazi kwakudingeka-na? Heberu 9:22. Lalifanekisani iwundlu lomhlatshelo? 1 Korinte 5:7; 1 Peter 1:19; Johane 1:29.

“Waletha kubalaleli bakhe ukwehlela phansi kwezimpawu nemifanekiso yomthetho wemikhosi kuKristu-ekubethelweni Kwakhe, ubupristi Bakhe, netabanakeli engcwele yenkonzo Yakhe-isifundo esikhulu sento eyenza isithunzi saso sibuyela emuva esikhathini samaJuda. Yena, njengoMesiya, obeyisifanekiso sayo yonke iminikelo yemihlatshelo. Umpostoli wabonisa ukuthi ngokuya ngesiprofetho nalokhu okulindelwe ngamaJuda amaningi, ukuthi uMesiya wayezovela kwinzalo kaAbrahama noDavide. Walanda uzalo lwakhe kukhokho omkhulu uAbrahama, ngomhlabeleli wasebukhosini. Wafakazela imibhalo okwakuzoba yisimilo nemisebenzi kaMesiya othenjisiwe, kanye nokwamukela nokuphathwa Kwakhe emhlabeni, njengoba kwafakazelwa ngabaprofethi abangcwele. Wase ebonisa ukuthi lezibikezelo nazo zasezigcwalisekile ekuphileni, enkonzweni, nasekufeni kukaJesu, futhi ngalokho ngempela wayenguMhlengi womhlaba.”-Sketches from the Life of Paul, pp. 103, 104.


Ngolwesithathu Nhlolanja 22

4. KUNGANI KWAPHELISWA

a. Uma nje imikhosi yayiqhubeka njalo yenziwa ethempelini, kulokho uIsrayeli ayekholelwa kukho njengethemba lensindiso yabo? Isaya 1:10-15.

“INdodana kaNkulunkulu ingumnyombo wecebo elikhulu lokuhlelngwa elihlanganisa zonke izinhlelo. Uyi’Wundlu elahlatshwa kusukela ekusekelweni komhlaba.’ UnguMhlengi wamadodana namadodakazi awileyo kaAdamu ezikhathini zonke zomusa womuntu…UKristu uyingqikithi noma umzimba obuyisela umthunzi wawo esikhathini esedlule. Ekufeni kukaKristu, okuyisithunzi kwaphela. Ekufeni kukaKristu uhlelo lwemifanekiso lwapheliswa, kodwa umthetho kaNkulunkulu, ukwephulwa kwawo kwenza icebo lensindiso libaluleke, wawungcwalisa wawenza wahlonipheka. Ivangeli yizindaba ezimnandi zenjabulo kaAdamu, uNowa, uAbrahama, noMose; ngoba laveza kubo uMsindisi ozayo.”-The Signs of the Times, Nhlolanja 20, 1893.

“IJerusalema bekuyidolobha elikhulu lamaJuda, futhi kwakutholakala ukwehluka okukhulu nobandlululo olunzima. AmaKrestu angamaJuda ayehlala eduze nethempeli ngokwemvelo ayezovumela izingqondo zabo ukuguqukela kumathuba akhethekile amaJuda njengesizwe. Lapho bebona ubuKrestu busuka kwimikhosi nemikhuba yobuJuda, becabanga ukuthi ubungcwele obukhethekile lowo imikhuba yamaJuda ibitshalwe kuyo masinyane izolahlekelwa umbono wokukhanya kwenkolo entsha, abaningi bakhula ukuthukuthelela uPawule, njengalowo, ngesilinganiso esikhulu, ubangele lenguquko….Abanye babewushisekela umthetho wemikhosi.”- Sketches from the Life of Paul, p. 71.

b. Esikhundleni semihlatshelo yonke, kuyini uNkulunkulu wayebhekeni? Isaya 1:16-18; Amahubo 51:17-19.

c. Kuyini icebo lensindiso elikulethayo ngegazi likaJesu Kristu lelo uhlelo lwemihlatshelo olwalungakwazi ukukwenza? Izenzo 4:12; Heberu 7:28, 19.

“Ukukhanya okusobala nokukhazimulayo manje kukhanya phezu kwamaKrestu. Labo ababephila ngaphambi kokuza kukaKristu bebheka phambili ngokukholwa ukubuya Kwakhe, kodwa okumele kubanjwe ngokukholwa yibo njengethemba lethu; ngokuba siyazi ukuthi uKristu ufikile, njengoba kwabikezelwa ngabaprofethi. Kubalulekile nje kithi ukuba sibenoMhlengi wethu, oweza emhlabeni ukuba afe njengomhlatshelo wethu, njengoba kwakunjalo kubantu basendulo ukukholelwa kuMhlengi ozayo, owayefanekiswa ngeminikelo nemihlatshelo yabo.”-The Signs of the Times, Nhlolanja 20, 1893.


Ngolwesine Nhlolanja 23

5. SISADINGA UMTHETHO WEMIHLATSHELO NAMUHLA?

a. Kungani sinomthetho wemikhosi obhalwe eBhayibhelini? 2 Thimothi 3:16.

b. Kuyini uJesu akwenzayo ezulwini namuhla? Heberu 8:1-5; 3:1.

c. Kuyini okufanele sikwenze njengoba uhlelo olusha lusebenza ngamandla ezulwini? Heberu 4:14-16.

“Bekuyisifiso sikaKristu ukushiyela abafundi Bakhe inkonzo ezobenzela yona leyonto abayidingayo-ezosebenza ukubathukulula basuke kumasiko nemikhosi leyo abazihlanganise nayo njengebalulekile, nokuthi ukwamukelwa kwevangeli akucindezelwa nanini. Ukuqhubeka ngalamasiko kuzoba yinhlamba kuJehova.”-The SDA Bible Comments [E.G. White Comments], vol. 5, pp. 1139, 1140.

“Izithunywa zesiphambano kufanele zihlome ngokuqaphela nangokukhuleka, ziqhubekela phambili ngokukholwa nangesibindi, ukusebenza njalo egameni likaJesu. Kufanele baphakamise uKristu njengomlamuleli womuntu etabanakeleni lasezulwini, Lowo kuyena yonke imihlatshelo yeTestamende Elidala igxile khona, nangaye umhlatshelo wenhlawulo wokwephulwa komthetho kaNkulunkulu ungathola ukuthula nokuthethelelwa.”-The Acts of the Apostles, p. 230.


Ngolwesihlanu Nhlolanja 24

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Sazikanjani ukuthi iSabatha losuku lwesikhombisa alufakwanga kwizithunzi zeTestamende Elidala?

2. Yiziphi izimpawu ezihlukile zemithetho emibili-owokuziphatha nowemikhosi?

3. Ngenxa yokufa okungaka, yisiphi isimo esisilahlekele uma kufa isilwane?

4. Kuyini okwenza kubenzima kumaJuda ayehlala eduze kwethempeli ukuqonda inkonzo yemihlatshelo ukuthi luphelile?

5. Kuyini esikuzuzayo namuhla ngokufunda ngenkonzo yendlu engcwele?

 <<    >>