NgeSonto
Zibandlela 1
1. UKUSEBENZA OKUNGENABO UBUGOVU
a. Yisho izimfanelo ezimbili zokugcina ezibalwa ohlwini lokuhlakanipha kozalo-lwasezulwini. Jakobe 3:17 (isigaba sokugcina).
“Umpostoli uJuda uthi: ‘Abanye abangabazayo, nibahawukele.’ Lomehluko akufanele usetshenziswe ngomoya wobandlululo. Akukho ukubheka ubuso okumele kunikezwe emoyeni othi: ‘Uma ungithanda, nami ngizokuthanda.’ Lona ngumthetho welizwe, ongangcweliswanga, lowo othukuthelisa uNkulunkulu. Lena yinkokhelo yomusa nokutuswa ngenxa yenzuzo. Kubonisa ukukhetha kwabathile, belindele ukuthola amandla ngabo. Kungenxa yokufuna intando yabo enhle ngokuzitika, ukuze sithathwe njengabafanelekile kakhulu kunabanye ngokugcwele njengathi.”-Testimonies for the Church vol. 4, pp. 221, 222.
“UNkulunkulu akajabuleli umsebenzi wobuvila owenziwa emabandleni. Ulindele ukuthi izinceku Zakhe ziqiniseke futhi zithembeke ekunikezeni ukukhuza kanye nokuqondisa. Kufanele zixoshe isiphambeko ngokuya ngomthetho kaNkulunkulu awunikile ezwini Lakhe, kungesikho ngokuya ngemibono yabo nokuzizwa. Azikho izindlela ezilukhuni okumele zisetshenziswe, kungabikho ukungalungi, ukujaha, ukwenziwa komsebenzi ngokuzizwa. Imizamo eyenziwayo ukuhlanza ibandla ekungcoleni kwalo makwenziwe ngendela kaNkulunkulu. Akufanele kubekhona ukukhetha, kungabikho ukuzenzisa. Kufanele kungabikho abathandwayo, labo izono zabo zibhekwa njengokona okuncane kunabanye. Maye, sidinga kanjani sonke ukubhajadiswa ngoMoya Ongcwele. Kanjalo sizosebenza ngomqondo kaKristu, ngokuthamba, ngomusa, ngozwelo, ngesihawu, sibonisa uthando kowonayo lapho sizonda isono ngenzondo ephelele.”-The Ellen G. White 1888 Materials, p. 144.
NgoMsombuluko
Zibandlela 2
2. UKUMELA UKRISTU NGOKUFANELE
a. UKristu angamelwa ngendlela efanele kanjani ngamazwi ethu-na? Jakobe 3:18.
“Kulula ngamazwi ethu ukuvuma uKristu kodwa ngezenzo zethu simphike. Izithelo zikaMoya ezibonakala ekuphileni zingukuvuma Yena. Uma sidela konke ngenxa kaKristu, izimpilo zethu zizothotshiswa, nokukhuluma kwethu kwasezulwini, ukuziphatha kwethu kungasoleki. Umfutho onamandla, weqiniso elihlanza umphefumulo, nesimilo sikaKristu esifanekiswa ekuphileni, kungukuvuma Yena. Uma amazwi okuphila okuphakade etshalwa ezinhliziyweni zethu, sisoveza isithelo esilungile nesinokuthula. Singamenqaba uKristu ekuphileni kwethu ngokuzitika ngothando lokunethezeka noma uthando lukamina, lokuntela namahlaya, lokufuna udumo lwezwe. Singamphika Yena ngokubukeka kwethu kwangaphandle okuvumelana nelizwe, nokubukeka kokuzidla noma izambatho zenani eliphezulu. Kungenxa yokubheka njalo nokubekezela nokukhuleka ungaphezi esingaba nakho ukubonisa ekuphileni kwethu isimilo sikaKristu noma umfutho ongcwelisayo weqiniso. Abaningi baxosha uKristu emindenini yabo ngokuba nomoya ongenakubekezela, nolukhuni. Abanjalo kukhona abangakunqoba kulomcijo.”-Testimonies for the Church vol. 1, pp. 303, 304.
b. Ngeyiphi imikhuba evamile kumuntu evuvuzela ekuphileni kwansuku zonke okudingeka ukunqotshwa ngempela-futhi kungani? Jakobe 4:1-3.
“Kuyinto edabukisayo ukungenami ngalokhu okusizungezile noma izimeko ezisibeke kuzo lapho imisebenzi yethu ibonakala izothile futhi ingabalulekanga. Imisebenzi esithekile nezothile ayithandeki kuwe; awuhlaliseki, awuzinzanga, futhi awuneliseki. Konke lokhu kuvela ngenxa yobugovu….
“Labo abathi bangamaKrestu abahlala njalo bebubula futhi bekhononda, ababonakali becabanga ukuthi injabulo nobuso obuthokozile njengesono, abanalo uhlamvu ngempela lenkolo.”-Ibid., vol. 3, p. 334.
“Ngingadla yini isilinganiso esiphindwe kabili manje nangesikhathi esizayo, ngoba kunambitheka kumnandi, ngingaguqa kanjani ngicele uNkulunkulu ukuba angisize emsebenzini wami wokubhala, uma ngingatholi umcabango wecala lokuminza kwami-na? Ngingacela uNkulunkulu ukuthi anakekelo umthwalo ongenasidingo esiswini sami-na? Lokhu kusho ukudumazeka Kwakhe. Lokhu kuzobangela ukuchithwa kwenkanuko. Manje ngidla lokhu engicabanga ukuthi kuhle, futhi bese ngicela Kuye amandla okwenza umsebenzi angiphe wona ukuba ngiwenze.”-Ibid., vol. 2, pp. 373, 374.
“Lapho inkolo kaKristu ilawula inhliziyo, unembeza uyavumelana, futhi ubusa ukuthula nenjabulo; ukudideka nobunzima kungase kukuzungeze, nokho kukhona ukukhanya emphefumulweni.”-Ibid., vol. 4, p. 47.
Ngolwesibili
Zibandlela 3
3. UKUBALEKELA IZIHIBE EZIVAMILE
a. Yimuphi umgomo obalulekile wokuxhumana kwangempela noKristu, uma kuqhathaniswa nokholo olungajulile ngokwegama kuphela-na? Jakobe 4:4.
“Labo abaqala ukuphila kwabo kobuKristu ngokuba mbaxa-mbili, ekugcineni bazotholakala besohlangothini lwesitha, noma ngabe bekuyinhloso yabo yokuqala. Futhi ukuba ngumhlubuki, imbuka emsebenzini kaNkulunkulu, kubi kakhulu kunokufa; ngoba kusho ukulahlekelwa ukuphila okuphakade.
“Abesilisa nabesifazane abambaxa-mbili basebenzisana ndawonye noSathane. Noma yimuphi umbono abanawo ongowabo, bayambuluza. Bonke abathembekile kuNkulunkulu nakulo iqiniso mabeme baqine bemela okulungile ngoba kulungile. Ukuhlanganyela nalabo abangengcwele, bese uyathembeka eqinisweni, angeke kwenzeka ngempela. Angeke sihlanganyele nalabo abazikhonzayo, abasebenza ngamacebo elizwe, futhi singalahlekelwa ukuxhumana noMluleki wasezulwini. Singazithola sisuka kumaqhinga esitha, kodwa sicindezelwe futhi silimale, futhi amava ethu ambashiswe.”-The Review Herald, Mbasa 19, 1898.
b. Kungani kufanele sisiphule ngokuqinile yonke imikhuba yokuba nomona-na? Jakobe 4:5, 6.
“Iphutha elilodwa elikhulu likaSawule bekungukuthanda ukutuswa. Lesici besinomfutho wokulawula phezu kwezenzo zakhe nemicabango; konke bekuphawula isifiso sokudunyiswa nokuziphakamisa. Isilinganiso sakhe sokulunga nokungalungile bekuyisilinganiso esiphansi sokubongwa okuvamile. Akukho muntu ophephile ophilela ukujabulisa abantu, futhi ongafuni ukutuswa kuqala nguNkulunkulu.”-Patriachs and Prophets, p. 650.
“Umona yiwona owenza uSawule abelusizi futhi wafaka indaba yombuso wakhe engozini. Kukhona ukufundekela okungashiwongo lesici sobubi besimilo esikwenzayo emhlabeni wethu! Ubutha obufanayo babukhona enhliziyweni kaSawule okwashukumisa inhliziyo kaKayini ukumelana noAbela umfowabo, ngoba imisebenzi kaAbela yayilungile, noNkulunkulu wayamukela, kodwa imisebenzi kaKayini ibimibi, neNkosi ayikwazanga ukumbusisa. Umona yisithelo sokuziqhenya, futhi uma uthokozelwa enhliziyweni, uzoholela kwinzondo, futhi ekugcineni ukuziphindisela nokubulala kuyalandela.”-Ibid., p. 651.
“Ukuzithoba, uthando, kanye nokubonga kuNkulunkulu ukugcina ukukhanya kwelanga enhliziyweni, noma usuku luhlala luguqubele. Ukuzidela kanye nesiphambano sikaKristu siphambi kwenu. Uzosiphakamisa yini isiphambano.”-Testimonies for the Church, vol. 4, p. 47.
Ngolwesithathu
Zibandlela 4
4. UKUQAPHELA NOKUTHOBEKA
a. Isiphi isici esibalulekile esisinikeza ukunqoba kwangempela kuKristu-na? Jakobe 4:7.
“Abanye bazizwa benesidingo senhlawulelo, futhi ngokubona lesidingo, nesifiso senguquko yenhliziyo, umshikashika uyaqala. Ukudela eyabo intando, hleze izinto abazikhethile ezibathathekisayo noma abazilandelayo, zidinga umzamo, lowo abaningi bewungabaza futhi bakhubeke babuyele emuva. Kodwa lempi kufanele iliwe inhliziyo ngayinye ephenduke ngempela. Kufanele silwe nezilingo ezimelene nathi ngaphandle nangaphakathi. Kufanele sinqobe umina, sibethele ukunaka nezinkanuko; bese kuqala ubudlelwano bomphefumulo noKristu. Lapho ukoma nokungabi nempilo kwegatsha elixhunywe emthini ophilayo, kanjalo singaba ngamagatsha Omvini Weqiniso. Futhi isithelo esingalethwa nguKristu sivezwa yibobonke abalandeli Bakhe. Emva kokuba lobunye sebakhiwe, bungalondolozwa kuphela ngokuqhubeka, ukuphikelela, umzamo onesineke. UKristu usebenzisa amandla Akhe ukulondoloza nokulinda lesibopho esingcwele, nalabo abaphethe, isoni esingenakho ukuzisiza kufanele senze eyaso inxenye ngamandla angapheli, noma uSathane ngolunya lwakhe, ngamandla obuqili uzomehlukanisa noKristu.
“Wonke uMkrestu kufanele ame elindile njalo, abheke yonke indawo yomphefumulo lapho uSathane angathola indawo yokungena. Kufanele akhulekele usizo olungcwele futhi ngokufanayo amelane ngokuqinisela konke ukuthambekela esonweni. Ngesibindi, ngokukholwa, umsebenzi ophikelelayo, anganqoba. Kodwa makakhumbule ukuthi ukuzuza ukunqoba kuKristu kufanele ahlale Kuye naye kuKristu.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 47.
b. UPawule uyenanela kanjani incazelo kaJakobe maqondana nokuqina kwesimoya ekuphileni koMkrestu-na? Roma 6:6-11.
“Ukunaka ezomhlaba, ubugovu, inkanuko, yilokhu okudla isimoya nokuphila kwabantu bakaNkulunkulu.”-Ibid., vol. 1, p. 141.
“Sidinga ukholo oluqinile nokuzinikela okushiseka ngokwengeziwe. Kufanele ubumina bufe, futhi engqondweni nasenhliziyweni sizothokozele uthando lokudumisa uMsindisi wethu. Lapho simfuna uJehova ngenhliziyo yonke siyakumfumana, futhi izinhliziyo zethu zivutha ngothando Lwakhe. Ubumina buzoshona bungabonakali, noJesu uzakuba yiko konke nakho konke emphefumulweni….
“Kufanele sisondele kuNkulunkulu. Kufanele sisebenze kanye Naye, uma kungenjalo ubuthakathaka namaphutha azobonakala kukho konke esikwenzayo.”-Ibid., vol. 6, p. 51.
Ngolwesine
Zibandlela 5
5. UKUMISA KANCANE UKUZE SIKHULEKE NGOKUFANELE
a. Yisiphi isiqiniseko nokunxusa okufanele kuzwakale komunye nomunye wethu ekulweni nemikhuba yethu emibi-na? Kolose 3:1-3; Jakobe 4:8, 9.
“Angeke kwenzeke nakoyedwa ukuhlukanisa iqiniso lapho umhlaba unokwako okuthathekisayo. Umhlaba ungena phakathi kwabo noNkulunkulu, ufiphaza ukubona kwabo wenze buthuntu imizwa kuze kufinyelele ezingeni okungeke kwenzeka ukuhlukanisa izinto ezingcwele. UNkulunkulu ubiza labo: ‘Hlanzani izandla nina-zoni; nihlambulule izinhliziyo-nina banhliziyombili. Yibani lusizi, nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu kuphenduke ukudabuka, nokujabula kube ngukujabha. Labo abathe bangcolisa izandla zabo ngokungcola komhlaba kufanele bazihlanze ngokwabo amachaphazelo alo. Labo abacabanga ukuthi bangakhonza umhlaba babuye bathande uNkulunkulu banomqondo ombaxambili. Kodwa angeke bakhonza uNkulunkulu nomamona. Bangabantu abamqondo mbili, ukuthanda ilizwe nokulahlekelwa yiyo yonke imizwa yezibopho zabo kuNkulunkulu, nokho befakazela ukuba ngabalandeli bakaKristu. Abayona into eyodwa noma enye. Bazolahlekelwa imihlaba yomibili ngaphandle kokuba bahlanze izandla zabo futhi bahlanze izinhliziyo zabo ngokulalela izimiso ezicwebile zeqiniso.”-Testimonies for the Church, vol. 1, pp. 530, 531.
b. Kuyini okwenzekayo uma siguqa phambi kukaNkulunkulu ngokuzithoba-na? Amahubo 34:18; 1 Peter 5:6, 7.
“Uma uzithoba manje phambi kukaNkulunkulu, uvuma iziphambeko zakho, futhi ubuyele Kuye ngenhloso ephelele ngenhliziyo, okwakho kungaba umndeni ojabulile. Uma ungakwenzi lokhu, kodwa ukhethe eyakho indlela, injabulo yakho isekupheleni.”-Ibid., vol. 2. p. 304.
NgoLwesihlanu
Zibandlela 6
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Ngokuphenyisisa ngokujulile imisuka-yami ngaphakathi, yiziphi izici engingase ngibe umzenzisi kuzo-na?
2. Yisho ezinye izindlela amazwi ethu avame ukuhlanekezela ngazo uKristu-na?
3. Kungamuphi umqondo umona ungukuphika okunzima ukholo-nokuhlambalaza uNkulunkulu-na?
4. Kungani kufanele ngife kumina ukuze ngiphile kuKristu-na?
5. Lesifundo sifingqa kanjani ezinye zezinkinga zangempela okufanele ngizinqobe-na?