NgeSonto
Lwezi 17
1. IKHAMBI LOKUPHOLISA USHEVU
a. Lapho sihlatshwa imikhuba yokukhuluma kwabantu abanomqondo omubi, uyini umyalezo kaNkulunkulu kithi, ngisho naphakathi kwakho konke-na? Jakobe 3:7, 8; Heberu 10:38.
“[Umzalwane u-J] izingelosi zezulu ziyamzwela, ngoba uzungezwe ngubumnyama. Izindlebe zakhe zilalela amazwi okungakholwa nobumnyama cishe ngezikhathi zonke. Unokungabaza futhi unemibuzo njalo ebhekiswe kuye. Ulwimi lingumhlaba wobubi. ‘Kepha akakho kubantu onamandla okulithambisa; lungububi obuyaluzayo, lugcwele isihlungu esibulalayo.’ Uma uMzalwane uJ enganamathela ngokuqinile kuNkulunkulu ezwa ukuthi angagcina ubuqotho bakhe phambi kukaNkulunkulu ngisho nangenani lokuphila kwakhe kwemvelo, uzothola amandla avela ngaphezulu. Uma evumela ukukholwa kwakhe kuthintwe ngubumnyama nokungakholwa okumzungezile-ukungabaza nemibuzo nokukhuluma kakhulu-masinyane kuzoba ngubumnyama nokungabaza nokungakholwa, angeke abe nokukhanya noma aqine eqinisweni.
“Akufanele acabange ukuthi ngokufuna ukuthambekela kubangane bakhe, labo ababi maqondana nokholo lwethu, uzokwenza kubelula kuye. Uma ema enenhloso eyodwa yokulalela uNkulunkulu noma kubizani uzothola usizo namandla. UNkulunkulu uyamthanda futhi uyamzwela uMzalwane u-J. Wazi konke ukudideka, konke ukudumala, wonke amazwi ababayo. Ujwayelene nakho konke. Uma engabekela eceleni ukungakholwa futhi eme kuNkulunkulu angashukunyiswa, ukholo lwakhe luzoqiniswa ngemisebenzi.”-Testimonies for the Church, vol, 4, pp. 236, 237.
NgoMsombuluko
Lwezi 18
2. INDABA ENOHLONZE
a. Kuyini okulotshiwe ngamazwi akhohlisayo navusa umunyu-futhi kungani kufanele sikhuleke ukuba sinqobe lesici kulokuphila-na? Amahubo 5:8-10.
“Ukukhuluma ngesinye sezipho zikaNkulunkulu kubantu. Ulwimi luyilunga elincane, kodwa amazwi eliwakhayo, azwakaliswa ngephimbo, elinamandla amakhulu. INkosi ithi, ‘Kepha ulimi akakho kubantu onamandla okulithambisa.’ Limise izizwe ukumelana nezizwe, futhi libangele izimpi nokuchitheka kwegazi. Amazwi okhela kabusha imililo obekunzima ukuyicima. Balethe futhi injabulo nokuthokoza emiphefumulweni eminingi. Uma amazwi ekhulunywa ngoba uNkulunkulu esho, ‘Khuluma kubo amazwi Ami,’ ngokuvamile adala usizi kuyo inguquko.
“Ithalenta lokukhuluma lihambisana nokuziphendulela okukhulu. Kufanele liqondiswe ngokucophelela; ngoba linamandla amakhulu okubi kanye nokuhle.”-The SDA Bible Commentary [E. G. White Comments], vol. 3, p. 1142.
“Uma ulingeka ukunikela ukubusa okukhululekile ngelunga elingalawuleki, maye! Beka enqondweni ingelosi ebhalayo ukuthi iloba izwi ngalinye. Bonke balotshiwe encwadini, futhi, ngaphandle kokuthi bahlanjululwe ngegazi likaKristu, bazohlangana nawo futhi. Manje unombiko omabhadubhadu ezulwini. Inguquko yangempela phambi kukaNkulunkulu uzokwamukeleka. Uma uzokhuluma amazwi avuthayo, vala umlomo wakho, ungakhulumi.”-Testimonies for the Church, vol, 2, p. 82.
b. Chaza ukuthi amazwi ethu agcwele kanjani lokhu esikucabangayo nalokhu esiyikho-na. Jeremiya 17:9; Mathewu 12:33-37; 14:6-8.
“Indikimba yenkulumo yembula ingcebo yenhliziyo. Inkulumo eshibhile nevamile, amazwi adudayo, ukuntela kobuwula, akhulunywayo ukuze kuhlekwe, angamathulusi kaSathane, futhi bonke abazitika ngalenkulumo bathengiselana ngempahla yakhe. Ukucindezela kwenziwa phezu kwalabo abezwa lezinto ngokufanayo nalokhu okwenziwa nguHerodi ngesikhathi indodakazi kaHerodiya idansa phambi kwakhe. Konke lokuthengiselana kulotshiwe ezincwadini zezulu; futhi ngosuku lokugcina olukhulu bazobonakala ekukhanyeni kwabo kwangempela phambi kwabanecala. Ngakho-ke bonke bazohlukanisa kubo ukuthatheka, ukusebenza kwenkohliso yomubi, yokubaholela endleleni ebanzi nesango elikhulu elivulekele ukushabalala kwabo.”-Testimonies to Ministers, pp. 84, 85.
Ngolwesibili
Lwezi 19
3. UKUPHELELA KWENHLIZIYO KUYADINGEKA
a. Kungani kufanele silindele inkulumo engaguquki kumakholwa akholwa yiqiniso lanamuhla-na? Jakobe 3:9, 10. Isiphi isixwayiso esinikezwayo uma sehluleka kulephuzu?
“Uma uthanda ukucindezela umkhuba wokuthi uNkulunkulu uyabona futhi uzwa konke okwenzayo nokukhulumayo, futhi ugcina umbiko othembekile wamazwi nezenzo zakho, nokuthi uzohlangana nakho konke, ngakho-ke izenzo zakho zonke namazwi kufanele alandele amazwi esazela esiphapheme sokuqondisa. Ulwimi lwakho luzosetshenziswa ukudumisa uNkulunkulu futhi lizoba ngumthombo wezibusiso kuwe nakwabanye. Kodwa uma usuka kuNkulunkulu, njengoba ulokhu ukwenza, qaphela hleze ulwimi lwakho lufakazele umhlaba wobubi lulethe phezu kwakho ukulahlwa okwesabekayo; ngoba imiphefumulo izolahleka ngenxa yakho.”-Testimonies for the Church, vol. 4, p. 244.
b. Yimuphi umthandazo ongasisiza ukuba sicabange futhi sikhulume singaguquki-na? Amahubo 86:11.
“Uma lowo owamukela ulwazi lweBhayibheli angenzi inguquko kwimikhuba yakhe noma izenzo zivumelane nokukhanya kweqiniso, kuyini -pho? Umoya ulwa umelene nenyama, nenyama ilwa imelene nomoya; futhi okukodwa kulokhu kumele kunqobe. Uma iqiniso lingcwelisa umphefumulo, isono siyenyanywa futhi siyagwenywa, ngoba uKristu wamukelwe njengesihambi esihloniphekayo. Kodwa uKristu akahlukanisi inhliziyo; isono noJesu abasebenzisani.”-Testimonies to Ministers, p. 160.
“Linda ukhuleke ngezikhathi zonke. Zinikele ngokuphelele eNkosini, angeke kwabanzima ukumkhonza uNkulunkulu. Unehlizyo embaxambili. Yisona sizathu esenza ubumnyama bukuzungeze, esikhundleni sokukhanya. Isigijimi sokugcina somusa manje siqhubekela phambili. Kuluphawu lokubekezela nesihawu sikaNkulunkulu. Woza, isimemo manje siyanikezwa. Woza, ngoba konke sekulungile. Lesi isimemo sokugcina somusa. Okulandelayo ukuziphindisela okuzwise uNkulunkulu ubuhlungu.”-Testimonies for the Church, vol. 2, p. 225.
“Kungenhliziyo yonke, abesilisa nabesifazane abazokuma manje. UKristu uthintitha abalandeli Bakhe njalo njalo, kuze kufinyelele isikhathi lapho kusele abayishumi nanye nabesifazane abambalwa abathembekile ukubeka isisekelo sebandla lamaKrestu. Kukhona labo abazomela emuva uma imithwalo kufanele ithwalwe. Kodwa uma lonke ibandla livutha, libamba ngomdlandla, lihlabelele futhi limemeza, futhi liba ngelijabulisayo; kodwa libhekeni. Lapho ukushisekela sekuphelile, kuphela lapho oKhalebi abambalwa abathembekile abazoza ngaphambili futhi babonakalise isimiso esiqinile.”-Ibid., vol. 5, p. 130.
Ngolwesithathu
Lwezi 20
4. AMANZI APHUMA EMTHONJENI OCWEBILE
a. Yisiphi isimiso esembula ukuthi inhliziyo entsha kuphela ngomusa kaNkulunkulu engaveza izenzo ezingaguquki-na? Jakobe 3:11, 12. Nikeza izibonelo zangempela.
“Ubunono nokuhleleka ekugqokeni, nokuhlanzeka yonke indawo ohlala kuyo, kufanele kuqashelwe ngokuqinile ngabagcini beSabatha, njengalabo ababhekwa njengesimanga, futhi okubhekwa amaphutha abo. Umfutho wabo kufanele ubengcwele. Amaqiniso angcwele esiwafakazelayo awasoze alulaza owamukelayo, kubenza baqine futhi babenolaka, abantu abanganaki, futhi abangamadlabha ezindlini zabo. Uma owamukelayo enemikhuba yobuvila, iqiniso liyamphakamisa, lisebenze kuye imvuselelo. Ngaphandle kokuthi iqiniso linalomphumela, umuntu ngamunye akanamuzwa wamandla asindisayo. Isambatho esinganakiwe futhi esingahlelekile akulona uphawu lokuthobeka. Lapha kukhona abazikhohlisayo. Ukuphila, izenzo, amazwi, azosho ukuthi ngabanye sinakho ukuzithoba kweqiniso, isambatho sizofakazela izithelo eziboniswayo. Umthombo ocwebile angeke [uthumele] ngaphambili amanzi amnandi nababayo. Hlanza umthombo nemizila izohlanzeka. Indlu kaNkulunkulu ngokuvamile ayinakwa ngabantwana babagcini beSabatha. Abazali babo bayavuma ukuthi bagijime phakathi kwendlu, badlale, bakhulume, basuse ukunaka kwabantu, babonise ukuziphatha okubi kuyoyonke imihlangano lapho kubuthene khona izikhonzi zikaNkulunkulu. Ngibonile ukuthi yonke imibuthano yabangcwele ukuthula okungcwele kufanele kubuse. Kodwa indlu lapho abantu bakaNkulunkulu behlangana khona yenziwe iBhabhilona ngokuphelele, indawo yesiphithiphithi kanye nokuxhamazela. Lokhu akumthokozizi uNkulunkulu. Uma abazali bengakwazi ukulawula, futhi bengakwazi ukuphatha abantwana babo emhlanganweni, uNkulunkulu angathokoza uma bengahlala emakhaya nabantwana babo abangalawuleki. Kungcono balahlekelwe imihlangano, kunokuba kucunuke inani elikhulu, nemihlangano yabo ibangela usizi. Uma abazali bebayeka abantwana babo bengabakhuzi, bengabathobeli nasekhaya, akufanele babayeke benze abakuthandayo emhlanganweni. Ngubani okumele ahlupheke kulendaba-na? Ngempela, abazali. Mabangazizwa befundekelwa uma abanye bengafuni ukuthula kwabo kuphazanyiswe uma behlangana ukukhonza uNkulunkulu.
“Bazali, yinina okufanele nihlupheke kulendaba, futhi ingakuholela ubone futhi uphelelise umsebenzi wakho ongawunaki. Uma uhamba nabantwana bakho endlini kaNkulunkulu, kufanele ubenze baqonde ukuthi baya lapho uNkulunkulu ehlangana nabantu Bakhe. Loluhlelo aluqashelwa phakathi kwabagcini beSabatha kulomcijo okhona emabandleni adumileyo. Bazali, ninomsebenzi okumele niwenze. Thambisani abantwana benu emakhaya, kanjalo uzobanakho ukubalawula endlini kaNkulunkulu.”-Spiritual Gifts, vol. 2, pp. 288, 289.
Ngolwesine
Lwezi 21
5. UKUHLAKANIPHA OKUMBATHISWE ULWAZI
a. Kungani ngamunye wethu kudingeka ahlolisise isimo sakhe sengqondo kusukela ngaphakathi kuye ngaphandle-ngobuqotho benhliziyo-nangezwi, nangesenzo-na? 2 Korinte 13:5.
“Zihloleni-nina, nibone ukuba nisekukholweni yini, nizivivinye-nina’ (2 Korinte 13:5). Gxeka ngokuseduze intukuthelo, isimo, imicabango, amazwi, ukuthambekela, izinjongo, nezenzo. Singazicela kanjani ngokuhlakanipha izinto esizidingayo ngaphandle kokuba sibonise ngeMibhalo isimo sempilo yethu yesimoya-na?”-Selected Messages, bk. 1, p. 89.
“Bazalwane bami nodade, nisebenzisa kanjani isipho sokukhuluma-na? Nifundile yini ukulawula ulwimi ukuthi lihloniphe njalo isazela esikhanyiselwe nothando olungcwele-na? Ingabe inkulumo yakho ikhululekile ekudlaleni, ukuzigabisa, nenhliziyo embi, inkohliso nokungcola-na? Awunawo amanga phambi kukaNkulunkulu-na? Amazwi anomphumela onamandla ohlalayo. USathane, uma kwenzeka, uzogcina ulwimi lukhuthele emsebenzini wakhe. Thina ngokwethu asikwazi ukubamba ilungu elingalawuleki. Umusa ongcwele kuphela oyithemba lethu.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 175.
“Lowo ozibeka ngokwakhe ngokuphelele ngaphansi kokuholwa nguMoya kaNkulunkulu, uzothola ukuthi ingqondo yakhe iyanetshwa futhi ikhuliswe. Uthola imfundo emsebenzini kaNkulunkulu ongekho ohlangothini olulodwa futhi oluphuthayo, olukhulisa isimilo ohlangothini olulodwa, kodwa omunye umphumela olingene nophelele. Ubuthakathaka obuthe babonakaliswa intando entengayo nesimilo esingenamandla, siyanqotshwa, ukuzinikela okuqhubekayo nozwelo oluletha umuntu kubudlelwano obusondele noKristu ukuthi unomqondo kaKristu. Futhi umunye noKristu, unesimiso esiqinile nesinamandla. Ukubona kwakhe kubukhali, futhi wembula ukuthi ukuhlakanipha kuvela kuNkulunkulu.”-Selected Messages, bk. 1, p. 338.
NgoLwesihlanu
Lwezi 22
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Kufanele ngiphendule kanjani lapho ngibhekana nengxoxo enobuthi-na?
2. Uma abantu besho izinto, empeleni kubonisani ngabo-na?
3. Chaza impi ehlasela ingqondo yomuntu, futhi inganqotshwa kanjani.
4. Yimiphi imikhuba, ukuthambekela kwami okungase kubonise amanzi angcolile ngaphakathi-na?
5. Kukanjani futhi kungani indlela yokuziphatha kwami uma ngikhuluma kufanele iguqulwe-na?