Back to top

Sabbath Bible Lessons

UMGCINIMAFA WEQINISO (1) - Ukubonisana noMdali Wethu

 <<    >> 
Isifundo 10 ISabatha, Ndasa 11, 2023

“Bangcwelise Ngeqiniso Lakho”

IVESI LEKHANDA:”Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini” (Izaga 4:18).

“Uma sizinikela ngokuphelele kuNkulunkulu, futhi sikholwe ngokugcwele, igazi likaKristu liyasihlanza ezonweni zonke. Unembeza uzokhululwa ekulahlweni. Ngokukholwa egazini Lakhe, bonke bangapheleliswa kuKristu Jesu. Sibonga uNkulunkulu ukuthi asibhekani nokungenzeki. Singabiza ukungcweliswa. Singajabulela umusa kaNkulunkulu. Akufanele sikhathazeke ngokuthi uKristu noNkulunkulu bacabangani ngathi, kodwa ukuthi uNkulunkulu ucabangani ngoKristu, uMbabeli wethu.”-Selected Messages, bk. 2, pp. 32, 33.

Incwadi Enikeziwe:   The Acts of the Apostles, pp. 557-567. 

NgeSonto Ncwaba 5

1. UKULUNGISISWA

a. Lapho sivuma izono zethu ngokweqiniso futhi sinikele ukuphila kwethu kuJesu-noma ekuqaleni kwamava ethu obuKrestu noma kumanyathelo endlela yonke-kuyini esikuzuzayo kuNkulunkulu? Roma 3:24-26.

“Kwakungenzeka kuAdamu, ngaphambi kokuwa, ukuba akhe isimilo esilungile ngokulalela umthetho kaNkulunkulu. Kodwa wehluleka ukwenza lokho, futhi ngenxa yesono sakhe imvelo yethu nayo iwile asikwazi ukuba singazenza abalungile ngokwethu. Njengoba siyizoni, singcolile, asikwazi ukulalela umthetho ongcwele ngokuphelele. Asinakho ukulunga okungokwethu kokuhlangabezana nezimfuno zomthetho kaNkulunkulu. Kodwa uKristu usenzele indlela yokuphepha. Waphila emhlabeni phakathi kwezilingo nezihibe esihlangana nazo. Waphila impilo engenasono. Wasifela, manje uyaZinikela ukuthatha izono zethu asiphe ukulunga Kwakhe. Uma uzinikela Kuye, umamukele njengoMsindisi wakho, besekuthi, noma ukuphila kwakho bekonakele kangakanani, ngenxa Yakhe ubalelwa ukuthi ulungile. Isimilo sikaKristu sime endaweni yesimilo sakho, futhi uyamukeleka phambi kukaNkulunkulu kungathi awuzange wona.”-Steps to Christ, p. 62.

b. Luzothatha isikhathi esingakanani loluhambo? Izaga 4:18; Marako 13:13.


NgoMvulo Ndasa 6

2. UKUKHULISA UZWELO LOBUKRESTU

a. Ngaphandle kwentethelelo/noma ukulungisiswa, kuyini okunye uNkulunkulu afuna ukusinika kona? 2 Korinte 7:1; Heberu 6:1; Filiphu 3:12-14.

“Ukuguquka kwesimilo okunjalo njengoba kwabonakala kuJohane kulokhu kungumphumela wokuxhumana noKristu. Zingase ziphawuleke izici esimilweni somuntu, kepha abe ngumfundi kaKristu weqiniso, amandla omusa ongcwele amguqulile futhi amngcwelisa. Ebheka njengasesibukweni inkazimulo kaJehova, uyaguqulwa ukusuka enkazimulweni ukuya enkazimulweni, aze afane Nalowo amthandayo.”-The Acts of the Apostles, p. 559.

“Ngaphandle komusa kaKristu, isoni sikwisimo esingenathemba; akukho esingenzelwa kona; kodwa ngomusa ongcwele, namandla angaphezu kwemvelo abelwa umuntu, asebenze engqondweni nasenhliziyweni nasesimilweni. Kungenxa yokungeniswa komusa kaKristu ukuthi isono sibonakale esimeni saso esinenzondo futhi ekugcineni sikhishwe ethempelini lomphefumulo.”-Selected Messages, bk. 1, p. 366.

“Akukho lutho ngaphandle kwamandla kaNkulunkulu angakwazi ukuvuselela inhliziyo yomuntu futhi agcwalise imiphefumulo ngothando lukaKristu, oluzohlala lizibonakalisa ngothando kulabo aBafelayo. Isithelo sikaMoya siluthando, injabulo, ukuthula ukubekezela, ubuhle, ukukholwa, ubumnene, ukuzithiba. Uma umuntu ephendukele kuNkulunkulu, ukunambitha okusha kokuziphatha kuyanikezwa, amandla amasha ashukumisayo ayanikezwa, uthanda izinto ezithandwa nguNkulunkulu; ngoba ukuphila kwakhe kuboshelwe ngeketanga legolide lezithembiso ezingaguquki zokuphila kukaJesu. Uthando, injabulo, ukuthula, nokubonga okungelinganiswe kuzogcwalisa umphefumulo, futhi ulwimi lwalowo obusisiwe luzoba ukuthi, ‘Nobumnene bakho bungikhulisile’ (Amahubo 18:35).”-Ibid., p. 336.

b. Yiziphi ezinye izinyathelo zokukhuliswa komusa womKrestu azidingayo endleleni eya embusweni wezulu? 2 Peter 1:5-11.

“UKristu, ohlanganisa umhlaba nezulu, uyisikhwelo. Isisekelo sitshalwe saqina emhlabeni ngobuntu Bakhe; isiyingi esiphezulu sifinyelela esihlalweni sobukhosi bukaNkulunkulu. Ubuntu bukaKristu buhlanganisa umuntu owileyo, kuyilapho ubungcwele Bakhe bubambe isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Sisindiswa ngokukhwela sizungeza isikhwelo, sibheke kuKristu, senyuka inyathelo ngenyathelo ekuphakameni kukaKristu, ukuze enziwe kithi ukuhlakanipha, nokulunga, nokungcweliswa, nokuhlengwa.”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 147.


Ngolwesibili Ndasa 7

3. AMANDLA ATHOLAKALA NGEZWI LIKANKULUNKULU

a. UNkulunkulu ukhanyisela kanjani izingqondo zethu ukuze ukukhula kobuKrestu kuqhubekele phambili kancane kancane? 2 Korinte 4:4-6; Amahubo 119:105; Levi 20:7, 8.

“Lapho intando yomuntu isebenzisana nentando kaNkulunkulu, iba namandla onke. Noma yini okufanele yenziwe ngomyalo Wakhe ingafezwa ngamandla Akhe. Zonke izicelo Zakhe ziyasiza.”-Christ’s Object Lessons, p. 333.

“Ukuphelela kwesimilo kusekelwe phezu kwalokhu uKristu azokusebenzisa. Uma njalo sencike ekufanelekeni koMsindisi wethu, sihambe emanyathelweni Akhe, sizofana Naye, simsulwa futhi sihlanzekile.

“UMsindisi wethu akadingi okungenzeki emphefumulweni ngamunye. Akalindele lutho kubafundi Bakhe lokhu angathandi ukubanika umusa namandla okukwenza. Ubengeke ababize ukuba bapheleliswe uma emyalweni Wakhe wayengenakho konke ukuphelela komusa ukubanika labo azobanika ilungelo eliphakeme kangaka nelingcwele. Ubathembisile ukuthi uyathanda kakhulu ukunikeza uMoya Ongcwele kubo abawucela Kuye kunabazali abapha abantwana babo izipho ezinhle.”-That I may Know Him, p. 130.

b. Silubiza ngokuthini lohlelo lokukhula kobuKrestu eqinisweni ngamandla eZwi? Johane 1:14; 17:17.

“Uma iqiniso liba isimiso esihlala njalo ekuphileni, umphefumulo ‘uzalwa kabusha, kungeyona imbewu ebolayo, kodwa engaboliyo, lezwi likaNkulunkulu, eliphila futhi lihlala phakade.’ Lokuzalwa kabusha kungumphumela wokwamukela uKristu njengezwi likaNkulunkulu. Lapho ngoMoya Ongcwele amaqiniso angcwele ecindezelwa enhliziyweni, imicabago iyavuswa, futhi amandla alele kuze kube manje ayavuswa ukuze asizane noNkulunkulu.”-The Acts of the Apostles, p. 520.

“Ukungcweliswa kwebandla kuyinjongo kaNkulunkulu kukho konke ukuxhumana Kwakhe nabantu Bakhe. Uzikhethele bona kusukela ephakadeni, ukuthi babengcwele. Wanikela ngeNdodana Yakhe ukuba ibafele, ukuze bangcweliswe ngokulalela iqiniso, wahlubula kubo ubuncane bukamina. Kubona ufuna umsebenzi womuntu ngamunye, ukuzinikela komunye. UNkulunkulu angahlonipheka kulabo abazishoyo ukuthi bakholwa Kuye, kuphela uma behambisana nomfanekiso Wakhe futhi belawulwa nguMoya Wakhe. Khona-ke, njengofakazi boMsindisi, bangazisa abanye lokhu umusa ongcwele ubenzele kona.”-Ibid., p. 559.


Ngolwesithathu Ndasa 8

4. IZIBIZO ZAMANGA

a. Uma sibheka abantu abangwele bakaNkulunkulu ezikhathini zeBhayibheli, kuyini esingakuqonda mayelana nokufuna ukunqoba kokugcina? 1 Johane 1:8, 10; Roma 7:18; Galathiya 6:14.

“Udumo olwanikezwa uDanyeli lwavusa umona kumadoda ayengabaholi embusweni. Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDanyeli oluqondene nombuso, abatholanga lutho nacala kuye, ngokuba wayethembekile; akutholwanga siphosiso nacala kuye’ (Danyeli 6:4).

“Yisiphi isifundo lapha esilethwa kumaKristu wonke. Amehlo abukhali omona ahlala ethe njo kuDanyeli ezinsukwini ezilandelayo; ukubukela kwabangela inzondo; kodwa akuzange kubekhona izwi noma isenzo sokuphila kwakhe abangakwenza kubonakale kuphambukile. Futhi noma kunjalo akazange afune ukungcweliswa, kodwa wenza lokho okwakungcono kakhulu-waphila ngokwethembeka nokuzinikela.”-The Sanctified Life, p. 42.

“Ukungcweliswa kwamanga kuholela kude neBhayibheli ngokuqondile. Inkolo iguqulwa ibe yinganekwane. Imizwa nokuvelayo kwenziwa kube ngumbandela. Lapho bezisho ukuthi kabanasono futhi bezigqaja ngokulunga kwabo, labo abathi bangcwelisiwe bafundisa abantu ukuthi bakhululekile ukweqa umthetho kaNkulunkulu nokuthi labo abalalela imiyalo yawo bawile emuseni. Ukwethulwa kokusho kwawo kuvusa intukuthelo nokudelela. Isimilo sabo siyabonakaliswa, ngoba ‘Ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu: ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, yebo, futhi kungekwenze’ (Roma 8:7).”-Faith and Works, p. 53.

b. Ingabe ukukholelwa kwisidingo sokungcweliswa kusho ukuthi sizuza insindiso yethu? Johane 14:15; 1 Johane 3:5, 6.

“Ukulunga kunezimpande zawo zokwesaba uNkulunkulu. Akukho umuntu olungile njengoba ekholwa kuNkulunkulu futhi egcina ukuxhumana okubalulekile Kuye. Njengembali yensimu enezimpande zawo emhlabathini; njengoba kufanele ithole umoya, amazolo, izihlambi zemvula, nokukhanya kwelanga, ngokunjalo simelwe ukwamukela kuNkulunkulu lokhu okunakekela ukuphila komphefumulo. Kungenxa kuphela yokuba ngabanhlanganyeli bemvelo Yakhe ukuthi sithole amandla okulalela imithetho Yakhe. Akukho muntu, ophakeme noma ophansi, onamava noma ongenamava, ongakwazi ukugcina njalo njalo phambi kwabanye abantu ukuphila okumsulwa, namandla ngaphandle uma ukuphila kwakhe kufihleke noKristu kuNkulunkulu.”-Testimonies for the Church, vol. 7, p. 194.


Ngolwesine Ndasa 9

5. KUTHIWANI NGOKUNGCWELISWA?

a. Ukukhula kokungcweliswa-esimilweni sobuKrestu-ngokuvamile kuyabonakala kumuntu okwenzeka kuye-na? Marako 4:26-29. Kuthiwani ngabanye-na?

“Umfutho ongafundiwe, ongazi lutho ngokuphila okungcwele uyintshumayelo enelisa kakhulu enganikezwa ngokuvuna ubuKrestu. Izingxabano, ngisho noma zingaphenduleki, zingase zibange impikiswano kuphela; kepha isibonelo sokuhlonipha uNkulunkulu sinamandla okungenakwenzeka ukuba umelane nawo ngokuphelele.”-The Acts of the Apostles, p. 511.

b. Kuyini okubonisa ukuthi lokukhula kuyaqhubeka nokuthi asikwazi neze ukuhlala senelisekile ngenqubekela phambili yethu kanye nesikuzuzile? 1 Korinte 15:31; Mathewu 10:22; Filiphu 3:12-16.

“UNkulunkulu uzovumela wonke amadodana namadodakazi Akhe ajabule, abenokuthula, futhi alalele….Ngokukholwa, konke ukuntuleka kwesimilo kunganikezwa, konke ukungcola kuhlanzwe, wonke amaphutha alungiswe, bonke ubuhle buthuthukiswe.”-The Acts of the Apostles, p. 564.

“Ukungcweliswa akuwona umsebenzi womzuzwana, noma owehora, noma wosuku olulodwa, kodwa umsebenzi wempilo yonke. Akutholakali ngomuzwa wokubaleka okujabulisayo, kodwa ngumphumela wokufa njalo esonweni, nokuhlala njalo ukuKristu. Amaphutha angeke alungiswe noma izinguquko ezenziwa kwisimilo ngemizamo ebuthakathaka, nengapheliyo. Kuphela, ngomzamo ophikelela isikhathi eside, ukuzithiba okubuhlungu, kanye nokungqubuzana okuqinile, yilapho sizonqoba. Asazi ngelinye ilanga ukuthi ingxabano yethu izoba namandla angakanani ngokulandelayo. Njengoba uSathane esabusa, siyazithobisa, sigqilaza izono okumele sizinqobe; inqobo nje uma ukuphila kusekhona, ngeke kube nendawo yokuma, akukho phuzu esingafinyelela kulo futhi sithi, ngilizuzile ngokungcwele. Ukungcweliswa kungumphumela wokulalela ukuphila konke kwethu.”-Ibid., pp. 560, 561.


Ngolwesihlanu Ndasa 10

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Siphathwa kanjani nguNkulunkulu mayelana nesikhathi sonke sokulungisiswa?

2. UNkulunkulu ubonisa kanjani ukuthi isifiso Sakhe ngathi singaphezu kokuthethelela?

3. Iyini imfihlakalo yenguquko?

4. Ukungcweliswa kwamanga kusiholela ukuba sisuke kuphi-na?

5. Sazi-kanjani ukuthi ukungcweliswa kubandakanya ukuphila konke nokukhula okuqhubekayo?

 <<    >>