Back to top

Sabbath Bible Lessons

izifundo EziKHISHWE Ezincwadini zika-peter (1)

 <<    >> 
Isifundo 3 ISabatha, Mbasa 20, 2024

Abantwana Abalalelayo BakaNkulunkulu

IVESI LEKHANDA “Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo” (1 Peter 1:22).

“Uma sibambelela kuKristu ngokukholwa, umsebenzi wethu yilapho uqala khona. Wonke umuntu unemikhuba eyonakele futhi enesono okumele ayinqobe ngempi enamandla. Wonke umphefumulo uyadinga ukuba ulwe ukulwa kokukholwa.”-Selected Messages, bk. 2, p. 20.

Izincwadi Ezinikeziwe:   Steps to Christ, pp. 43-48. 

NgeSonto Mbasa 14

1. UKUKHETHA IMICABANGO YETHU NGOKUCOPHELELA

a. Ngokuya ngeZwi likaNkulunkulu, ukulalela kweqiniso kuqala kuphi-na? 1 Peter 1:13, 14; Roma 12:2.

“Yonke imvuselelo yeqiniso iqala ngokuhlanza umphefumulo. Ngokugezwa kokuzalwa kabusha nokwenziwa ibentsha ingqondo ngamandla oMoya Ongcwele, lapho inguquko yenziwa khona ekuphileni.

“Ngokubhekka kuKristu siyaguqulwa. Uma ingqondo ihlezi ezintweni zesikhashana njalo, zonke lezinto ziyadonsa, futhi zithinta isimilo, ukuze inkazimulo kaNkulunkulu ingabonwa futhi ikhohlakale. Amathuba atholakalayo ukuze bazi izinto zasezulwini, awanakwa. Ukuphila kwesimoya kuyafa.”-Sons and Daughters of God, p. 105.

b. Igijimela kuphi inkambo yemvelo yemicabango nezisusa zomuntu-na? Genesis 6:5; Jeremiya 17:9.

c. Kuyini esizokwenza uma sibona ukuthi imicabango nezisusa zethu zingcolile-na? Izenzo 8:22.


NgoMvulo Mbasa 15

2. UKUHLUZEKA KOMCABANGO

a. “Singazibopha kanjani izinkalo zengqondo yethu” ngomqondo wangempela-na? Genesis 4:7.

“Labo abangeke bawa njengezinkwali zamacebo kaSathane, kufanele balinde kahle zonke izindlela zomphefumulo; kufanele bagweme ukufunda, ukubheka, nokuzwa lokhu okuzoletha imicabango engcolile. Ingqondo akufanele ishiywe ukuba izulazule phezu kwezihloko zonke lezo isitha semiphefumulo ezisilethayo. Inhliziyo kufanele ibe ngumlindi othembekile, noma ububi bangaphandle buzovusa ububi ngaphakathi, futhi umphefumulo uzozulazula ebumnyameni. ‘Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo,’ kubhala uPeter, ‘nizithibe.’.”-The Acts of the Apostles, p. 518.

b. Kungani kubalulekile kakhulu ukulawula imicabango yenhliziyo yethu-na? Izaga 23:7 (isigaba sokuqala); 24:9 (isigaba sokuqala).

“Imicabango kufanele ilethwe ngaphansi kwentando kaNkulunkulu, nemizwa ngaphansi kolawulo lwesizathu nenkolo. Umcabango wethu asiwunikwanga ukuba ugijime ngesidumo ube nendlela yawo, ngaphandle komzamo wesenqabelo kanye nokuqondisa. Uma imicabango imibi, imizwa izophambuka; uma imicabango nemizwa kuhlangene kwakha isimilo esilungile. Uma sinquma ukuthi njengamaKristu akudingeki ukuba sibambe imicabango nemizwa, silethwa ngaphansi komfutho wezingelosi ezimbi, nokumema ubukhona bazo nolawulo lwazo. Uma sizinikela ngaphansi kokucindezela kwethu sivumele imicabango yethu ihambe emzileni wokucabangela, ukungabaza, nokuphindisela, angeke sajabula, nokuphila kwethu kuzofakazela ukwehluleka.”-The Review and Herald, Mbasa 21, 1885.

c. Kungani umpostoli uPeter esincenga ukuba sihlale sisangulukile “sibenethemba kuze kube sekupheleni” ngenxa yomusa? 1 Peter 1:13 umqhathanise nesahluko 5:8.

“Linda ngokwethembeka imicabango yakho. Gcina konke okusondela enhliziyweni yakho kuqine kahle. Kufanele ubeke imigoqo yokumelana nokusondela kukaSathane. Ukulinda ngesinye isikhathi kuyilapho abanye benganakwa angeke kwasisiza. Kukhona izingozi phambi kwethu okufanele sihlangabezane nazo, futhi ukuphepha kwethu kuphela kukuNkulunkulu.”-This Day with God, p. 174.


Ngolwesibili Mbasa 16

3. BALEKELA IZINKANUKO ZAKUQALA UBE NGCWELE

a. Yimiphi imicijo eyahlukahlukene yokuphila kwethu okufanele ibe nomqondo ohluzeke ngokwedlulele ukuze sibengcwele-na? 1 Peter 1:14, 15; 4:2, 3.

“Makungabikho ozithophayo ngokuthi izono ezithokozelwe isikhathi eside zingayekwa kalula nje. Lokhu akulula. Sonke isono esithokozelwayo senza buthakathaka isimilo futhi siqinise umkhuba; ukonakala ngokomzimba, ingqondo, nokuziphatha kungumphumela. Ungase uphenduke ebubini obenzile, ubeke izinyawo zakho ezindleleni ezilungile; kodwa ukulolongwa kwengqondo yakho nokujwayelana kwakho nobubi kuzokwenza kubenzima kuwe ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi. Ngemikhuba ephambukile eyakhiwe, uSathane uzokuhlasela kaningi-ningi.”-Christ’s Object Lessons, p. 281.

b. Noma sihlala sikhunjuzwa ukuba sibe ngcwele (1 Peter 1:15, 16)-okungase kuzwakale ngandlela thize kungathi kungazuzwa ngemizamo yethu-empeleni, yiziphi izindlela ezinika amandla okuba ngcwele-na? Levi 20:7, 8; Filiphu 2:13; Thithu 3:5.

“Noma singenakho ukufaneleka okungokwethu, ngobuhle obukhulu nothando lukaNkulunkulu siyavuzwa kungathi ukufaneleka kungokwethu. Lapho sesenze konke okuhle esingakwenza, asizinceku zalutho….Lokhu esikwenzile obekufanele sikwenze kuphela ngomusa kaKristu, akukho mvuzo ongowethu ovela kuNkulunkulu okusekwe phezu kokufaneleka kwethu.”-The Review and Herald, June 27, 1893.

c. Emva kokucenga ukuba sisanguluke, kungani umpostoli esikhumbuza ngokwahlulela okuzayo-na? 1 Peter 1:17; Kolose 3:5, 6.

“Umsebenzi wonke womuntu udlula phambi kukaNkulunkulu futhi kubhalwa ukuthembeka noma ukungathembeki. Eceleni kwegama ngalinye ezincwadini zezulu kubhalwa ngesinwe esesabekayo izwi ngalinye eliphambukile, isenzo ngasinye sokuzifunela, wonke umsebenzi ongenziwanga, nasosonke isono esifihlakele, naso sonke isenzo sobuqili benkohliso. Izixwayiso ezithunyelwa yizulu noma ukusola okunganakwa, izikhathi ezichithiwe, amathuba angathuthukiswanga, umfutho ocindezelwe wokuhle noma wokubi, ngomphumela ofinyelela kude, wonke ubhaliwe yingelosi ethatha umbiko.”-The Great Controversy, p. 482.


Ngolwesithathu Mbasa 17

4. EHLENGIWE NGUKRISTU

a. Kuyini uPeter akuletha njengesizathu esihle sokubeka phambili imizamo yokunqoba izinkanuko zakuqala akwanele, kodwa futhi kungumsebenzi wethu-na? 1 Peter 1:4, 18, 19; 1 Korinte 6:18-20.

“Bonke abantu bathengwe ngenani elingapheli. Ngokuthulula ingcebo yonke yasezulwini kulomhlaba, ngokisinika uKristu usinike izulu lonke, uNkulunkulu uthenge intando, uthando, umphefumulo, nesidalwa sonke somuntu. Kungakhathaliseki ukuthi uyakholwa noma akakholwa, bonke abantu bayimpahla kaJehova. Bonke babizelwe umsebenzi Wakhe, futhi nangendlela abathe bahlangana nalolubizo, bonke kuzofanele balethe ukuziphendulela ngosuku olukhulu lokwahlulela.”- Christ’s Object Lessons, p. 326.

b. Icebo lensindiso lasungulwa nini-na? 2 Thimothi 1:8, 9.

“UNkulunkulu wayenolwazi lwezehlakalo zesikhathi esizayo, ngisho nangaphambi kokudalwa komhlaba. Akazange Enza izinhloso Zakhe zivumelane nezimo, kodwa wavumela izinto ukuba zithuthuke futhi zifezeke. Azange asebenzele ukuletha imibandela ethile yezinto, kodwa ubazi ukuthi isimo esinjena sizobakhona. Icebo okumele lenziwe ekuphambukeni kwanoma yiziphi izihlakaniphi eziphakeme zezulu-lena imfihlo, imfihlakalo ebifihliwe kusukela ezikhathini zaphakade. Futhi umnikelo walungiswa ngenhloso yaphakade ukwenza wonke umsebenzi uNkulunkulu awenzele isizwe esiwileyo.”-The Signs of the Times, Ndasa 25, 1897.

c. Kuvela kuphi ngempela ukukholwa kuNkulunkulu-na? Roma 10:17; 1 Peter 1:21.

“Akukho muntu ongadala ukukholwa. UMoya osebenza phezu kwengqondo yomuntu uyakhanyisa, udala ukukholwa kuNkulunkulu. EmiBhalweni ukukholwa kuthiwa kuyisipho sikaNkulunkulu, kunamandla ayise ensindisweni, akhanyisa inhliziyo yalabo abahlola iqiniso njengengcebo efihliwe. UMoya kaNkulunkulu ucindezela iqiniso enhliziyweni. Ivangeli kuthiwa lingamandla kaNkulunkulu kube yinsindiso ngoba nguNkulunkulu kuphela ongenza iqiniso libe ngamandla angcwelisa umphefumulo.”-The SDA Bible Commentary [E.G.White Comments], vol. 7, p. 940.


Ngolwesine Mbasa 18

5. UMQHELE WOKULALELA

a. Emva kokuncenga amakholwa ukuba alwe nezinkanuko zangaphambili, mgomo muni umpostoli awubeka njengendlela yokugcina ukulalela-na? 1 Peter 1:22.

“UPeter waqhubeka, ‘bhekani ukuthi nithandane ngenhliziyo ehlanzekile neshisekelayo.’ Izwi likaNkulunkulu-iqiniso-lingumzila lowo iNkosi embula ngawo uMoya namandla Akhe. Ukulalela izwi kuveza izithelo zenani elidingekayo.-uthando olungenakho ukuzenzisa kubazalwane.’ Lothando lwenzalo yasezulwini futhi luholela kwizinhloso eziphezulu nezenzo ezingenabugovu.”-The Acts of the Apostles, p. 519.

“Ngokubona ukuthi senihlambulile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya nize nithande abazalwane ngokungazenzisi . . . . Kubaluleke kangakanani-ke, futhi, ukuthi bonke ababamba lomsebenzi, labo abakhankasayo nalabo abasebenza ehovisini, balondoloze ngokwethembeka futhi benze izimiso ziphakeme kakhulu, isimiso esingcwele Sezwi likaNkulunkulu.”-The Publishing Ministry, p. 297.

“Sidinga ukuthokozele uthando ezinhliziyweni zethu. Akufanele silungele ukucabanga okubi ngabazalwane bethu. Kufanele sibeke isakhiwo kancane phezu kwalokhu abakwenzayo noma lokhu abakushoyo. Kufanele sibe ngamaKrestu eBhayibheli. [1 Peter 1:22 ngokuphindwa.]. . .

“Kufanele sihlole isimilo nemicabango kanye nemizwa yethu, intukuthelo yethu, izinhloso, amazwi, nezenzo….Ngaphandle kokuthi sihlole ngokucophelela sivivinye izinhliziyo ngokukhanya kwezwi likaNkulunkulu, ukuzithanda kwethu kuzosenza sibe nombono ongcono kakhulu kunalowo okufanele sibenawo.”-This Day with God, p. 83.

“Uma bekungekho ukusilela emaveni ethu, besingeke sacabangela abazalwane bethu. Yilowo onembeza wakhe omlahlayo okhipha isahlulelo ngokushesha. Ngamunye makathuthumele futhi azesabale ngokwakhe…. ‘Njengoba senihlambulile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, nize nithande abazalwane ngokungazenzisi.”- The Review and Herald, Mfumfu 29, 1901.


Ngolwesihlanu Mbasa 19

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Kufanele ngenzeni uma umcabango owonayo noma ongcolile ungena engqondweni yami-na?

2. Kufanele ngihlole kangakhi inhliziyo yami mayelana nemvelo yezinhloso zami-na?

3. Ngingakhulisa kanjani umuzwa ojulile wokuhlanzeka ekuphileni kwami-na?

4. Yini engathuthukisa ngokugcwele ukubonga kwami inani uJesu angikhokhela lona-na?

5. Luqotho kangakanani uthando lwami kubazalwane bami-na?

 <<    >>