Back to top

Sabbath Bible Lessons

UMGCINIMAFA WEQINISO (1) - Ukubonisana noMdali Wethu

 <<    >> 
Isifundo 4 ISabatha, Masingana 28, 2023

Ngiphe Amafutha Esibaneni Sami

IVESI LEKHANDA: “Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube-ngomoya wami kuphela, usho uJehova Sebawothi” (Zakariya 4:6).

“Ukungcweliswa kwethu kungumsebenzi kaBaba, iNdodana, noMoya Ongcwele. Kungugcwaliseka kwesivumelwano uNkulunkulu asenza nalabo abazihlanganisa Naye, abema Naye, neNdodana Yakhe, noMoya Wakhe ngokukhonza okungcwele. Ingabe uzelwe kabusha? Ingabe uzelwe kabusha? Ingabe uyisidalwa esisha kuKristu Jesu? Ngakho-ke ukusizana namandla amathathu ezulu asebenza ngenxa yenu. Ngokwenza lokhu sizokwembula emhlabeni izimiso zokulunga.”-The Signs of the Times, Nhlangulana19, 1901.

Incwadi Enikeziwe:   The Acts of the Apostles, pp. 47-56. 

NgeSonto Masingana 22

1. UNGUBANI UMOYA ONGCWELE

a. Unesikhathi esingakanani uMoya Ongcwele ukhona? Genesis 1:2; Amahubo 51:11; Heberu 9:14.

b. Chaza futhi ufanekise ububanzi bemvelo yoMoya kaNkulunkulu? Amahubo 139:7-12; 1 Korinte 2:9-12; 2 Peter 1:21.

“Ngesikhathi somnotho wamaJuda umfutho woMoya kaNkulunkulu uthe wabonakala ngendlela ephawulekayo, kodwa hayi ngokuphelele. Iminyaka eminingi kwakhulekelwa ukugcwaliseka kwesithembiso sikaNkulunkulu sokunikeza uMoya Wakhe, ayikho neyodwa yalokhu kunxusa okuqotho okwakukhohlakele.”-My Life Today, p. 36.

“Ngaphambi kokuba isono singene, uAdamu wayethokozela ubudlelwano obusobala noMdali wakhe; kodwa njengoba umuntu azehlukanisa ngokwakhe kuNkulunkulu ngokona, isizwe soluntu sithe sanqunywa kwilungelo eliphakeme. Ngecebo lensindiso, nokho, indlela ithe yavulwa lapho abakhileyo emhlabeni bangaba nokuxhumana nezulu. UNkulunkulu nabantu ngoMoya Wakhe, nokukhanya okungcwele kudluliselwa emhlabeni ngezambulo ezincekwini Zakhe ezikhethekile.”-God’s Amazing Grace, p. 190.


NgoMvulo Masingana 23

2. INGABE UNESIQU ESINGESAKHE

a. Yisho ezinye izici zesimilo ezibonisa ubuntu boMoya Ongcwele.

(1) Umoya uyazi. 1 Korinte 2:9-12.

(2) Uyakwazi ukuthanda. Roma 15:30.

(3) Uyakwazi ukuxoxa. 2 Korinte 13:14.

(4) Njengoba uyakwazi ukukhuluma, kumele ukukhuluma. 1 Thimothi 4:1.

(5) Ngaleyondlela uyakwazi ukufundisa. 1 Korinte 2:13.

(6) Uyakwazi ukufakaza. Roma 8:16.

“UKristu wanikeza abalandeli Bakhe isithembiso esihle leso emva kokwenyuka Kwakhe wayezobathumela uMoya Wakhe. ‘Ngakho-ke hambani,’ esho, nenze ezizweni zonke abafundi, nibabhaphathize egameni likaYise [UNkulunkulu umuntu], nenNdodana, iNkosana yomuntu noMsindisi]: noMoya Ongcwele [owathunyelwa uvela ezulwini ukumela uKristu]: nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho, bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”-Review and Herald, Mfumfu 26, 1897.

“Kufanele siqonde ukuthi uMoya Ongcwele, ongumuntu uqobo njengoNkulunkulu engumuntu, uhamba kulezindawo.

“UMoya Ongcwele ungumuntu, ngoba ufakazi kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Uma lobufakazi buvela, buhambisana nobufakazi babo. Ngalesosikhathi siyakholwa futhi siqinisekile ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.

“UMoya Ongcwele unobuntu, kanjalo abengeke abe ngufakazi emoyeni wethu nangomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Kufanele abe ngumuntu ongcwele, kanjalo angeke ahlole izimfihlakalo ezifihliwe engqondweni kaNkulunkulu. ‘Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, kungesiye umoya womuntu okuye-na? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa ngumuntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu.”-Evangelism, pp. 616, 617.

“Embathiswe ngobuntu, uKristu ubengakwazi ukubakhona yonke indawo ngobuntu; ngakho-ke kwaba kuhle kakhulu ukuba abashiye, abuyele kuYise, futhi athumele uMoya Ongcwele ukuba yindlalifa Yakhe emhlabeni. UMoya Ongcwele ngoKwawo ehlutshiwe ubuntu ezimele ngokwakhe. Wayezozi-bonakalisa ekhona kuzozonke izindawo ngoMoya Wakhe oNgcwele njengoKhona Yonke Indawo.”-Manuscript Releases, vol. 14, p. 23.

“Kukhona ubuntu obuthathu obuphilayo kobuthathu bezulu: egameni lamandla amathathu amakhulu-uYise, iNdodana, noMoya Ongcwele-labo abamukela uKristu ngokuphila ngokukholwa bayabhapathizwa, futhi lamandla amathathu azosizana nezikhonzi ezilalelayo zezulu ngemizamo yokuphila ukuphila okusha kuKristu.”-Evangelism, p. 615.


Ngolwesibili Masingana 24

3. INGABE UNESIQU ESINGESAKHE? (KUYAQHUBEKA)

a. Ngeziphi ezinye izici ezibonisa ubuntu boMoya Ongcwele?

(1) Uyasikhulumela lapho sithandaza. Roma 8:26, 27.

(2) Ungumsabalalisi wezipho ezikhethekile. 1 Korinte 12:7-11.

(3) Umema nesoni futhi ukuba siphenduke. Isambulo 22:17.

(4) Akagcini ngokumema isoni ukuba siphenduke, futhi usibeka uphawu noma asimise ekukholweni. Efesu 1:13.

(5) Njengoba usibeka uphawu kumbe usihlalise, futhi sixwayiswa kokuphi. Efesu 4:30.

(6) Njengoba eyisidalwa somuntu, uJesu usebenzisa isabizwana somuntu “Yena kanye “Naye” kuMoya Ongcwele izikhathi ezingu 24. Isibonelo esisodwa sikuJohane 14:16, 17.

“UKristu, uMlamuli wethu, noMoya Ongcwele bayaqhubeka ukusincengela ngenxa yomuntu, kodwa uMoya awusincengeli njengoKristu oletha igazi Lakhe, elachitheka kusuka ekusekelweni komhlaba; uMoya usebenza phezu kwezinhliziyo zethu, udonsa imikhuleko nokuphenduka, ukudumisa nokubonga. Ukubonga okugeleza kuvela ezindebeni ngumphumela woMoya oshaya izintambo zomphefumulo ngomkhumbulo ongcwele, ovusa ingoma enhliziyweni.”-The SDA Bible Commentary [E.G.White Comments] vol. 6, pp. 1077, 1078.

“Injabulo ibangelwa izinto ezincane nezinkulu….Uma sizofana noKristu samukele isimilo Sakhe, kumele ezintweni ezincane siqeqeshe umphefumulo ekungcwelisweni okuqhubekayo nsuku zonke. Asikho isikhathi okumele sisilahlekele. Ungagcizelela isigxivizo ukuze uthole isithombe esicacile phezu kwepholishi, ungahlikihli ngokwenza ngamandla, kodwa indawo yakho ivale ngokucophelela futhi ngokuqinile uyicindezele phansi kuze kube yilapho igcina ithola isikhunta. Kanjalo iNkosi isebenza ngemiphefumulo…Kungesikho manje, kodwa kancane kancane ukuphila okusha kutshalwa nguMoya Ongcwele emva kokufana noKristu.”-In Heavenly Place, p. 66.

“UMoya Ongcwele usho yonke imithandazo yeqiniso. Ngifundile ukuthi ukwazi ukuthi kukho konke ukunxusa kwami uMoya uyangincengela nabobonke abangcwele; kodwa ukuncenga kwayo kuya ngentando kaNkulunkulu, akuphikisani nentando Yakhe. ‘UMoya uyasiza ebuthakathakeni bethu,’ noMoya, Ubuntu bukaNkulunkulu, wazi ingqondo kaNkulunkulu; ngakho-ke kuyoyonke imithandazo yethu yokukhulekela abagulayo, noma ezinye izidingo, intando kaNkulunkulu kufanele ibhekwe.”-The Signs of the Times, Mfumfu 3, 1892.


Ngolwesithathu Masingana 25

4. UYINI UMSEBENZI WAKHE

a. Njengoba uJesu esinxusela ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, yini ebonisa ukuthi uMoya Ongcwele ungummeli womuntu ngempela woMsindisi? Johane 15:26; 16:13, 14.

b. UMoya Ongcwele uhlinzeka ngani inhliziyo yethu enesizungu uma uMngane wethu esimthandayo engekho? Johane 16:7.

c. Usiholela kanjani ukuba siguquke-na? Johane 16:8 (isiphetho) Zakariya 4:6.

“UMoya wanikezwa njengesithunywa esidala kabusha, futhi ngaphandle kwalokhu umhlatshelo kaKristu ubungeke ubelusizo. Amandla obubi ayelokhu eqina iminyaka engamakhulu, nokuzinikela kwabantu kulobugqila bukaSathane kuyamangalisa. Isono singamelana naso futhi sinqotshwe kuphela ngesithunywa esinamandla soBuqu Besithathu sobuNkulunkulu, besingeke sifike ngaphandle kwamandla aguquliwe, kodwa ngokugcwala kwamandla angcwele. NguMoya owenza kube nempumelelo lokho okwenziwa nguMhlengi womhlaba. Kungenxa kaMoya inhliziyo yenziwa ihlanzeke. Kungenxa kaMoya abakholwayo baba ngabahlanganyeli bemvelo engcwele. UKristu unikele ngoMoya Wakhe njengamandla angcwele ukunqoba konke ukuthambekela kofuzo nokuhlakulela imikhuba emibi, nokucindezela isimilo Sakhe ebandleni Lakhe.”-The Desire of Ages, p. 671.

“Umfanekiso kaKristu oqoshwe phezu kwenhliziyo ubonakala esimilweni, ekuphileni okubonakalayo, nsuku zonke, ngoba sibonakalisa uMsindisi wethu. UMoya Ongcwele uthenjiswe bonke abazowucela. Uma uhlola iMibhalo, uMoya Ongcwele useduze kwakho, ulingisa uJesu Kristu.”-General Conference Daily Bulletin, Nhlolanja 15, 1895.

“Ukushunyayelwa kwezwi akusizi ngalutho ngaphandle kobukhona nosizo lukaMoya Ongcwele; ngoba loMoya unguthishela osebenzayo weqiniso elingcwele. Kuphela uma iqiniso lihlanganiswa enhliziyweni nguMoya, lizosheshisa unembeza noma liguqule ukuphila. Umfundisi angakwazi ukuletha igama lezwi likaNkulunkulu; angajwayelana nayoyonke imiyalo nezithembiso; kodwa ukutshala kwakhe imbewu yevangeli akusoze kwaphumelela ngaphandle kokuthi imbewu ilethwa ekuphileni ngamazolo asezulwini. Ngaphandle kokusebenzisana noMoya kaNkulunkulu, akukho nani lemfundo, kungekho inzuzo, noma iyinhle kangakanani, kungenza umuntu abe ngumsele wokukhanya.”-Gospel Workers, p. 284.


Ngolwesine Masingana 26

5. UBUDLELWANO BUKAMOYA ONGCWELE NEBANDLA

a. Umuntu ufinyelela kanjani olwazini olupheleleyo lweqiniso? Johane 16:13.

b. Njengoba lona kungumsebenzi woMoya Ongcwele, iyini indima yakhe ekusisizeni ukuba sithole ibandla leqiniso? 1 Thimothi 3:15.

c. Njengoba uMoya Ongcwele ubaluleke kangaka ukuba sibenawo ekuphileni kwethu, kuyini esingabe siyakwenza ukuba sibenamandla aphelele oMoya Ongcwele? Luka 11:9-13.

“Inkosana yamandla obubi ingavinjwa amandla kaNkulunkulu kuphela ngomuntu wesithathu wobuNkulunkulu, onguMoya Ongcwele.”-Evangelism, p. 617.

“Inqobo nje uma ibandla lisanelisekile ngezinto ezincane lisuka lingafaneleki ukwamukela izinto ezinkulu zikaNkulunkulu. Kodwa kungani singalambeli futhi somele isipho soMoya Ongcwele, njengoba siyindlela leyo inhliziyo ingagcinwa ihlanzekile-na? INkosi ihlela ukuthi amandla angcwele abambisane nomzamo womuntu. Kubalulekile ukuba uMkrestu aqonde incazelo yesithembiso soMoya Ongcwele ngaphambili nje kokufika kweNkosi yethu uJesu okwesibili. Khuluma ngawo, uwukhulekele, shumayela maqondana nawo; ngoba iNkosi iyathanda kakhulu ukunikela ngoMoya Ongcwele kunabazali abapha izipho ezinhle kubantwana babo.”-The Review and Herald, Lwezi 15, 1892.


Ngolwesihlanu Masingana 27

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Sazi kanjani ukuthi uMoya Ongcwele ubuyisiThunywa esiphuthumayo ezikhathini zeTestamende ELidala?

2. Yibuphi ubufakazi besinqu soMoya Ongcwele?

3. Yimuphi umahluko okhona phakathi komsebenzi wokusincengela kaKristu nokaMoya Ongcwele?

4. Ngeyiphi eminye imisebenzi ebalulekile kakhulu kaMoya Ongcwele kwicebo lensindiso?

5. Kuyini ukuhlanganyela kukaMoya Ongcwele ekusizeni abantu ukuba baqonde ibandla leqiniso?

 <<    >>