Umnikelo WeSabatha Lokuqala Ngowe Foreign Mission Project in the Pacific Region
Umsebenzi wokuhambisa isigijimi sevangeli kulomhlaba ngumsebenzi omkhulu kakhulu, ngenxa yemiphefumulo eminingi okufanele ithole izindaba ezimnandi zensindiso. INkosi ithi ‘lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela” (Mathewu 24:14). UNkulunkulu uthanda umuntu ngamunye kwizigi ezingu 7. 8 zabantu kulomhlaba uthanda ukuba bonke babenethuba lokuphendukela Kuye.
Kukhona izinkolo eziningi esifundeni sasePacific ezihlanganisa inkolo yamaTaoism, Budhism, Islam kanye namaKrestu; noma kunjalo, iningi lizibonakalisa njengelingakholwa noma abangakholelwa kuNkulunkulu. Kunomsebenzi omkhulu ngempela okumele wenziwe lapha.
“Umhlaba wonke uvulelwe ivangeli. I-Ethopia ivule izandla zalo kuNkulunkulu. Ukusuka eJapan naseChina neIndia, ukusuka emazweni amnyama esifunda sethu, kwikota ngalinye lalomhlaba wethu, isikhalo siyezwakala ezinhliziyweni ezibulawa isono nolwazi lothando lukaNkulunkulu. Izigidi nezigidi azikezwa ngolwazi lukaNkulunkulu noma uthando Lwakhe olwembuliwe kuKristu. Yilungelo labo ukuthola lolulwazi. Banezimfuno ezilingana nezethu emuseni woMsindisi. Kungokwethu ukwamukela lolwazi, nabantwaa bethu esingabelana nabo, ukusabela isikhalo sabo.”-Education, pp. 262, 263.
Noma ukusakazwa kwesigijimi kungeke kwaba nenkululeko efanayo kwezinye izindawo njengezinye, iqiniso linakho ukuthola indlela ezinhliziyweni zabantu futhi kukhona amakholwa amaningi ebandleni lama Reformer ezindaweni ongazilindele. KuleSabatha sicela nikhulekele lomsebenzi kakhulu, ukuze uNkulunkulu asisize ukuba siqhubekele phambili ukulungisela eminye imiphefumulo umbuso Wakhe.
Ukuze iqiniso liqhubekele phambili, izimali ziyadingeka kakhulu ukusiza ukwakha indlu yokukhonzela nokuqhubela phambili inhloso yeqiniso inxenye yakulensimu ebanzi yokusebenza. Siyacela ukuthi ninikele ngesihle.
“Njengoba imvula yehla ivela ezulwini, futhi iqhwa elivela ezulwini, futhi lingabuyeli emuva, kodwa linisele umhlaba, yenza ukuba kuqhume isitshalo bese imfumbe, ukuze inikeze imbewu kumlimi, kanye nesinkwa kulowo odlayo: Liyakuba njalo izwil lami eliphuma emlonyeni wami: aliyi kubuyela-ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho“(Isaya 55:11).
Ngenxa yabazalwane bakho nodade abavela kude