NgeSonto
Mbasa 7
1. INCWADI EYA KUBALALELI ABAKHETHEKILE
a. UPeter ubhekisa kanjani kumaKristu ayehlakazeke eAsia Minor ngencwadi yakhe yokuqala eqondiswe kuwo-na? 1 Peter 1:1.
b. Lapho abalandeli bakaKristu beyizihambi kulomhlaba, uNkulunkulu ubabheka kanjani-na? 1 Peter 1:2; 2:9; Efesu 2:19.
“Abantu bakaNkulunkulu-uIsrayeli weqiniso-noma ehlakazeke ezizweni zonke, usemhlabeni kodwa uyisihambi, kodwa ubuzwe bakhe busezulwini.”-Patriachs and Prophets, p. 447.
“Isimo sokwamukelwa phakathi komkhaya weNkosi ukuthi siphume ezweni, sizehlukanise nomfutho wonke owonakalisayo. Abantu abakaNkulunkulu akufanele babe nokuhlangana nabakhonza izithombe noma zikweziphi izimo. Kufanele bafinyelele kwizinga eliphakeme. Kufanele behluke ezweni, futhi uNkulunkulu uthi, ‘Ngizonamukela njengamalunga omkhaya Wami wasebukhosini, abantwana beNkosi yasezulwini.’ Njengabakholelwa eqinisweni kufanele sehluke ngokwenza isono kanye nezoni. Ubuzwe bethu busezulwini.
“Kufanele siqonde ngokukhanyayo kakhulu ukubaluleka kwezithembiso zikaNkulunkulu azenzile kithi, sizithokozele ngokujulile kakhulu inhlonipho Yakhe asiphe yona.”-Fundamentals of Christian Education, p. 481.
NgoMvulo
Mbasa 8
2. ABAKHETHIWEYO BAKA-NKULUNKULU
a. Lapho uPeter esibiza “abakhethiweyo” bakaNkulunkulu, ingabe kusho ukuthi uma sesikhethiwe ngeke silahleke-na? Chaza ngokuqhathanisa uJohane 15:16 no-Luka 3:8, 9; Luka 6:13-16 no-Johane 6:70, 71; Isaya 41:8, 9 no-Roma 11:20-23.
“Lapho uJudasi ekhethwa yiNkosi yethu, indaba yakhe ayizange ibe yize. Wayenezi-mpawu ezithile ezinhle. Ekuhlanganeni kwakhe noKristu emsebenzini, ngokulalela izintshumayelo Zakhe, waba nethuba elihle lokubona amaphutha akhe. Waze wabekwa futhi yiNkosi yethu esikhundleni lapho azothola khona ukukhetha kwakhe ukuze athuthukise isimo sokuhaha noma asibone futhi asilungise. Wayephatha imali encane eqokelelwe ukupha abampofu kanye nezindleko ezidingekayo….
“Lemali encane kuJudasi bekuyisilingo esiqhubekayo . . . . UMsindisi wethu wamkhuza ngalomhawu wakhe. Lokhu kwaba buhlungu enhliziyweni kaJudasi, kwaze kwafinyelela lapho ngemadlana encane, wavuma ukukhaphela iNkosi yakhe. Kuzobakhona labo phakathi kwabagcini beSabatha abangenalo iqiniso enhliziyweni njengoJudasi.”-Testimonies for the Church, vol. 4, pp. 41, 42.
b. Yiziphi izimiso ezinkulu zokukhethwa “ngokuya ngolwazi lwangaphambili uNkulunkulu “alumisileyo-na? 2 Peter 3:9; 1 Thimothi 2:4; Efesu 1:4, 5.
“UBaba ubeka uthando Lwakhe phezu kwabakhethiweyo Bakhe abahlala phakathi kwabantu. Laba ngabantu uKristu abahlenga ngenani legazi Lakhe; futhi njengoba basabela ekudonseni kukaKristu, ngomusa omkhulu kaNkulunkulu, bakhethiwe ukuba basindiswe njengabantwana….Bakhe abalalelayo. Wonke ozozithoba njengomntwana, owamukela ukulalela Izwi likaNkulunkulu ngobulula bomntwana, uzoba phakathi kwabakhethiweyo bakaNkulunkulu.”-The Signs of the Times, Masingana 2, 1893.
c. Kuyini okufanele sikwenze ukuvikela ukukhethwa kwethu futhi sigweme ukuphinda isiphelo sikaJudasi esidabukisayo-na? 2 Peter 1:10; 3:17; 1 Johane 3:2, 3.
“Uma sivuma imibandela iNkosi eyibekile, sizovikela ukukhethwa kwethu ensindisweni. Ukulalela okuphelele imithetho Yakhe kungubufakazi bokuthi siyamthanda uNkulunkulu, futhi asenzi lukhuni esonweni.”-The SDA Bible Commentary [E.G.White Comments], vol. 6, p. 1079.
Ngolwesibili
Mbasa 9
3. AMAZWI ENKUTHAZO
a. Ngubani okubuyiselwa kuye yonke inkazimulo nokusikhetha ukusimisela ngaphambili insindiso-futhi kungani-na? 1 Peter 1:3; Amahubo 72: 18, 19.
“Ekuqaleni kwencwadi yakhe yokuqala inceku kaNkulunkulu eseyikhulile yabuyisela eNkosini yayo inkokhelo yokudumisa nokubonga. ‘Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu.”-The Acts of the Apostles, p. 517.
b. Yimaphi amazwi uPeter afuna ukududuza abazalwane ababhekene nokushushiswa okunzima-na? 1 Peter 1:3 (isigaba sokugcina), 4 Bheka kuHeberu 11:26.
“Ngalelithemba lefa eliqinisekile emhlabeni owenziwe waba musha, amaKrestu asendulo ajabula, ngisho nangezikhathi zezilingo ezinzima nokuhlupheka. ‘Enithokoza ngakho,’ uPeter wabhala, ‘nokuba kungokwesikhashana, uma kudingeka, nidabukiswa yizilingo eziyizinhlobo-nhlobo.’ “-Ibid. pp. 517, 518.
c. Kungani uNkulunkulu evumela izilingo, ukuhlupheka nobunzima ukuba kufike phezu kwabakhethiweyo Bakhe-na? 1 Peter 1:6, 7; Mathewu 5:11, 12.
“Izilingo nezihibe yizindlela iNkosi ezikhethile zokufundisa nezimeko Zakhe azimisileyo zempumelelo. Lowo ofunda izinhliziyo zabantu wazi izimilo zabo ngcono kunabo ukuba bazazi. Uyabona ukuthi abanye banamandla futhi banozwelo lolo, uma luqondiswa kahle, lungasetshenziselwa ukukhulisa umsebenzi Wakhe. Ngokuhlinzekela Kwakhe uletha labantu ezikhundleni ezahlukene nakwizimo ezinhlobonhlobo ukuze athole ezimilweni zabo ubuthakathaka obufihlakele olwazini lwabo. Ubanikeza ithuba lokulungisa lobuthakathaka abalungiselele umsebenzi Wakhe. Ngokuvamile uvumela umlilo wezinhlupheko ubakhukhule ukuze bahlanzwe.
“Iqiniso lokuthi sibizelwe ukubekezelela isilingo kubonisa ukuthi iNkosi uJesu ibona okuthile okuyigugu kithi efisa ukukukhulisa….INkosi ivumela abakhethiweyo Bayo ukubekwa esithandweni sezinhlupheko ukuze bafakazela isimo sokuthi bangabunjelwa umsebenzi Wakhe.”-The Ministry of Healing, p. 471.
Ngolwesithathu
Mbasa 10
4. AMAZWI MAQONDANA NOKUKHOLWA
a. Ngeyiphi indlela kuphela uNkulunkulu angasiletha ngayo “ensindisweni-na”? 1 Peter 1:5; Luka 8:48.
“Ukukholwa kuKristu okusindisa umphefumulo akusikho lokho okufanekiswa ngabaningi ukuthi kuyikho.’Kholwa, kholwa,’ ukukhala kwabo; kholwa kuKristu kuphela, uzakusindiswa. Yilokhu kuphela okumele ukwenze.’ Kuyilapho ukukholwa kweqiniso kuthembela kuKristu ngokuphelele ukuze usindiswe, kuzokuholela ekuvumelaneni ngokuphelele nomthetho kaNkulunkulu. Ukukholwa kubonakala ngemisebenzi.”-The Review and Herald, Mfumfu 5, 1886.
“Ukuze sigcinwe emandleni kaNkulunkulu ngokukholwa, okufiswa yingqondo kufanele njalo kwenyuke ngomkhuleko othulile wokucela usizo, ukukhanya, amandla, nolwazi. Kodwa umcabango nomkhuleko angeke kwathatha indawo yokuzimisela, ukuthuthuka okuthembekile kwesikhathi. Umsebenzi nomkhuleko kokubili kuyadingeka ukuphelelisa isimilo soMkrestu.”-God’s Amazing Grace, p. 317.
b. Kungani ukukholwa kudinga izilingo-na? 1 Peter 1:7; Jobe 23:10; Jakobe 1:3.
“Kwimpilo yokukholwa yomphefumulo ngamunye onqobayo ekugcineni kuzobakhona izehlakalo zokudideka okwesabekayo nezilingo; kodwa ulwazi lweMibhalo luzomsiza ukuletha engqondweni izithembiso ezikhuthazayo zikaNkulunkulu, ezizoduduza inhliziyo yakhe ziqinise ukholo lwakhe emandleni kaSomandla . . . . Isilingo sokukholwa siyigugu kunegolide. Bonke kufanele bafunde ukuthi lena inxenye yomyalo esikolweni sikaKristu, ebalulekile ukuhlanza nokucwenga amanyela ezinto zomhlaba.”-Ibid., p. 81.
c. Umpostoli uPeter uchaza kanjani umsuka wokukholwa-na? 1 Peter 1:8, 9. Qhathanisa lokhu nencazelo kaPawule ngokukholwa. Heberu 11:1.
“Masingakhohlwa nanini, ngisho nalapho sihamba esigodini, ukuthi uKristu unathi lapho sihamba ngokuthembeka ngokufana nalapho sisesiqongweni sentaba. Izwi lithi kithi, ‘Angeke yini ugingqele umthwalo wakho phezu koMthwali wemiThwalo, iNkosi uJesu Kristu-na? Angeke uphile ohlangothini lwelanga elibalele lesiphambano-na?.”-Mind, Character, and Personality, vol. 2, p. 811.
Ngolwesine
Mbasa 11
5. IMFIHLAKALO YENSINDISO
a. Kungani “ukusindiswa ngomusa” ngokukholwa, kubalula ukukuzwisisa emva kokuguqulelwa kukaKristu enyameni nokufa Kwakhe-na? 1 Peter 1:10-12; Luka 10:24; 1 Johane 1:1-3.
“Ngisho nabaprofethi ababethandwa ngokukhanya koMoya okukhethekile abazange bakuzwisisa ngokuphelele ukubaluleka kwezambulo ezenziwe….
“Nokho, bakufuna ngobuqotho bonke ukukhanya uNkulunkulu ayethanda ukukwembula…. Yeka isifundo sabantu bakaNkulunkulu esikhathini sobuKrestu, leziprofetho zanikezwa izinceku Zakhe!...ngenzuzo yabo! Qhathanisa ukushisekela kwabo okungcwele nokungakhathali okudelelekayo kulabo abathandwayo esikhathini sakamuva abaphatha ngayo lezipho zaseZulwini. Yeka ukukhuza kulabo abathanda ukuphila ngokunethezeka, ukungakhathali kokuthanda izwe elijabulela ukumemezela ukuthi iziprofetho angeke zaqondakala.”-The Great Controversy, p. 344.
b. Kungani icebo lensindiso liyimfihlakalo ngisho nakwizingelosi-na? 1 Peter 1:12 (isigaba sokugcina); 1 Korinte 4:9.
“Ngokuza ahlale phakathi kwethu, uJesu kwakumele embule uNkulunkulu kubantu nakwizingelosi…. Umhlaba wethu omncane uyincwadi eyisifundo sezulu nomhlaba. Inhloso kaNkulunkulu emangalisayo yomusa, iyimfihalakalo yothando oluhlengayo, isihloko leso ‘izingelosi ezilangazelela ukusibhekisisa.’ Futhi sizoba imfundo yazo iminyaka engapheli. Abahlengiweyo nezidalwa ezingawelanga esonweni zizothola esiphambanweni sikaKristu ulwazi lwengoma yazo.”-The Desire of Ages, pp. 19, 20.
Ngolwesihlanu
Mbasa 12
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Kuyini okumele kungikhumbuze ukuthi ngingumfokazi, nesihambi, kulomhlaba-lowo okungafanele azizwe esekhaya lapha-na?
2. Ngingalondoloza kanjani ukukhethwa kwami nensindiso yami-na?
3. Kuyini engingahloma kangcono ukuze ngithwale izilingo nezivivinyo ngesibindi-na?
4. Kuyini okuthanda ukwenza buthakathaka-noma kunike amandla-ukholo lwami-na?
5. Ngingalondoloza kakhulu kanjani isikhathi ngifunde ngecebo lensindiso ngokujulile-na?